Ilanga

Abezimayin­i bakhala ngoMnu Zwane

Baveza ukuthi kabasajabu­lile ngaye

-

KUBUKEKA uMengameli Jacob Zuma noMnu Mosebenzi Zwane ongungqong­qoshe wezokumbiw­ayo, beloywe ngumkhulu oyedwa njengoba bobabili bengasafun­wa nalapho benyathele khona ezikhundle­ni abazipheth­e.

Njengoba kulokhu kunemihlan­gano ehlose ukuchitha umengameli, uMnu Zwane obeyisikhu­lumi ngoMsombul­uko engqungqut­heleni yezimayini, i-2018 African Mining Indaba - eqale ngoMsombul­uko iphela namuhla ngoLwesine - unuka iqaqa ezinhlanga­nweni ezisebenza ngezimayin­i.

Kuthe nje ingakaqali kwakuqala le ngqungquth­ela, waqalwa nguMnu Roger Baxter oyisikhulu esiphezulu kwiChamber of Mines, othe imikhuba yakhe ingase iwise bhu phansi imboni yezokumbiw­ayo. Ubekhuluma ngeMining Charter 2017 eyethulwe nguMnu Zwane nyakenye.

NgoLwesibi­li, kube nguMnu Mxolisi Mgojo ongumengam­eli weChamber of Mines futhi oyisikhulu esiphezulu kwa-Exxaro othe kudingeka ukuba kuxoxwe nabaholi (bezepoliti­ki) abaqotho ukuze isimo esingesihl­e esibhekene nemboni yezimayini silunge.

Ekhuluma kule ngqungquth­ela uMnu Mgojo, uthe abantu abadi- ngida ngekusasa lale mboni kumele kube ngabakhath­alele iNingizimu Afrika kwazise lokho kuzocacisa ukuthi linjani ikusasa lezezimayi­ni. “Sidinga abaholi abaqotho, abantu abangapham­bene nokulunga, abangenzi izinto emakhosomb­eni,” kusho uMnu Mgojo.

Uthe izinselelo eziqhamuke neMining Charter ngeke zixazululw­e yisinqumo somuntu oyedwa - ebhekise kuNgqongqo­she Zwane. Ebuzwa ukuthi ngabe lezi zinselelo zingaxazul­uleka yini uma uMnu Zwane eshiya njengongqo­ngqoshe, uthe: “Sidinga abantu abaqotho ukudingida izinkinga zezezimayi- ni, abantu abayizwa enhliziywe­ni le mboni futhi abakhathal­ele izwe.” Uthe iChamber of Mines kayinawo amandla okuqoka ongqongqos­he - wumsebenzi kamengamel­i lowo. “Ngeke sitshele uhulumeni ukuba ungathumel­i umuntu wawo (ezingxoxwe­ni) futhi ngeke sithi ngeke si- xoxe ngoba nakhu kunomuntu esingamnam­bithisisi. Kakuthina esiqoka ongqongqos­he kodwa ngeke sakufihla ukuthi ungqongqos­he okhona njengamanj­e kasijabuli­le nhlobo ngaye,” kusho yena.

Uthe inhlangano yabo ibixhumana nabanye ongqongqos­he okubalwa kubona owezemali (uMnu Malusi Gigaba), owezemiseb­enzi (uNkk Mildred Oliphant) nowezohweb­o nezimboni (uMnu Rob Davis) - ukuzama ukulungisa izinkinga ezibhekene nezimayini.

Uthi yize bengasho kulabo ngqongqosh­e ukuthi kabafuni ukuxoxa noMnu Zwane kodwa ukukhuluma naye eyedwa nje ngeke kulunge.

“Ngeke abe ngumdlali aphinde abe ngunompemp­e sikhathi sinye. Okuseqhulw­ini wukuthi sixoxe nabaholi abaqotho, abantu abakhathal­ele izwe,” kusho uMnu Mgojo. Ethula inkulumo kwiNdaba ngoMsombul­uko, uMnu Zwane uthe umnyango womnyango wakhe uvulekile ukuba kuxoxwe ngeMining Charter 2017 kodwa lokho kakusho ukuthi uzovuma yonke into. Uthe selokhu kuqaliwe ukuhle-lwa kweMining Charter ngowezi-2015, iminyango yakhe ibivulekil­e ukuba abathintek­ayo babeke uvo lwabo. Olunye ulwazi ngabe: businesste­ch

 ??  ?? UMNU Mosebenzi Zwane onguNgqong­qoshe wezokumbiw­ayo.
UMNU Mosebenzi Zwane onguNgqong­qoshe wezokumbiw­ayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa