Ilanga

Baduve emakhaya ngenxa yesiphepho

- PAMELA ZUNGU

BADUVE emakhaya abafundi baseMalahl­eni Primary School eMnambithi, maphakathi neKwaZulu-Natal, emuva kokuba lesi sikole sikhahlany­ezwe yisivunguv­ungu esihambisa­na nemvula nokuduma kwezulu okushiye umonakalo omkhulu kule ndawo.

Lesi siphepho, esenzeke emasontwen­i amathathu edlule, sicekele phansi wonke amagumbi okufundela kanti abafundi bakhathaze­kile njengoba isikole sivaliwe.

Umzali, ocele ukuba igama lakhe lingadalul­wa, utshele leli phephandab­a ukuthi bakhathaze­kile ngekusasa lezingane zabo.

“Kasazi ukuthi kuzothatha isikhathi esingakana­ni ukuba isikole silungiswe njengoba izingane zethu zihleli emakhaya zingafundi. Singajabul­a uma umnyango wezemfundo ungathatha abafundi ubafake kwezinye izikole ukuze bangasali ezifundwen­i,” kusho lo mzali.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Mlotshwa, uthe uzoxhumana nehhovisi lomnyango elisezinge­ni likamasipa­la mayelana nalolu daba.

“Umnyango uyalekelel­a ngamagumbi angomahamb­a nendlwana ezikoleni ezisuke zikhahlame­zekile ukuze abafundi bezoqhubek­a nokufunda,” kusho uMnu Mlotshwa.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdaba KwaZulu-Natal - okuyi- wona obhekelele izinhlekel­ele - uMnu Msawakhe Mayisela, uthi umnyango wezemfundo yiwona okumele ubhekelele lesi simo.

“Umnyango wethu ubhekelela ikakhuluka­zi imiphakath­i esuke ikhahlanye­zwe iziphepho njengoba sisuke sinikela ngamatende, wukudla nozingubo zokulala. Ukube kuthiwa lesi siphepho senzeke kunabafund­i emagunjini okufundela, besizongen­elela,” kuchaza uMnu Mayisela.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? AMEHLO akho ntombi angivusela usinga kwathi mangikwiti­ze ngezilimi! Uma ngiwabheka ngivele ngibone izinkanyez­i ezingamawe­le, uCaster noPollux! Lesi siphalapha­la nguNonkany­iso Marabela (26), sidabuka eMount Fletcher, e-Eastern Cape. Itheleke kuleli...
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU AMEHLO akho ntombi angivusela usinga kwathi mangikwiti­ze ngezilimi! Uma ngiwabheka ngivele ngibone izinkanyez­i ezingamawe­le, uCaster noPollux! Lesi siphalapha­la nguNonkany­iso Marabela (26), sidabuka eMount Fletcher, e-Eastern Cape. Itheleke kuleli...
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? SISHIYE umonakalo omkhulu isiphepho eMalahleni Primary, eMnambithi, okuholele ekutheni abafundi baduve emakhaya.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E SISHIYE umonakalo omkhulu isiphepho eMalahleni Primary, eMnambithi, okuholele ekutheni abafundi baduve emakhaya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa