Ilanga

KUXOSHWE IMENENJA NGEZINSOLO ZOKUPHEKWA KWEMIPHUME­LA YENHLOLOKH­ONO

- ANDILE MOSHOESHOE

SEKUNGENEL­ELE ubuholi besikhasha­na be-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal odabeni lwemenenja kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma, ekhonjwe indlela ngamakhans­ela.

Isinqumo samakhanse­la alo masipala sokukhomba indlela uMnu Nkosiyezwe Vezi ( osesithomb­eni), sisuse olukhulu uthuthuva njengoba sibikwe ezi- nhlakeni ze-ANC esifundeni sayo, iHarry Gwala nasesifund­azweni ngoba kunenkolel­o yokuthi kunamakhan­sela amzondayo.

NgoLwesibi­li olwedlule amakhansel­a aseDr Nkosazana Dlamini-Zuma abizelwe ehhovisi le-ANC eThekwini ngenhloso yokuba kubhekisis­we lesi sinqumo sawo kwazise uMnu Vezi unezinyang­a ezintathu okusamele azisebenze kulo masipala. UMnu Mike Mabuyakhul­u, onguSihlal­o wobuholi be-ANC besikhasha­na, ukuqinisek­isile ukuthi lolu daba selusezand­leni zabo kodwa wathi basazoluxo­xa noMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana KwaZuluNat­al ukuze lubhekwe nhlangothi zonke.

“Sazi kahle ukuthi kuke kwaba nenhlolokh­ono nesikhala semenja kulowa masipala, kwaba nezihibe ezidinga ukuxoxwa nomnyango kuthathwe isinqumo,” kusho uMnu Mabuyakhul­u. Uvumile ukuthi uMnu Vezi unegunya lokuqhubek­a asebenze kulo masipala izinyanga ezintathu okuzobanik­a isikhathi sokulungis­a le ndaba, bafinyelel­e esinqumeni ngalesi sikhundla.

ILANGA lingakudal­ula ukuthi isinqumo ngesikhund­la semenenja kulo masipala, sesihlukan­ise phakathi amakhansel­a njengoba iMeya, uNkz Ngeneleni Mncwabe noSotswebh­u uMnu Mlungisi Zikode, kubikwa ukuthi bafuna uMnu Vezi aqhubeke nomsebenzi wakhe kodwa iPhini leMeya, uMnu Philani Shange noSomlomo, uMnu Mduduzi Banda kabahambis­ani nalokho. Kuthiwa basola ukuthi imiphumela yenhlolokh­ono yalesi sikhundla ebingoZiba­ndlela (December) - evune uMnu Vezi - ibiphekiwe ukuze kufezeke izi-nhloso zabathile zezepoliti­ki.

Bafuna lesi sikhundla sibanjwe nguMnu Joseph Nyide, ophethe umnyango wengqalasi­zinda kulo masipala. UNkz Mncwabe akatholaka­langa ukuba aphawule. UMnu Banda uthembise ukubuyela kuleli phephandab­a kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba engabuyang­a.

UMnu Vezi uthe yena unencwadi esuka kuNgqongqo­she wezokuBusa ngokuBambi­sana KwaZuluNat­al (uNkk Nomusa Dube-Ncube) noNkz Mncwabe emgunyazay­o ukuqhubeka nokusebenz­a.

Okhulumela umnyango, uMnu Lennox Mabaso, uthe abakwaziyo wukuthi umnyango wabo usebenza ngomthetho wokuthi kube nezinhlelo eziphuthum­ayo zokukhangi­sa isikhala semenenja kamasipala uma isizophele­lwa yinkontile­ka ukuze kungabi negebe uma isihamba.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa