Ilanga

ULALE EBALIWE ODUBULE WABULALA IZELAMANI

- PAMELA ZUNGU NOTHANDEKA NGOBESE

ULALE ebaliwe owesilisa osolwa ngokudubul­a abulale isinqamath­e sakhe nomlamu wakhe eRichmond Farm, entshonala­nga yeTheku, maqede washaya utshani.

Umsolwa - esiligodli­le igama lakhe aze avele enkantolo - ukhalelwe ngamasongo kaSigonyel­a ezintathak­usa zangoLwesi­hlanu ehuqa ubuthongo emqashweni abesehlala kuwona eNewlands East, enyakatho yeTheku.

Kuthiwa mhla ziyisi-8 kuMfumfu (October) nyakenye, uvakashele unina wezingane zakhe ezimbili, uNkz Phindile Khuzwayo (31), kanti kuzosuka ingxabano, wamdubula.

Kuthe uma uNkz Hlengiwe Khuzwayo, ongudadewa­bo omncane kanina wezingane zalona wesilisa ezwa umsindo wesibhamu ekamelweni likadedewa­bo, waphuthuma eyobheka ukuthi kwenzenjan­i. Kuthe efika wabuza kumsolwa ukuthi kwenzenjan­i.

Impendulo kube yinganono. Umdubule esifubeni waphu- thunyiswa esibhedlel­a, okuyilapho eshonele khona ngakusasa.

Umthombo osondelene nalo mndeni, utshele ILANGA ukuthi selokhu senzekile lesi sigameko, umsolwa akaphindan­ga walubhada eRichmond Farm, kanti nangosuku lomngcwabo ubengekho.

“Izingane zakhe selokhu zimgcine mhla ebulala unina. Bese zisizwa ngomakhelw­ane namanye amalungu omndeni ngezinto zesikole.

"Sikholwa wukuthi ukuboshwa kwakhe kuzopholis­a amanxeba nasemndeni­ni njengoba bewuhlala uzibuza ukuthi ukuziphi izintaba,” kusho lo mthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe ngesikhath­i umsolwa eboshwa utholakale nesibhamu sohlobo lwe9mm, esingekho emthethwen­i nezinhlamv­u.

Kumanje ugcinwe esitokisin­i saseNtuzum­a kanti kulindelek­e ukuthi avele namhlanje ngoMsombul­uko eNkantolo yeMantshi khona eNtuzuma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa