Ikhala ngozungu imenenja kamasipala
Isola amakhansela ngokungavuselelwa kwenkontileka
ISOLA amakhansela athile ngokuyibophela amanqina enyathi iMenenja kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma eye kwinhlolokhono yalesi sikhundla ngoZibandlela (December) - ebesivele siphethwe yiyona - yathola ukuthi yiyona ebashaye bonke emakhanda kodwa kwathi sekumele ibekwe ngokugcwele, amanye amakhansela ayivukela esiswini njengotshwala.
Ngesonto eledlule libike ngokungenelela kobuholi be-African National Congress (ANC), odabeni lukaMnu Nkosiyezwe Vezi njengoba kuthiwa la makhansela aze abizelwa ehhovisi laleli qembu ukuze kubhekisiswe isinqumo sawo sokuthi kukhonjwe indlela uMnu Vezi.
Kubikwe ukuthi isinqumo ngesikhundla semenenja sesize sahlukanisa phakathi amakhansela njengoba imeya, uNkz Ngeneleni Mncwabe nosotswebhu uMnu Mlungisi Zikode kuthiwe bafuna uMnu Vezi aqhubeke kulesi sikhundla kodwa isekela lemeya, uMnu Philani Shange nosomlomo uMnu Mduduzi Banda, bona bengavumi.
UMnu Vezi utshele ILANGA ngeledlule ukuthi phakathi kwamakhansela athi kawahambisani nokuqokwa kwakhe, amanye awo yingoba embambele amagqubu ngenxa yokushayisana okuke kwaba khona phakathi kwawo naye ngaphambilini, kubangwa umsebenzi.
“Inkinga enkulu engibhekene nayo wukuthi kunabantu ababona lo masipala njengomthombo wokwenza nokufeza izinhloso zabo, okuyinto engingahambisani nayo.
"Wukusebenza kwami ngokuzikhandla okwenza kube nabangajabuli ngami uma ngiqhubeka kulesi sikhundla ngoba ngisolwa ngokuthi ngibavimba ekwenzeni ukuthanda kwabo kulo masipala,” kusho uMnu Vezi.
Leli phephandaba lithole ukuthi uMnu Vezi ungufakazi emacaleni abhekene namanye amakhansela alo masipala, aqhubeka eNkantolo yamaCala obuGebengu obuPhathelene nezeMali, eThekwini.
La macala ngawokukhwabanisa izimali zesibonelelo sikahulumeni (imali yeqolo).
Elinye lawo libhekene necala lokukhwanabanisa imali kamasipala ngokuholela isipoki kuMasipala wesiFunda iHarry Gwala, libe liyikhansela eDr Nkosazana Dlamini-Zuma.
Njengoba kuthiwa yinto eyaziwayo ukuthi uMnu Shange uyinkukhu nempaka noMnu Vezi, le menenja ithi kusukela odabeni lwezimoto ezintathu ezilinyazwe yisekelameya okuholele ekutheni athi maliphucwe izimoto zikamasipala.
UMnu Vezi uthi ukholwa wukuthi amanye amakhansela amzondela ukuthi ungufakazi emacaleni enkohlakalo abhekene nawo.
“UMnu Shange ulimaze izimoto zikamasipala zaze zaba ntathu, okwenze sachitha imali engangoR780 000 zilungiswa.
"Ngicele usomlomo ukuba enze uphenyo ngalokho, okuze kube yimanje akakaze alwenze.
"Ngize ngamtshela ukuthi uma esaba makacele ihhovisi likaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uNkz Nomusa Dube-Ncube limenzele lolo phenyo.
"Nalokho akakwenzanga, okuyilapho nginqume ukucela uMnu Shange ukuba angabe esazisebenzisa izimoto zikamasipala ngoba kumosheka imali yabakhokhi bentela ngalezi zingozi abezenza,” kusho yena.
“Umasipala wethu usebenza ngobukhulu ubuqotho kanti lokhu sekungidalele inzondo enkulu kwabanye kule ndawo ngoba ngesikhathi uhlanganiswa (kuhlanganiswa iKwaSani neNgwe) bebenomqondo wokuthi uzoba yifa labo lokuzicebisa, okuyinto engasenzeki njengoba ngilapha.
"Icala lami elikhulu wukuthi kangivumi kwabiwe amathenda ngobuxoki nenkohlakalo, kangivumi kuqashwe ngobubhululu noma ngomjolo, kangivumi kwebiwe imali yomphakathi futhi kangivumi kuxhashazwe izimoto zikamasipala,” kusho yena.
Lo masipala ononyaka owodwa uzelwe ungomunye womasipala abanemali eningi ehleli eyongiwe kanti ngokusho kukaMnu Vezi, unemali engango-R102 Million ehleli emabhange iqoqa inzuzo.
“Kukhulu esikuzuzile ngesikhathi esingangonyaka sizelwe, sesehlula ngisho omasipala abasemadolobheni amakhulu.
"Abanye omasipala bawile, baphila ngemali yokubolekwa kodwa thina imali yentuthuko iyizindodla ngoba siyiphethe kahle futhi siyiqoqa ngendlela.
"Umasipala wethu kawunaso nesisodwa isikweletu njengoba abanye bevele ngamakhanda ezikweletini,” kusho yena.
Uthi njengamanje ulinde uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZuluNatal, yimeya nosomlomo ukuba bamnike izizathu ezisemthethweni ezingabanga ukuba angaqashwa. Ube eselibeka ngembaba elokuthi labo abafisa ukumbamba inkunzi bamphuce iqatha emlonyeni nesinkwa sezingane zakhe, kuzomele bakulindele ukwehla benyu- ka ezinkantolo ngoba ngeke kugcine bona.
UMnu Dumezweni Ncamu weDemocratic Allience (DA), uthe kakufanele ngabe uMnu Vezi usasebenza njengemenenja ngoba ngokwazi kwabo inkontileka yesikhashana abenikwe yona isiphelile. UNkz Mncwabe uthe kakulona iqiniso ukuthi imenenja kamasipala kakufanele ngabe isehhovisi. Uthe ngungqongqoshe onike uMnu Vezi isikhathi esingangezinyanga ezintathu.
“Thina njengomkhandlu sinike imenenja inyanga eyodwa ebeyiphela ekupheleni kukaMasingana kwaba ngungqongqoshe oyinwebayo yaba yizinyanga ezintathu,” kusho yena.
UMnu Shange noMnu Banda kabatholakalanga kwazise izingcingo zabo bezivaliwe. OlukaMnu Shange kaluyamukeli imiyalezo kanti uMnu Banda ushiyelwe umyalezo.
UMnu Lennox Mabaso okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, ucingo lwakhe beluvaliwe wathunyelelwa umqhafazo.
Kuze kwashaya isikhathi sokuloba engabuyelanga kuleli phephandaba.
Wukusebenza kwami ngokuzikhandla okwenza kube nabangajabuli...