UVALO MFUNDI "EBULALA" UZAKWABO
Kuthiwa waziwa ngokuba wuhlupho esikoleni
BAYATHUTHUMELA wuvalo abafundi baKwaNobamba Secondary School, eBhobhoyi, eningizimu yeKwaZulu-Natal, ngesihluku abasibonile ngoLwesihlanu ntambama umfundi egwaza ebulala uzakwabo ongumngani wakhe ngaphandle kwamasango esikole, kubangwa iwashi elilahlekile.
Kunzima ngisho ukuyixoxa kubafundi bakulesi sikole indaba ngenxa yokuthi basathukile ngento abayibonile kubulawa uLindokuhle Mzotho (15) obefunda uGrade 7 kulesi sikole.
Umufi kuthiwa ubekhuza umsolwa (15) ukuba angalwi nabantu abantshontshe iwashi lakhe.
Omunye wabafundi abakhulume naleli phephandaba uthi umsolwa ubelahlekelwe yiwashi esikoleni, efuna ukuyolwa nomunye umfundi abemsola ngokuthi nguyena olintshontshile.
Kuthiwa uLindokuhle ubekhuza ethi umsolwa makayilungise kahle indaba yokuntshontshwa kwewashi kanti useyinyathele emsileni.
Abafundi abebekhona kwenzeka lesi sigameko batshele ILANGA ukuthi umsolwa uthukuthele wagana unwabu ngesikhathi ekhuzwa, wadonsa ummese wabhokoda ngawo umngani wakhe. Akabange esaya ukuyolwa nalo abemsola ngokweba iwashi.
“U.... (umsolwa) udonse ummese phambi kwethu sibuka, besithi uyadlala, qede wagwaza umngani wakhe inxeba elilodwa esifubeni. Ummese agwaze ngawo umngani wakhe uwukhiphe esikhwameni sakhe,” kusho omunye umfundi okhulume naleli phephandaba ngombandela wokuthi angadalulwa ngoba hleze naye asocongwe.
Uthi umsolwa ubengumfundi ohluphayo esikoleni njengoba ubaziwa ukuthi uphatha ummese esikoleni futhi uyikhonzile impi.
Kuthiwa umsolwa uqede ukugwaza uLindokuhle wahlaba ngejubane, amaphoyisa afike endaweni yesigameko engasabonwa. Ayile kubo angamthola.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthi amaphoyisa abophe umsolwa oneminyaka eli-15 ngokufa kukaLindokuhle. Umsolwa kulindeleke ukuba avele namhlanje eNkantolo yeMantshi yaseBhobhoyi ngecala lokubulala.
Imizamo yeLANGA yokuthola abakhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal iphunzile njengoba izingcingo zabo bezivaliwe kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.