Sebenzisa onakho ukuphemba okunye
PHAMBILINI iNingizimu Afrika ibigqame ngabantu abakhuthele, abebephila ngokuzenzela. Ngisho nasezindaweni zasemakhaya abantu bebelima, benza neminye imisebenzi ebibangenisela imali yokuziphilisa.
Umuntu ongasebenzi ubenayo indlela yokuzama impilo engenabo ubugebengu. Imizi ibinezivande zemifino kudliwa ukudla okusha okuvela emhlabathini futhi okunomsoco izikhathi eziningi. Ukukhuthala komzimba nengqondo bekuyizinto ezibalukekile abantu abebephila ngazo.
Ubuthola ukuthi obaba basebenza eGoli noma eThekwini okanye kwelinye idolobha elikhulu bashiye omama nezingane ekhaya. Omama bebesala basebenzise le mali encane eposwa ngobaba, bayandise ngokudayisa noma ukwenza eminye imisebenzi ebilekelela ekuthuthukiseni ikhaya. Ngibona sengathi izinto ziyashintsha manje, ubuvila bumi ngenhla kubantu bakithi. Sengathi abantu sebengobhekukuphiwa kakhulu manje.
Sekunomkhuba wokungakuthandi ukuzenzela, abantu bahlale benomuntu abazomsola ngokuswela kwabo. Umuntu akafuni ukusebenzisa okukhona ukuze akhe okunye okungcono nokungaphezu kwalokho anakho. Abanye basola uhulumeni bathi kawubenzeli lutho kodwa lokhu osubenzele khona kabakwandisi ngalutho.
Kunezintokazi ezihlalele ukusola oyise bezingane zazo zithi kabondli, okanye bathumela imali encane ngoba kabakwazi ukusebenzisa eyabo ingqondo bacabange ukuthi yini abangayenza ukwandisa lokhu abakutholayo.
Omunye umthola ebukela phansi eminye imisebenzi engamnika inzuzo ngoba ethi kayikho ezingeni lakhe lempilo asezibeke kulona. Angamane ancamele ukuxakeka angabi nalutho kunokuba azame ngoba ebukela phansi eminye imisebenzi.
Abanye balinde amathenda abangazi bazowathola kuphi futhi nini, engabe umuntu uzama ukwenza okuthile okuncane ethi eyithola leyo thenda ebe evele enokuthile akwenzayo. Abanye bathi bezama kube kukhona abababukela phansi bethi benza uhlobo lwemisebenzi esezingeni eliphansi, besho bona besonge izandla belinde isibonelelo sikahulumeni naso abangasilekeleli ngalutho.
Intshisekelo yokuzithuthukisa kubantu bakithi ibukeka isezingeni elincane kakhulu, okugqamile wukufuna ukuncela kwabanye nokulindela izimangaliso ezizokwenziwa ngabanye abantu, hhayi ukuzizamela. Abantu bayakhohlwa ukuthi imali oyiphiwe nongayijulukelanga uvama ukuyisebenzisa budlabha ngoba kawazi ukuthi itholakake kanjani. Le oyisebenzele nawe uyisebenzisa ngobuhlakani futhi uzama ngayo yonke indlela ukuthi ingapheli.
Abantu bakithi bayakudinga ukugqugquzelwa ngokuzenzela nangokuzimela, ikakhulu intsha yethu ngoba yiyona ebukeka ithanda impilo esezingeni eliphezulu kodwa engafuni ukuyisebenzela. Ifuna kuhlale kunabantu abazoyenzela, yona iqhamuke seyivuna lapho ingatshalanga khona. Ukuzijwayeza ubuvila kulimaza ngisho nengqondo, igcina ingasacabangi, isihlale ilinde ukwenzelwa. Kuwumkhuba omubi ukuzijwayeza ukudla ngandoda wena ungabe usazihlupha ngokuziqalela okwakho. Umuntu akathi eswenka efuna nezinto ezinamagana, abe azi ukuthi ivelephi imali yokwenza lokho - anganceli abanye kodwa adle ezakhe izithukuthuku.
Ubuvila kabukhokheli kodwa bubulala ingqondo umuntu agcine esenza izinto eziyihlazo ngoba efuna izindlela ezinqamulelayo zokwenza imali ebezingagwemeka ukuba ubesebenzise ingqondo wakhuthala wahlukana nobuvila. Masizithandeni ngokwanele, siphume ebuvileni, sicabange amasu amasha futhi asemthethweni okuziphilisa.