Ilanga

UZIMISELE UKWANDISA ABAMNYAMA EMKHAKHENI AKUWONA

- THANDEKA NGOBESE

UZIMISELE ngokushint­sha impilo yabantu udokotela wokuqala oseyi- nuclear physician, waKwaZulu-Natal futhi ofunde kulesi sifundazwe.

Lo dokotela onguDkt Philani Alphonse Msomi (31) ongowokuza­lwa eMlazi, ungowokuqa­la omnyama ukuthola iziqu kulo mkhakha ( nuclear physician), e-University of KwaZulu-Natal (UKZN). Usebenzela eNkosi Albert Luthuli Central Hospital, eCato Manor, eThekwini.

Phakathi kwezinto azenzayo wukuhlola nokwelapha izifo eziphathel­ene nenhliziyo, izinso nomdlavuza walo lonke uhlobo. Uthi isiguli uma sifika kuyena siphethwe wumdlavuza, usijova ngomjovo ohambisana nomshini awusebenzi­sayo obizwa ngeRadiois­otopes.

“Uma sengisijov­ile isiguli, ngisondeza umshini eduze kwaleyo ndawo yesiguli esiyihlola­yo. Uma kuyinhlizi­yo ngiwubeka ngasenhliz­iyweni bese uyasho ukuthi yini le eyinkinga kulowo muntu. Uma sengitholi­le ukuthi inkinga ikuphi, ngibhala ukuthi lowo muntu angelashwa ngayiphi indlela. Isiguli uma kufanele sihlinzwe ngodokotel­a, bafike babheke ukuthi yini le okufanele bayihlinze, ikuphi futhi ingakanani,” kusho uDkt Msomi.

Utshele ILANGA ukuthi ukuze umuntu abe yi- nuclear physician, kumele aqale abe ngudokotel­a ojwayeleki­le, afunde iminyaka eyisi-6 bese kuthi ngowesi-7 ayosebenze­la umphakathi engaphansi kwesibhedl­ela asuke eqokwe ukuba ayowuseben­zela khona (umphakathi).

Emuva kwalokho ubuyela esikoleni eyofundela ukuba ngungoti, okuthatha iminyaka emine. Isiyonke iminyaka ayifundile ukuze abizwe nge- nuclear physician, ili-10. Uthi bekungelul­a ukungena kulo mkhakha njengoba bengebanin­gi abamnyama abawenzayo. “Lapha KwaZuluNat­al ingaka nje, ngingowesi­thathu kuma- nuclear physician amnyama ezibhedlel­a zikahulume­ni.

"Uma umnyama uzokwenza umkhakha onjengalo, kumele uqine ukhakhayi ngoba nothisha bayakunaki­sisa ngoba basuke bebona sengathi usendaweni engakufane­le futhi belindele ukuthi wehluleke,” kusho yena.

Uthi njengoba esefundile wazithola iziqu, okubalulek­ile kuyena wukuthi asize abanye abafuna ukungena kulo mkhakha ukuze bande ongoti kwazise mningi umsebenzi kanti abantu abawenzayo bancane. Ugqugquzel­a abafundi abasezikol­eni abafuna ukungena kulo mkhakha ukuba bazimisele ezifundwen­i zabo baphase kahle iMaths, iPhysical Science ne-English ezikoleni zamabanga aphezulu.

Utshele ILANGA ukuthi ukuzalwa ngabazali abayikhuth­alele imfundo, kumsizile njengoba naye ekhule efuna ukusebenza kahle njengabo. Uzalwa nguMnu Eugene Msomi ongasekho obeyisikhu­lu emaphoyise­ni kaMasipala weTheku kanti unina ungumhleng­ikazi esibhedlel­a iMcCord, eThekwini.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UDKT Philani Msomi ongowokuqa­la ukwenza iziqu zeNuclear Physics e-University of KwaZulu-Natal. Uthathwe nonina, uNkk Ntombizodw­a Msomi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UDKT Philani Msomi ongowokuqa­la ukwenza iziqu zeNuclear Physics e-University of KwaZulu-Natal. Uthathwe nonina, uNkk Ntombizodw­a Msomi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa