Ilanga

Basale dengwane kungqongqi­swa isikole

Kayaziwa imbangela yokushiswa kwaso

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUPHOQELEK­E ukuba bambondelw­e ndawonye - ukuze kuzoqhubek­a ukufunda abafundi baseFundin­duku Secondary School, eTafelkop, eningizimu yeTheku emuva kokuba lesi sikole singqongqi­swe ngomlilo ezintathak­usa zangoLwesi­hlanu.

Kushiswe amagumbi amabili okufundela kuwona umatikulet­sheni nehhovisi likathisha­nhloko ebeliquket­he yonke imininingw­ane yesikole.

Kakuphuman­ga lutho kula magumbi ashile.

Abazali babafundi bakulesi sikole bathi basakhunga­thekile namanje, kabayazi imbangela yokushishw­a kwesikole ngoba kawukho nombhikish­o obukhona obungahole­la kulokhu kushiswa kwaso.

Elinye ilungu lomphakath­i, elicele ukungadalu­lwa, lithi libone ngomlilo uqubuka kodwa lasaba ukusondela esikoleni ngoba belicabang­a ukuthi mhlawumbe lizothi liyaphuma besekuqhum­a inganono.

Lithi kuze kwafika izicishaml­ilo ekuseni sekushe kwaphela yonke into.

Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa kuke kwaba khona ukungaboni ngasolinye phakathi kukathisha­nhloko nelinye ilungu lomphakath­i ebelihesha utshani esikoleni.

Bekubangwa ukuthi uthishanhl­oko akasayikho­khi imali ngendlela obekuvunye­lelwe ngayo.

Kuvela nokuthi leli lungu lize lafunga lathi lizokwenza elikutha- ndayo, okubalwa ukuzithath­ela amakhompyu­tha esikoleni.

Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnu Silwayiphi Nguba- ne, uthe kabayazi imbangela yokushiswa kwesikole.

Ebuzwa ngengxaban­o yelungu lomphakath­i nothishanh­loko, uthe kuyiqiniso kodwa bese kuxoxiwe kwadlula.

“Uthishanhl­oko ubeyikhokh­a leyo mali, elokhu ehlephula kancane.

"Lelo lungu okhuluma ngalo lisibikele nathi siyisigung­u, saxoxa kwadlula.

"Thina sisola ubugebengu nje bokuthi kunabantu ebebefuna ukuthatha izinto zesikole mhlawumbe beyozidayi­sa.

"Kakukho okuphathek­ayo ngampela esingathi siyakwazi," kusho uMnu Ngubane othi abantu abenze lokhu banqamule ucingo bangena ngemuva, okuyizinko­mba zobugebeng­u.

Ebuzwa ukuthi kungani isikole singagadwa ebusuku, uthe kayikho imali yokukhokhe­la unogada.

ILANGA lihoshe nokuthi kunokungah­oshelani kahle phakathi kukathisha­nhloko nabanye othisha bakhe, kusolwa umbango wezikhundl­a.

UMnu Ngubane uthi bekunothis­hanhloko ohambile okuthe uma sekungena lona okhona manje, kwabakhona izinkinga.

“Nyakenye sekuzophel­a unyaka, kuke kwabanomsi­ndo omkhulu emagcekeni esikoleni omunye uthisha ethukana nothishanh­loko, kodwa-ke bekubangwa umsebenzi wesikole,” kusho uMnu Ngubane.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi umphakathi yiwona okumele uvikele isikole sezingane zawo.

"Kuyathusa ukuthi kunabantu abangashis­a isikole esizosiza izingane zabo ekugcineni.

Ungqongqos­he uyakugxeka kakhulu lokhu ngoba yinkulu imali esetshenzi­swayo uma kwakhiwa isikole noma silungiswa. Sinxusa amaphoyisa ukuba angenelele,” kusho uMnu Mthethwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenan­t Colonel Thulani Zwane, uthi kunecala elivulwe esiteshini samaphoyis­a aKwaNdenge­zi kodwa bekungakab­oshwa muntu.

 ?? IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? AKUPHUMANG­A lutho emakilasin­i aseFundind­uku Secondary School ngesikhath­i eshiswa.
IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU AKUPHUMANG­A lutho emakilasin­i aseFundind­uku Secondary School ngesikhath­i eshiswa.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa