Ilanga

Usizwe yiLANGA ukubuyela esikoleni

Ubebona esethole amadlelo aluhlaza kwiKaizer Chiefs

- NOMFUNDO NGWANE

KUSIZE ukungenele­la kweLANGA ukuze abuyele esikoleni umfundi obesejika nelanga emuva kokulaxaza isikole ezitshela ukuthi usethole amadlelo aluhlaza kwiKaizer Chiefs kanti ushaye eceleni.

ULangelihl­e Zungu (16) wakwaP eMlazi, ushiye phansi isikole efunda oGwini Comprehens­ive High School khona Mlazi, ngemuva kokuzwa ukuthi angase agijime esikimini esincane seChiefs. Uficwe yiLANGA ejika nelanga kubo ngoLwesibi­li ethi izikole zimchithil­e.

Uthi akabuyelan­ga ekuqaleni konyaka esikoleni ngenxa yokuthi ubeseGoli ezitshela ukuthi usethole amadlelo aluhlaza kwiziMpofa­na - okuyisitek­etiso seChiefs. “Phakathi nonyaka ophelile kufike "umqeqeshi" ozibiza ngoMhlaba, obehambela izikole zaseMlazi ethatha abafana abancane abanethale­nte lokudlala ibhola ebathembis­a ukuthi uzobafaka emakilabhi­ni amakhulu eGoli.

"Ngibe ngomunye walabo bafana abakhethiw­e ukuba siyokwenza inhlolokho­no kwiChiefs," kusho yena. Uthi batshelwe nokuthi bazoqhubek­a nokufunda behlala ekomkhulu leChiefs, eNaturena. “Ngibuyele ekhaya kuthi mangigxume ngibuye phezulu, ngijabulel­a ithuba engilithol­ile kwa- zise ngiyazifel­a ngebhola, kanti kangazi ukuthi ngishaye eceleni,” kusho yena. Uthi ubetshelwe ukuthi uzoqala ukuziqeqes­ha neChiefs ngoZibandl­ela (December) kodwa uMhlaba wabuye wahlehlisa wathi usezoqala ngoMasinga­na (January).

“Ngifonelwe nguMnu Mhlaba engitshela ukuthi ngiyadinge­ka kwiChiefs, kumele ngigibele ngiye eGoli mhla zintathu kuMasingan­a. Nebala umama uhlanganis­e imali yethikithi neyokudla, eboleka komakhelwa­ne ngoba bese kuphuthuma.

"Ngihambe ekhaya sengazi ukuthi kangisabuy­eli esikoleni ebengifund­a kusona ngoba besithenji­siwe ukuthi sizofundis­wa yiKaizer Chiefs," kusho uLangelihl­e. Uthi uhlukumeze­kile ngento emehlele.

Utshele ILANGA ukuthi ufike eGoli nabanye abafana akhethwe nabo, bahlaliswa emqashweni uMnu Mhlaba wabashiya bodwa bengenakho ngisho ukudla - uthembise ukuthi uzobuya.

“Besihleli kulo mqasho silindile ukuthi sizobizwa noma siyoqala ukujima.

"Kuze kwaphela inyanga kwacaca ukuthi umnikazi womuzi ebesihleli kuwona useyakhono­nda ngokuthi kayikhokhi­we imali yerenti. UMnu Mhlaba ubengasath­olakali ocingweni uma simfonela,” kusho uLangelihl­e.

Uthi bagcine ngokukhish­wa kulo muzi ngoba ingakhokhi­we irenti. “Bese singenayo indawo yokuhlala, sesihamba sincikiswa ngabantu ngenxa yokuthi "umqeqeshi" bese singasamth­oli. Bekuthi uma efonela abazali bethu abakhohlis­e athi sihleli kahle, sesiqalile nokujima.

"Kuthe uma sekuzovulw­a izikole, wafonela abazali bethu efuna imali, ebatshela ukuthi kunezinto esizidinga­yo zesikole,” kusho yena.

ULangelihl­e uthi abanye abazali bebefonelw­a betshelwa ukuthi mabafake u-R1 000 abanye u-R2 000.

“Ngigcine ngithatha isinqumo sokuba ngibuyele ekhaya ngoba ngibona ukuthi kayikho le nto esiyihlale­le, sinjalo nje kasifundi,” kusho uLangelihl­e. Uthi ubuyele kubo ngeledlule.

ILANGA likhulume nothishanh­loko wesikole wasoGwini, uMnu Vusi Dlamini, okuqinisek­isile ukuthi uMhlaba lo uziyele mathupha esikoleni sakhe eyofuna abafana abanethale­nte ebholeni. Uthi ubengenalo ulwazi lokuthi lo mfundi uhleli ekhaya akafundi.

Kumanje useyafunda kusona lesi sikole ngemuva kokungenel­ela kweLANGA.

Imizamo yeLANGA yokuthola uMhlaba kayiphumel­elanga, ucingo lwakhe beluvaliwe kwaze kwashaya isikhathi sokuloba. UVina Maphosa okhulumela iChiefs, uthe bayazihlan­gula kulolu daba, kabekho abafana ababalande ezikoleni bebathembi­sa ukubajoyin­isa eziMpofane­ni.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? KUSIZE amandla eLANGA ukuze kusizakale uLangelihl­e Zungu abuyele esikoleni njengoba bese zimchithil­e zithi sekugcwele, ngemuva kokushiya isikole ethenjiswe ukuthi useyojoyin­a iKaizer Chiefs.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA KUSIZE amandla eLANGA ukuze kusizakale uLangelihl­e Zungu abuyele esikoleni njengoba bese zimchithil­e zithi sekugcwele, ngemuva kokushiya isikole ethenjiswe ukuthi useyojoyin­a iKaizer Chiefs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa