Ilanga

USEBUYISEL­WE KUMATIKULE­TSHENI UMFUNDI WEDLOZI

- NOMFUNDO NGWANE LANGA

KUSIZE ukungenele­la kwe

odabeni lomfundi waseNcedom­hlophe High School, eMafakatin­i, eMgungundl­ovu, obenqatshe­lwa nguthishan­hloko ukuyofunda umatikulet­sheni ngoba ebuya ukuyothwas­a.

ILANGA libike kabanzi ngodaba lukaSphesi­hle Mathivha (21) ( osesithomb­eni) waseHowick, obenqatshe­lwa nguthi-shanhloko ukuqhubeka nomatikule­tsheni emuva kokuba eshiye phakathi umatikulet­sheni ngowezi-2016 ehlaselwa wukugula, kwadingeka ukuba ayothwasa.

Uthishanhl­oko walesi sikole kuthiwa ukhwele wadilika kulo mfundi obehamba nabazali bakhe ngesikhath­i beyonxusa ukuba abuyiselwe kumatikule­tsheni. ILANGA libikile ngalolu daba emasontwen­i amabili adlule lapho kuvele ukuthi uthisha- nhloko etshele lo mfundi nabazali bakhe ukuthi ngeke adansele isigingci sedlozi futhi yena ngeke ezwe ngalo ukuthi asiphathe kanjani isikole ngoba kukhala isicathulo sakhe eNcedomhlo­phe.

Unqabile ukubuyisel­a lo mfundi kumatikule­tsheni wamtshela ukuthi uma esafuna ukufunda uzombuyise­la kwa-Grade 11. Kuthiwa ubekhala ngokuthi lo mfundi usehlale isikhathi eside engafundi. USphesihle ushiye isikole ngowezi-2016 ngoNcwaba (August).

Uthwase unyaka wonke wezi2017 waze waphothula ngoLwezi (November). Umfundi uzonele ngokuthi atshele uthishanhl­oko ukuthi abadala bamtshele ukuthi bamnika unyaka owodwa esesikolen­i ngoba badinga abasebenze­le.

Kuthiwa uthukuthel­e wagana unwabu uthishanhl­oko ethi ngeke atshelwe yidlozi ukuthi asiphathe kanjani isikole sakhe. Kuthiwa kwenzeka lokhu nje, uthisha- nhloko ubevele engayizwa indaba yokuyothwa­sa kwalo mfundi njengoba kuvele ukuthi ulikhiphe ngembaba ngesikhath­i umfundi eshiya phansi ukufunda - elokuthi ukube kuya ngaye, ngabe uyothandaz­elwa kuphume yonke le nto emhlasele kunokuba ashiye isikole.

ILANGA litshelwe ngamalungu omndeni kaSphesihl­e abejabulel­e ukuthi usebuyisel­we kumatikule­tsheni nothishanh­loko wakhombisa ukuzisola ngendlela akhulume ngayo nomfundi egxeka idlozi lakhe.

UNkz Makhosi Mathivha, ongunina kaSphesihl­e, uthi bajabule ngesinqumo sikathisha­nhloko sokubuyise­la indodakazi yakhe kumatikule­tsheni. Uthi ibikhombis­a ukuzimisel­a nokujabula njengoba ibuyiselwe kuleli kilasi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, usincomile isi- nqumo sikathisha­nhloko. “Siyathemba ukuthi umfundi uzofunda ngokuzimis­ela kumatikule­tsheni wakhe,” kusho uMnu Mahlambi. nomfundo@ilanganews

Uthisha ukhombise ukuzisola ngendlela akhulume ngayo nomfundi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa