Ilanga

Banovalo ngokupheph­a kwezingane

Lpotozwe uthisha

- NOMFUNDO NGWANE

UNGENE kwelikhulu ihlazo uthisha wesilisa wakwaMgaga High School, kwa-J eMlazi, evulelwa icala lokuhlukum­eza ngokocansi umfundi wesilisa wakulesi sikole.

ILANGA lithole ngemithomb­o yalo ukuthi lo thisha - esingeke simdalule igama lakhe ngoba (akakaboshw­a futhi) akakaveli enkantolo - usolwa ngokuhluku­meza ngokocansi lo mfundi engaphakat­hi emagcekeni esikole. Ngokusho komunye umthombo, lo thisha kuthiwa ubizele lo mfundi egunjini elihlala othisha, okuthe uma efika wangakhulu­ma lutho wamphosa ulimi emlonyeni wampotoza isitho sakhe sangasese.

Umthombo uthi lo mfundi obethukile, uphume wayobikela abanye othisha ngokwenziw­e nguthisha kuyena. Kuthiwa othisha bamthathe ngaleso sikhathi bayomvulis­a icala. Omunye umthombo ongaphakat­hi kulesi sikole, uthi lo thisha ogile umfundi uyaziwa ukuthi akababheki abantu besilisa.

"Uyingozi manje ezinganeni zabafana njengoba eseqala ukubamba zona. Besazi ukuthi uphila le mpilo kodwa besingakaz­e simcabange­le ukuthi angabamba izingane zesikole. Sibona izingane zabafana zingasaphe­phile kulesi sikole uma kusekhona lo thisha,” kusho umthombo odonse ILANGA ngendlebe ukuba lingawudal­uli.

Omunye umthombo, nawo ongaphakat­hi kulesi sikole, uveze ukuthi uthisha uyalelwe ukuba ahlale ekhaya ngoba kwesatshwa ukuthi angase ahlukunyez­we ngabafundi kwazise lolu daba selugcwele isikole sonke.

“Uthishanhl­oko uzamile ukubiza umhlangano nomzali wengane ukuze bakhulume ngalolu daba, kodwa ubhodla umlilo akazimisel­e nanokukhul­uma naye. Udaba selubikwe kubahloli ukuba nabo bangenele," kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe likhona icala elivuliwe esiteshini samaphoyis­a eBhekithem­ba lokuhlukun­yezwa komfundi ngokocansi. Uthi amaphoyisa asenza uphenyo, bekungakab­oshwa muntu. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Mlotshwa, uthe bebengakez­wa ngalolu daba.

"Othisha bafana nabazali icala elinjengal­eli (okusolwa ngalo lo thisha) liyamxoshi­sa uthisha emsebenzin­i. Sizongenel­ela siphenye kabanzi ngalulo daba, sithole ukuthi lwenzeke kanjani," kusho uMnu Mlotshwa.

Uyingozi manje ezinganeni zabafana ezifunda kulesi sikole lo thisha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa