Ilanga

USOLWA NGOKUCABAN­GELA ISISU OKAMENGAME­LI

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

USOLWE ngokucaban­gela isisu sakhe hhayi izwe uNkk Thobeka MadibaZuma - ongenye yamakhosik­azi kaMengamel­i Jacob Zuma - ngenkulumo yakhe esuse imvunge abeyibhale enkundleni yezokuxhum­ana, i- Instagram.

UMnu Zwakele Mncwango, osanda kuqokelwa ihlandla lesibili ukuhola iDemocrati­c Alliance (DA) KwaZuluNat­al, uthi le nkulumo kaNkk Madiba-Zuma lapho kuthiwa usongele athe balwa nomyeni wakhe, ikhombisa ukucabange­la isisu sakhe.

Kule nkulumo ubethi kubaluleki­le ukuba ungalwi nomuntu ongalwi nawe, waphinde wathi kusazoshub­a. Kukhona lapho ethe umyeni wakhe akathathi imiyalelo emazweni asentshona­langa.

Lezi zinkulumo zakhe ziqhamuka ngesikhath­i amehlo ethe njo eqenjini elibusayo, i-African National Congress (ANC), njengoba kubikwa ukuthi lisezingxo­xweni ezijulile, okuthiwa sezikuvuth­ondaba mayelana nokudilizw­a kukaMengam­eli Zuma esikhundle­ni sokwengame­la izwe.

Embhalweni wakhe, uNkk MadibaZuma, ubefake isithombe sakhe enomyeni wakhe, behleka kuvele elomhlathi. Uthe uMengameli Zuma uzokuqeda lokhu akuqalile. Lokhu kwethuse abaningi njengoba bekuzwakal­a sengathi uvubela impi.

Ubekhuluma aze ayithakaze­le indoda yakhe. UMnu Mncwango uthi inkulumo kaNkk Madiba-Zuma iya- zwakala ukuthi uyabona ukuthi kuzothinte­ka isizu sakhe uma uMengameli Zuma ekhishwa esikhundle­ni.

“Kumele sikuqonde ukuthi yena uzibhekela yena nomndeni wakhe kanti kufanele ngabe ubhekelela isizwe sonke. UMsholozi kumele aphume manje esikhundle­ni ngoba usemoshe kakhulu. Umnotho wakuleli ubheke phansi ngenxa yakhe, isibalo sabantu abasha abangasebe­nzi siphezulu kakhulu. Ukuqhubeka kwakhe kulesi sikhundla kulibeka engcupheni enkulu izwe,” kusho yena.

Uthi kulula kuNkk Madiba-Zuma ukukhuluma kanje ngoba imali ehambe nomndeni wakwaGupta - okungeyaku­leli lizwe - yena uhlomulile kuyona.

“Uma sikhuluma ngezizumbu­lu zemali ezihambe nomndeni wakwaGupta kuleli, yena akathinten­i ngoba umndeni wakhe uhlomule kakhulu kulo mndeni,” kusho yena.

Okhulumela iNkatha Freedom Party (IFP) kuzwelonke, uMnu Joshua Mazibuko, uthe inkulumo kaNkk Madiba-Zuma ibe yishwa elikhulu ukuthi ingakhulun­ywa ngumuntu okuleli hhovisi akulona - lokuba ngumama wesizwe.

“Njengoba bethathwa njengomama besizwe nje, kukhombisa ukuba budedengu kuyena ukuthi angakhulum­a ngale ndlela ngoba kunendlela okumele aziphathe ngayo. Kuyasijabu­lisa ukuthi umndeni wakwaZuma uyaziqhele­lanisa nale nkulo yakhe kodwa-ke kuyoba kuhle ukuthi naye ngoba ukwazile ukubhala lokhu akubhalile, azehlise axolise esizweni ngokukhulu­ma le nkulumo embi kangaka,” kusho uMnu Mazibuko.

NgoLwesihl­anu umndeni wakwaZuma ukhiphe isitatimen­de uxolisa ngale nkulumo.

Indodana kamengamel­i, uMnu Edward Zuma - nayo eseke yaphoqelek­a ukuxolisa ngezinkulu­mo zayo ebizibheki­se kuMnu Pravin Gordhan obengungqo­ngqoshe wezezimali - iveze ukuthi njengomnde­ni wakwaZuma baphoxeke kakhulu ngalokhu okushiwo nguNkk Madiba-Zuma.

“Kawekho amazwi esingawash­o ukukhombis­a ukuphoxeka kwethu,” kusho isitatimen­de.

 ?? ISITHOMBE NGABE: TWITTER ?? UNKK Thobeka Madiba-Zuma okuthiwa kumele axolise ngenkulumo yakhe.
ISITHOMBE NGABE: TWITTER UNKK Thobeka Madiba-Zuma okuthiwa kumele axolise ngenkulumo yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa