Ilanga

BAXOSHE UTHISHANHL­OKO

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UZITHINTEL­E iziqandu uthishanhl­oko waseQondin­dlela High School, kwesaKwaBi­yela eNtambanan­a, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, okuthiwa uxoshwe ngabazali ngoba ubebabiza ngamaqaba namabhinca uma beyokwethu­la izikhalo zabo kuye ngezinto ezenzeka kulesi sikole.

Kubikwa ukuthi bavuke umbhejazan­e abazali bezingane ezifunda kulesi sikole behlangene nazo, bathi kabasading­i lutho olubahlang­anisa nothishanh­loko wakulesi sikole.

Okucasule kakhulu umphakathi wukuthi kunemibiko ethi uthishanhl­oko utshele abafundi ukuthi leli sonto ngelokugci­na befunda kulesi sikole, kumele bayofuna izikhala kwezinye ngoba isikole uyasivala kwazise sehlelwe kakhulu yisibalo sabafundi ababhalisi­le.

Okunye okuthiwa kucasule abazali wukuthi kunezifund­o azivalile uthishanhl­oko okubalwa kuzona iLife Sciences, iTourism, iPhysical Science, iMaths Literacy kodwa bangayitho­la incazelo.

Kubikwa ukuthi besebephoq­wa abafundi ukuba benze ezinye izifundo.

Omunye umzali, ongathanda­nga ukuba lidalulwe igama lakhe, uthi izingane zabo zibatshele ukuthi kuqale nyakenye ukuvalwa kwezifundo, abazali bazama ukuxoxa nothishanh­loko kodwa wangavuma ukubonisan­a nabo.

"Uma ethi isikole uyasivala, ubethi sizozishon­isaphi izingane ngalesi sikhathi sonyaka ngoba zigcwele zonke izikole?” kusho umzali.

Uthi bebebukelw­a phansi, kungekho ukuzehlisa kuthishanh­loko emalungwin­i omphakathi ekubeni kungesiyen­a owendawo.

Utshele ILANGA ukuthi uthishanhl­oko ubethi ngeke atshelwe ngamabhinc­a yena.

Usihlalo wekomidi lentsha kwesaKwaBi­yela, uMnu Bernard Mngadi, uthi bekungeke kulunge ukuba sivalwe isikole ngoba ezinye ezingomakh­elwane ziqhelile, kuhanjwa amabanga alinganise­lwa e-16km uma kuyiwa kuzona.

Utshele leli phephandab­a ukuthi obekungehl­i kahle emphakathi­ni wukuthi bezingamuk­elwa izingane uma ziyofuna izikhala ekubeni zinakho konke okudingeka­yo.

"Isikole sinezingan­e ezilingani­selwa kwezingama-94 kodwa kunenqwaba ebijikiswa. Izinto eziningi zixovekile nemikhakha efundwayo kayiqondil­e ngaphandle kowakwaCom­merce. Kuqedwa ezinye izifundo ngaphandle kokuba kwaziswe abazali, nothisha abaningi bese behambile,” kusho uMnu Mngadi.

Ilungu lesigungu esilawula isikole, uMnu Jomo Biyela, lithe kuyiqiniso ukuthi umphakathi umxoshile uthishanhl­oko.

Uthe bayethemba ukuthi kuzoqalwa kufundwe namhlanje ngoMsombul­uko - selokhu kuxoshwe uthishanhl­oko abafundi bebeya esikoleni bafike bazibukele izindonga.

Imizamo yokuthola abakhulume­la uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, iphunzile kwazise izingcingo zabo bezikhala zingabanjw­a.

Kuqedwa ezinye izifundo ngaphandle kokuba kwaziswe abazali.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa