UTHINI UMBONO WAYO?
Yisakhiwo somthetho esisungulwe ngonyaka we-1994 ukuphatha izindaba zomhlaba ongowabantu abampisholo baKwaZuluNatal ngokwendabuko, bemelwe yiSilo. Isikhwama lesi siphethe ama-29,67% omhlaba waKwaZulu-Natal, olinganiselwa ezi-28 000 square km.
Phambilini lo mhlaba ubuphethwe wuhulumeni waKwaZulu, obuholwa yiNkosi Mangosuthu Buthelezi, ingundunankulu. Ebhodini yeNgonyama Trust kukhona iSilo okuyisona usihlalo wayo namalungu ayisi-8 aqokwa wuMnyango wezokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya kuZwelonke ngokubonisana neSilo, uNdunankulu waKwaZulu Natal, noSihlalo weNdlu yoBuholi beNdabuko KwaZulu-Natal (okuyiNkosi Phathisizwe Chiliza njengamanje).
Engxoxweni ILANGA elibe nayo neJaji Sipho Ngwenya elingusihlalo webhodi yezikhulu zalesi sikhwama, kuhlaluke ukuthi abanikazi bezwe bekungamakhosi ezizwe ezakhe umbuso waKwaZulu.
Kuthe uma kufika abamhlophe balithatha leli zwe, kwathi isikhulu esabe saziwa ngomphathi-jikelele ( governor general) sanikezwa amandla okulengamela, kangangoba sasibizwa ngenhlokokazi ( supreme chief) ngokwenqubo yombuso wamaNgisi. Kamuva, lawo mandla kwaba ngakamengameli wezwe ayewasingethe ngohlelo lweSouth African Development Trust (SADT).
Kuthe ngokuvela kohlelo lohulumeni bezabelo, indawo yathathwa kuyo le SADT. Kuthe ngokuphela kohlelo lohulumeni bezabelo, uhulumeni waKwaZulu wasungula iNgonyama Trust ukuze kuvikeleke lowo mhlaba omncane owawusasele. Kwasungulwa nebhodi yezikhulu amalungu ayo aqokwa ngungqongqoshe kazwelonke emnyangweni oqondene nezindaba zomhlaba, ngokubonisana neSilo.
Ibhodi lena engaphansi kukaSchedule 3A Public Entity (kuhulumeni) phansi kukangqongqoshe wezemihlaba nezokuthuthukisa kwezindawo zasemakhaya (okunguMnu Gugile Nkwinti njengamanje), isebenza phansi komthetho wokuphathwa kwemali kahulumeni, iPublic Finance Management Act.
Lokhu kwenza uhulumeni ukwazi ukwabela ibhodi imali yomsebenzi wayo. Umbiko wonyaka webhodi yezikhulu yiwona oveza kahle imininingwane ngokwabiwa kwemisebenzi emqoka nokucacisa kahle iqhaza lebhodi yalesi sikhwama.
INgonyama Trust yona ingumnikazi wetayitela lomhlaba egameni labantu bonke abakhe kuwona. Ngokuba ngumnikazi wetayitela lomhlaba wabantu, yiyona evikele amalungelo obunikazi bomhlaba egameni labantu phansi kweSilo. Kukubantu-ke ukuzithuthukisa kodwa besendaweni okungeyabo ngokwendabuko.
Ngokwencazelo yeJaji Sipho Ngwenya, Umbono wayo wukuhamba phambili ekuphathweni komhlaba womphakathi osemakhaya ngendlela evikelekile. Umgomo wayo wukuba nomnikelo ekwenzeni ngcono izinga lempilo yezakhamizi zasezindaweni zasemakhaya ohlala emhlabeni olawulwa iNgonyama Trust.
Lokhu kwenziwa ngokuqinisekisa ukuthi umhlaba uphethwe ngendlela eyenza kuhlomule izakhamizi ngokulandela imithetho yezwe; nokusungula amaqhinga ezamabhizinisi okuthuthukisa inhlalo nomnotho emphakathini ohlala eendaweni ephethwe yilesi sikhwama.
UMnu Zwakele Mncwango, ohola iDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, uthe umbono weqembu lakhe ngalolu daba wukuthi ikomiti likaMnu Motlanthe liyagagamela uma lithi makuvele kuthathwe izinqumo ngalolu daba.
Zingaba khona izingxoxo ngendaba yomhlaba kwazise yiyona ehamba phambili emzabalazweni wenkululeko yabomdabu. Uthe bekufanele kuqalwe kuxoxwe ukuthi ngokwesimo samanje umuntu ofisa ukuthuthukisa umphakathi wangakubo esebenzisa umhlaba, ngeke akwazi ukukwenza lokhu ngoba akakwazi ukuba netayitela emhlabeni wamakhosi angalisebenzisa njengesibambiso uma eboleka imali yokuqala umsebenzi webhizinisi.
Uthe ubona kufanele lezi zingxoxo zie phakathi kosopolitiki namakhosi.