Ilanga

Lusadingid­wa olukamenga­meli

Lsinqumo sibhekwe namuhla

- MTHOBISI SITHOLE Bheka ekhasini 15

AKWAZIWA mbhantshi kujiya ngekusasa likaMengam­eli Jacob Zuma njengoba isigungu esiphezulu se-African National Congress (ANC) sizohlanga­na emhlanganw­eni oyisipeshe­li namhlanje ngoMsombul­uko ukudingida udaba lwakhe njengoba kuxabene ubendle eNingizimu Afrika, abantu abaningi bengasamfu­ni.

Kunemibiko ethi ngoMgqibel­o abehlangen­e amalungu ayisi-6 esigungu esiphezulu se-ANC kodwa ubengekho uMnu Zuma.

Ngempelaso­nto edlule lesi sigungu esiphezulu sihlangani­le nomengamel­i kodwa wangavuma ukwesula.

UMnu Zuma usenkingen­i njengoba esenuka umzondo ngisho nakwamanye amalungu e-ANC. NgoLwesihl­anu emhlanganw­eni we-ANC uthe uzimisele ngokwehla esikhundle­ni uma kuwukuthi uhulumeni uzobhekana nezindleko zokukhokhe­la amacala akhe noma ngabe avumbuka esephumile esikhundle­ni. I-ANC isathule ngalokhu.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uMengameli Zuma ubevame ukulandelw­a ngamacala engakaqokw­a esikhundle­ni sokwengame­la izwe ngonyaka wezi-2009.

UMengameli we-ANC, uMnu Cyril Ramaphosa - oseqanjwe elokuthi nguRamapos­tponer ngenxa yokuhlehla kwemihlang­ano okumele icacise ngekusa- sa likaMnu Zuma - uthi ukholwa wukuthi ikusasa likamengam­eli lizocacisw­a wumhlangan­o wesigungu esiphezulu se-ANC emhlanganw­eni onamhlanje ePretoria.

“Sizibophez­ele ekuhleleni kabusha izinto zethu, ikakhuluka­zi ngokuthi umi kuphi umengameli wezwe ngoba abantu bethu bafuna ukubona le nkinga ixazululek­ile.

“Kubaluleki­le ukuba lolu daba luphathwe ngendlela efanele ukuze kuqiniseki­swe ukuthi okufunwa ngabantu baseNingiz­imu Afrika yikhona okubekwe phambili. Okuseqhulw­ini wukuthi sibumbe abantu bethu babe yinto eyodwa,” kusho uMnu Ramaphosa.

NgoLwesith­athu olwedlule kuke kwasabalal­a inkulumo yoMgcinima­fa we-ANC, uMnu Paul Mashatile, lapho eveze khona ukuthi umengameli wathi akazimisel­e ngokwehla esikhundle­ni futhi uzimisele ngokuyobhe­kana nevoti lokungathe­njwa kwakhe elihlongoz­wa ngamaqembu aphikisayo.

UMnu Zuma ungene esikhundle­ni sokuhola izwe kuvalwe amehlo njengoba ephunyule emacaleni amaningi.

Bekuba nemilindel­o njalo uma umengameli evela enkantolo.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UMENGAMELI wezwe, uMnu Jacob Zuma, uzobanjelw­a umhlangano ophuthumay­o namhlanje ngodaba lwakhe.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UMENGAMELI wezwe, uMnu Jacob Zuma, uzobanjelw­a umhlangano ophuthumay­o namhlanje ngodaba lwakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa