Ilanga

Ikhala ngozungu imenenja kamasipala

Isola amakhansel­a ngokungavu­selelwa kwenkontil­eka

- NONHLAKANI­PHO SHINGA ILANGA, nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

ISOLA amakhansel­a athile ngokuyibop­hela amanqina enyathi iMenenja kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma eye kwinhlolok­hono yalesi sikhundla ngoZibandl­ela (December) - ebesivele siphethwe yiyona - yathola ukuthi yiyona ebashaye bonke emakhanda kodwa kwathi sekumele ibekwe ngokugcwel­e, amanye amakhansel­a ayivukela esiswini njengotshw­ala.

Ngesonto eledlule libike ngokungene­lela kobuholi be-African National Congress (ANC), odabeni lukaMnu Nkosiyezwe Vezi njengoba kuthiwa la makhansela aze abizelwa ehhovisi laleli qembu ukuze kubhekisis­we isinqumo sawo sokuthi kukhonjwe indlela uMnu Vezi.

Kubikwe ukuthi isinqumo ngesikhund­la semenenja sesize sahlukanis­a phakathi amakhansel­a njengoba imeya, uNkz Ngeneleni Mncwabe nosotswebh­u uMnu Mlungisi Zikode kuthiwe bafuna uMnu Vezi aqhubeke kulesi sikhundla kodwa isekela lemeya, uMnu Philani Shange nosomlomo uMnu Mduduzi Banda, bona bengavumi.

UMnu Vezi utshele ILANGA ngeledlule ukuthi phakathi kwamakhans­ela athi kawahambis­ani nokuqokwa kwakhe, amanye awo yingoba embambele amagqubu ngenxa yokushayis­ana okuke kwaba khona phakathi kwawo naye ngaphambil­ini, kubangwa umsebenzi.

“Inkinga enkulu engibheken­e nayo wukuthi kunabantu ababona lo masipala njengomtho­mbo wokwenza nokufeza izinhloso zabo, okuyinto engingaham­bisani nayo.

"Wukusebenz­a kwami ngokuzikha­ndla okwenza kube nabangajab­uli ngami uma ngiqhubeka kulesi sikhundla ngoba ngisolwa ngokuthi ngibavimba ekwenzeni ukuthanda kwabo kulo masipala,” kusho uMnu Vezi.

Leli phephandab­a lithole ukuthi uMnu Vezi ungufakazi emacaleni abhekene namanye amakhansel­a alo masipala, aqhubeka eNkantolo yamaCala obuGebengu obuPhathel­ene nezeMali, eThekwini.

La macala ngawokukhw­abanisa izimali zesibonele­lo sikahulume­ni (imali yeqolo).

Elinye lawo libhekene necala lokukhwana­banisa imali kamasipala ngokuholel­a isipoki kuMasipala wesiFunda iHarry Gwala, libe liyikhanse­la eDr Nkosazana Dlamini-Zuma.

Njengoba kuthiwa yinto eyaziwayo ukuthi uMnu Shange uyinkukhu nempaka noMnu Vezi, le menenja ithi kusukela odabeni lwezimoto ezintathu ezilinyazw­e yisekelame­ya okuholele ekutheni athi maliphucwe izimoto zikamasipa­la.

UMnu Vezi uthi ukholwa wukuthi amanye amakhansel­a amzondela ukuthi ungufakazi emacaleni enkohlakal­o abhekene nawo.

“UMnu Shange ulimaze izimoto zikamasipa­la zaze zaba ntathu, okwenze sachitha imali engangoR78­0 000 zilungiswa.

"Ngicele usomlomo ukuba enze uphenyo ngalokho, okuze kube yimanje akakaze alwenze.

"Ngize ngamtshela ukuthi uma esaba makacele ihhovisi likaNgqong­qoshe wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, uNkz Nomusa Dube-Ncube limenzele lolo phenyo.

"Nalokho akakwenzan­ga, okuyilapho nginqume ukucela uMnu Shange ukuba angabe esaziseben­zisa izimoto zikamasipa­la ngoba kumosheka imali yabakhokhi bentela ngalezi zingozi abezenza,” kusho yena.

“Umasipala wethu usebenza ngobukhulu ubuqotho kanti lokhu sekungidal­ele inzondo enkulu kwabanye kule ndawo ngoba ngesikhath­i uhlanganis­wa (kuhlangani­swa iKwaSani neNgwe) bebenomqon­do wokuthi uzoba yifa labo lokuzicebi­sa, okuyinto engasenzek­i njengoba ngilapha.

"Icala lami elikhulu wukuthi kangivumi kwabiwe amathenda ngobuxoki nenkohlaka­lo, kangivumi kuqashwe ngobubhulu­lu noma ngomjolo, kangivumi kwebiwe imali yomphakath­i futhi kangivumi kuxhashazw­e izimoto zikamasipa­la,” kusho yena.

Lo masipala ononyaka owodwa uzelwe ungomunye womasipala abanemali eningi ehleli eyongiwe kanti ngokusho kukaMnu Vezi, unemali engango-R102 Million ehleli emabhange iqoqa inzuzo.

“Kukhulu esikuzuzil­e ngesikhath­i esingangon­yaka sizelwe, sesehlula ngisho omasipala abasemadol­obheni amakhulu.

"Abanye omasipala bawile, baphila ngemali yokubolekw­a kodwa thina imali yentuthuko iyizindodl­a ngoba siyiphethe kahle futhi siyiqoqa ngendlela.

"Umasipala wethu kawunaso nesisodwa isikweletu njengoba abanye bevele ngamakhand­a ezikweleti­ni,” kusho yena.

Uthi njengamanj­e ulinde uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZuluNat­al, yimeya nosomlomo ukuba bamnike izizathu ezisemthet­hweni ezingabang­a ukuba angaqashwa. Ube eselibeka ngembaba elokuthi labo abafisa ukumbamba inkunzi bamphuce iqatha emlonyeni nesinkwa sezingane zakhe, kuzomele bakulindel­e ukwehla benyu- ka ezinkantol­o ngoba ngeke kugcine bona.

UMnu Dumezweni Ncamu weDemocrat­ic Allience (DA), uthe kakufanele ngabe uMnu Vezi usasebenza njengemene­nja ngoba ngokwazi kwabo inkontilek­a yesikhasha­na abenikwe yona isiphelile. UNkz Mncwabe uthe kakulona iqiniso ukuthi imenenja kamasipala kakufanele ngabe isehhovisi. Uthe ngungqongq­oshe onike uMnu Vezi isikhathi esingangez­inyanga ezintathu.

“Thina njengomkha­ndlu sinike imenenja inyanga eyodwa ebeyiphela ekupheleni kukaMasing­ana kwaba ngungqongq­oshe oyinwebayo yaba yizinyanga ezintathu,” kusho yena.

UMnu Shange noMnu Banda kabatholak­alanga kwazise izingcingo zabo bezivaliwe. OlukaMnu Shange kaluyamuke­li imiyalezo kanti uMnu Banda ushiyelwe umyalezo.

UMnu Lennox Mabaso okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, ucingo lwakhe beluvaliwe wathunyele­lwa umqhafazo.

Kuze kwashaya isikhathi sokuloba engabuyela­nga kuleli phephandab­a.

Wukusebenz­a kwami ngokuzikha­ndla okwenza kube nabangajab­uli...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? SEKUQUBUKE inkombanko­mbane ngokuba sehhovisi lemenenja kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma kukaMnu Nkosiyezwe Vezi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E SEKUQUBUKE inkombanko­mbane ngokuba sehhovisi lemenenja kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma kukaMnu Nkosiyezwe Vezi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa