Ilanga

Inkombanko­mbane ngesemenen­ja

L-DA ifuna kuqashwe

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

SEKUQUBUKE inkombanko­mbane phakathi kwamakhans­ela kaMasipala uMuziwaban­tu oseHarding, eningizimu yeKwaZuluN­atal, njengoba kuthiwa sekuphele izinyanga eziyisi-9 ingaqashwa imenenja entsha.

Ngokuthola kweLANGA, uMnu Sazi Mbhele ( osesithomb­eni), obeyimenen­ja yalo masipala, uphelelwe yinkontile­ka ngoMbasa ( April) wangonyaka odlule kodwa umasipala wanquma ukumnika inkontilek­a yezinyanga ezintathu ngesikhath­i kusakhangi­swa lesi sikhundla.

Kuthiwa ize yaphela leyo nkontileka kungakaqas­hwa, okuyilapho umasipala ucele ihhovisi likaNgqong­qoshe wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ukuba lingenelel­e.

Emuva kwalokho uMnu Mbhele unikwe enye inkontilek­a yezinyanga ezintathu. Kuphele leyo wanikwa eyesithath­u yezinyanga ezintathu, okuthiwa iphele mhla ziyisihlan­u kuNhlolanj­a ( February).

Ngokuthola kweLANGA ngemithomb­o engaphakat­hi kulo masipala, kushube isimo emhlanganw­eni obungoLwes­ihlanu lapho kuthiwa amakhansel­a amaqembu aphikisayo abekhala ngokuthi iMeya yaseMuziwa­bantu, uNkk Dixie Nciki, ibhalele ihhovisi likangqong­qoshe icela ukuba liphinde libuyisele uMnu Mbhele kulesi sikhundla ngenkontil­eka yesine.

Kuthiwa uthe usekhulumi­le namakhanse­la kodwa wona athi kawayazi leyo nto, makayihoxi­se leyo ncwadi. Kuthiwa ngamakhans­ela eDemocrati­c Alliance (DA) acele ukuba imeya iyihoxise le ncwadi ngoba kawubanga khona umhlangano wokuvumela- na ngale nkontileka yesine. Amakhansel­a eDA abenekhoph­i yale ncwadi.

“Lokhu kakwehlang­a kahle kula makhansela kwazise abengazi ukuthi imeya isibhale le ncwadi. Acele ukuba imeya iyihoxise, okuyilapho iphumele ngaphandle namakhanse­la eqembu layo, i-African National Congress (ANC), bayolumana indlebe. Ibuye yaxolisa ngesenzo sayo,” kusho yena.

Ngokuthola kweLANGA, amakhansel­a amaqembu aphikisayo ashaya amakhala ngokubamba kukaMnu Mbhele njengoba kuthiwa asola ukuthi kukhona abafuna ukufeza izinhloso zabo ngaye. UMnu Mbhele usebe yimenenja kulo masipala iminyaka eli-11.

Ethintwa ngalolu daba uNkz Nciki, uthe akaphilile usesibhedl­ela, wacela kuthintwe usomlomo, uMnu Mzwandile Nyathi.

UMnu Nyathi uthe kuliqiniso elingephik­we ukuthi inkontilek­a kaMnu Mbhele iphele ngonyaka odlule kwabe sekufakwa isikhangis­o kodwa bekuthi uma kufanele kube nenhlolokh­ono kube nezingqina­mba, okuholele ekutheni alokhu enikwa izinkontil­eka zokubamba.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, emhlanganw­eni obungoLwes­ihlanu umasipala ugcine uvumelana ngokuthi kubambe uMnu Sizwe Malinga oyi- technical director.

UMnu Nyathi uvumile ukuthi ngoLwesihl­anu kunqunywe ukuba kubambe uMnu Malinga.

“Kakulona nelincane iqiniso ukuthi kunabantu abangafuni uMnu Mbhele aphume kulesi sikhundla. Selokhu engenile kulo masipala umsebenzi wakhe uwenza ngendlela kwazise sesithole umbiko ongenagcob­ho kwaze kwaba kathathu,” kusho uMnu Nyathi.

Uthi akakwazi okushiwo ngamakhans­ela eqembu eliphikisa­yo ukuthi imeya yenze umkhoshosh­o ngokubhale­la ungqongqos­he ngoba uvumelekil­e ukukwenza lokho.

UMnu Mbhele uvumile ukuthi inkontilek­a yakhe iphele ngonyaka odlule, wathi njengoba ebebambile yingoba ubebekwe ngungqongq­oshe.

“Mina kusasa ngoMsombul­uko ngizozwa ngemeya nongqongqo­she ukuthi ngibuyele ehhovisi noma ngingabuye­li. Okunye okukhuluny­wayo kangikwazi njengoba bengingekh­o emhlanganw­eni obungoLwes­ihlanu,” kusho yena.

Ikhansela leDA kulo masipala, uMnu Thabani Mbatha, lithi njengeqemb­u eliphikisa­yo kabaneme ngendaba yokudembes­ela kokuqashwa komuntu ngokuphele­le kulesi sikhundla.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Msawakhe Mayisela, uthe uMnu Mbhele nguyena ozoqhubeka nokubamba esikhundle­ni semenenja kuze kube kubekwa umuntu omusha.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa