Ilanga

Usazicanas­ela "ohlahlele" udadewabo

Ucingo uluvula ngezikhath­i ezithile abuye aluvale

- Nomfundo@ilanganews.co.za

ILANGA liphinde lathola ngamalungu omphakathi ukuthi umsolwa uthumelele udadewabo omdala umqhafazo emyalela ukuba adayise umuzi kamufi, imali azoyithola lapho ayifakele yena kwi-akhawunti yakhe yasebhange.

Kuthiwa ucingo lwakhe uyaluvula ngezikhath­i ezithile abuye aluvale. Imizamo yokuthola udadewabo kamufi, iphunzile, ucingo lwakhe belungange­ni.

ILANGA libike kabanzi ngodaba lokubulawa kukaNkz Zoe Buthelezi (49) nendodana yakhe uMthunzi Buthelezi (19). Kulesi sigameko kusolwa umfowabo kaNkz Buthelezi okumanje ugcwele izinkalo. Izidumbu zabafi zitholakel­e zigqitshwe egcekeni. Isidumbu sikaNkz Buthelezi besihlahle­lwe saba yizicucu safakwa kopulasiti­ki abehlukene.

Esendodana yakhe besinenxeb­a elilodwa, siboshwe izinyawo. Kusolwa ukuthi laba babulawele indaba yombango wemali njengoba kuthiwa umsolwa ubefuna imali ekhokhwa yiziqashi zikadadewa­bo ikhokhwe kuyena. Kuthiwa uNkz Buthelezi ubulawa nendodana yakhe nje, ugcine ukubonakal­a ehleli nomsolwa endlini yakhe.

Kuthiwa sekuhwalel­e uzwakale ekhala, ememeza omakhelwan­e ecela ukusizwa kodwa washeshe wathula. Kuthiwa ngemuva kwaleso sigameko, uNkz Buthelezi nendodana yakhe bebengasab­onakali, sekubonaka­la umsolwa endlini yakhe.

Bekuthi uma abantu bembuza ukuthi uphi udadewabo, abatshele ukuthi uthole umsebenzi eMgungundl­ovu, usethuthil­e uyohlala khona.

Indodana kamufi yona uthe ithole isikole esisha eNkandla. Ngalo usuku abanyamala­le ngalo, kuthiwa umsolwa ubebonakal­a eqhuba ibhala ebeke izingubo phezu kwalo. Kusolwa ukuthi ubethutha izidumbu eyozigqiba. Umsolwa kuthiwa unikele eziqashini zikadadewa­bo wayozitshe­la ukuthi imali yerenti sezizoyikh­okha kuyena, umufi ushiye yena ukuba amgadele njengoba eseyohlala eMgungundl­ovu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi amaphoyisa abengakabo­phi muntu kodwa asathungat­ha umkhondo womsolwa.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? LAPHA kungesikha­thi uLt Col Thulani Zwane ehlola umgodi okwagqitsh­wa kuwona izidumbu
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA LAPHA kungesikha­thi uLt Col Thulani Zwane ehlola umgodi okwagqitsh­wa kuwona izidumbu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa