Uhlahlele abomndeni, waziphosa elolini
Kuthiwa ubebathuka ngesikhathi ebabulala
KUQHUME isililo, kwagobhoza izinyembezi ngenxa yesigameko esihlasimulisa umzimba sowesilisa ohlahlele unina, umshana wakhe nendodana yomfowabo ngocelemba qede wazibulala ngokuziphosa elolini izolo ngeSonto ekuseni KwaNobamba, eBhobhoyi, eningizimu yeKwaZulu-Natal.
ILANGA lifike kule ndawo amalungu omphakathi namakholwa amabandla ahlukene abeyobhonga emswaneni emndenini wakwaSmith, oshonelwe, beme izixongololo bebabaza isihluku uSphamandla Smith (21), abulale ngaso izingane - unina silobe izolo kwembulwa kwembeswa esibhedlela.
Kubikwa ukuthi uSphamandla obenokuphazamiseka ngokomqondo - okuthiwa kumqale ngoLwezi (November) ngonyaka odlule, uvuke izolo ekuseni ngovivi ethukuthele egane unwabu, waqonda ekamelweni obekulele kulona unina, uNkz Marry Smith (55), umshana wakhe uSiyamthanda Smith (3) noThobani (2) ozalwa ngumfowabo, wangabuza lutho, wabahlahlela ngocelemba emakhanda qede waphuma ngejubane eqonde emgwaqweni owuthelawayeka, waziphosa elolini washonela endaweni yesigameko.
UNkz Smith uphuthunyiswe esibhedlela esesimeni esibucayi, elimele kakhulu ekhanda. Ngokuthola kwaleli phephandaba, uNkz Smith nguyena obekwazi ukulawula uSphamandla uma esesukwe wukugula kwakhe. UMnu Xola Mankanku, oyilungu lomndeni - obekhona ngesikhathi sesigameko - uthi uvuswe wumsindo uSphamandla ebulala abashana bakhe. Ubebachapha ngenhlamba ngesikhathi enza lokhu.
“Besimazi ukuthi uyagula, uphazamisekile emqondweni yize ukugula kwakhe bekumvuka ngezikhathi ezithile. Sihlukane naye ngoMgqibelo ntambama ephila kahle, kungekho lutho olumphazamisile. Sithuke ekuseni sisalele sivuswa wumsindo wakhe elimaza abashana nonina,” kusho uMnu Mankanku.
Uthi uphume endlini wabona uSphamandla ephumisa okwe- nhlamvu yesibhamu ehla ebheke emgwaqweni omkhulu eyozibulala. Uthi besamangazwe yilokho, kuzwakale ukuthi useziphose emotweni naye washona.
Utshele ILANGA ukuthi uSphamandla ubesephila impilo yokuhlala ezivalele endlini yakhe, ephuma ngoba eyofunda ntambama esikoleni sabadala. Kuthiwa endlini yakhe kutholakale inqwaba yezikhali okungazeki ukuthi ubezigcineleni nokuthi ubezithathaphi.
“Selokhu ehlaselwe wukugula, ubeba nolaka nenhliziyo encane, kodwa unina ubekwazi ukumgoba uma esevukwa wulaka,” kusho yena. Uthi ngesikhathi kumqala ukugula, bazamile ukumtholela usizo kodokotela kodwa bathi kababoni lutho, akanazo izimpawu zokuphanjanelwa wumqondo. Ubuye engatholanga ngisho amaphilisi.
Kube wumzuzu onzima kuNkz Nonkululeko Smith (22), unina kaSiyamthanda ngesikhathi efika emagcekeni akubo kuphithizela, engakabikelwa ngesigameko esivelile. Ubephuma eThekwini njengoba ehlala khona.
Uhluleke nokuzibamba washo ngengila ngesikhathi amalungu omndeni embikela ukuthi umfowabo alamana naye usehlahlele wabulala indodakazi yakhe nendodana yomfowabo kwathi unina walimala kanzima qede yena waziphosa emotweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Lt Col Thulani Zwane, uthe owesilisa oneminyaka engama-21 uhlahlele wabulala umshana wakhe, yindodana yomfowabo nonina maqede waziphosa emotweni washonela endaweni yesigameko.
Uthi kuvulwe amacala okubulala amaphoyisa asenza uphenyo.