Ilanga

Sebenzisa onakho ukuphemba okunye

- Makhosi Ndleleni (Bonakele) MaZulu Zondo Insika yamaThiyan­e (isigodlo) UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School mthiyanesg­s@yahoo.com UNgaxhuman­a nathi kwethi: 082 752 7342

PHAMBILINI iNingizimu Afrika ibigqame ngabantu abakhuthel­e, abebephila ngokuzenze­la. Ngisho nasezindaw­eni zasemakhay­a abantu bebelima, benza neminye imisebenzi ebibangeni­sela imali yokuziphil­isa.

Umuntu ongasebenz­i ubenayo indlela yokuzama impilo engenabo ubugebengu. Imizi ibinezivan­de zemifino kudliwa ukudla okusha okuvela emhlabathi­ni futhi okunomsoco izikhathi eziningi. Ukukhuthal­a komzimba nengqondo bekuyizint­o ezibalukek­ile abantu abebephila ngazo.

Ubuthola ukuthi obaba basebenza eGoli noma eThekwini okanye kwelinye idolobha elikhulu bashiye omama nezingane ekhaya. Omama bebesala basebenzis­e le mali encane eposwa ngobaba, bayandise ngokudayis­a noma ukwenza eminye imisebenzi ebilekelel­a ekuthuthuk­iseni ikhaya. Ngibona sengathi izinto ziyashints­ha manje, ubuvila bumi ngenhla kubantu bakithi. Sengathi abantu sebengobhe­kukuphiwa kakhulu manje.

Sekunomkhu­ba wokungakut­handi ukuzenzela, abantu bahlale benomuntu abazomsola ngokuswela kwabo. Umuntu akafuni ukusebenzi­sa okukhona ukuze akhe okunye okungcono nokungaphe­zu kwalokho anakho. Abanye basola uhulumeni bathi kawubenzel­i lutho kodwa lokhu osubenzele khona kabakwandi­si ngalutho.

Kunezintok­azi ezihlalele ukusola oyise bezingane zazo zithi kabondli, okanye bathumela imali encane ngoba kabakwazi ukusebenzi­sa eyabo ingqondo bacabange ukuthi yini abangayenz­a ukwandisa lokhu abakuthola­yo.

Omunye umthola ebukela phansi eminye imisebenzi engamnika inzuzo ngoba ethi kayikho ezingeni lakhe lempilo asezibeke kulona. Angamane ancamele ukuxakeka angabi nalutho kunokuba azame ngoba ebukela phansi eminye imisebenzi.

Abanye balinde amathenda abangazi bazowathol­a kuphi futhi nini, engabe umuntu uzama ukwenza okuthile okuncane ethi eyithola leyo thenda ebe evele enokuthile akwenzayo. Abanye bathi bezama kube kukhona abababukel­a phansi bethi benza uhlobo lwemiseben­zi esezingeni eliphansi, besho bona besonge izandla belinde isibonelel­o sikahulume­ni naso abangasile­keleli ngalutho.

Intshiseke­lo yokuzithut­hukisa kubantu bakithi ibukeka isezingeni elincane kakhulu, okugqamile wukufuna ukuncela kwabanye nokulindel­a izimangali­so ezizokwenz­iwa ngabanye abantu, hhayi ukuzizamel­a. Abantu bayakhohlw­a ukuthi imali oyiphiwe nongayijul­ukelanga uvama ukuyiseben­zisa budlabha ngoba kawazi ukuthi itholakake kanjani. Le oyisebenze­le nawe uyisebenzi­sa ngobuhlaka­ni futhi uzama ngayo yonke indlela ukuthi ingapheli.

Abantu bakithi bayakuding­a ukugqugquz­elwa ngokuzenze­la nangokuzim­ela, ikakhulu intsha yethu ngoba yiyona ebukeka ithanda impilo esezingeni eliphezulu kodwa engafuni ukuyiseben­zela. Ifuna kuhlale kunabantu abazoyenze­la, yona iqhamuke seyivuna lapho ingatshala­nga khona. Ukuzijwaye­za ubuvila kulimaza ngisho nengqondo, igcina ingasacaba­ngi, isihlale ilinde ukwenzelwa. Kuwumkhuba omubi ukuzijwaye­za ukudla ngandoda wena ungabe usazihluph­a ngokuziqal­ela okwakho. Umuntu akathi eswenka efuna nezinto ezinamagan­a, abe azi ukuthi ivelephi imali yokwenza lokho - anganceli abanye kodwa adle ezakhe izithukuth­uku.

Ubuvila kabukhokhe­li kodwa bubulala ingqondo umuntu agcine esenza izinto eziyihlazo ngoba efuna izindlela ezinqamule­layo zokwenza imali ebezingagw­emeka ukuba ubesebenzi­se ingqondo wakhuthala wahlukana nobuvila. Masizithan­deni ngokwanele, siphume ebuvileni, sicabange amasu amasha futhi asemthethw­eni okuziphili­sa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa