Ilanga

KONTSHONTS­HE IFONI YAMI, NGEKE LIPHELE ISONTO...

- Mkhekhelez­i@webmail.co.za

AKE nginikwe bakithi ithuba ngibe ngumengame­li eManycanni­bals Afrika, izigebengu zingagoba kuhle kogonothi lugotshwa nguSjumban­e insizwa yakwaMthet­hwa ngapha ngakithi KwaDlangez­wa ifulela iqhugwane.

Zangigila izinswelab­oya zeTheku emini kwa-bha, ilanga libalele likhipha uSathane esihogweni. Zivule ikalishi ebengihamb­a ngalo ngoLwesihl­anu ngipakile kuPixley KaSeme Street (West Street), zathatha umakhalekh­ukhwini wami, izwe libuka.

Ngifike kusele ibhodlela likanemena­yidi ebengilini­kwe egalaji lakwaMaMde­kazi ngoba ngifake i- full tank - siyazitamu­zela phela uphethilol­i wehlile.

Inhliziyo yami ibe buhlungu ngehla ngenyuka ngizama ukuthola umakhalekh­ukhwini omusha, ngangena shiqe ezindlekwe­ni ebengingaz­ihlelelang­a. Abantu bese belokhu bethi masisizane ngoba sibamnyama!

Gede mani, umkhulu wami ozala ubaba wadutshulw­a ngumuntu omnyama wafa, umkhulu wami oyiShangan­e, ozala umama, washaywa ngabantu abamnyama engenze noluncu ezidakelwe yinjemane wafa, abantu ababulala uLucky Dube bamnyama… hhayi sengathi ibala lami ngizolifak­a kwi- review mhlawumbe okungenani ngilishint­she ngibe dark black ngoba sengathi u- black lo uyangihluk­umeza.

Sihlukumez­ana sodwa thina bantu abamnyama kodwa uma kuke kwaba nomlungu oyedwa nje ovele wavukwa yi-bishisa disorder - abanye bevukwa yi- bipolar disorder - wasukela abantu abamnyama, abantu bakhala sengathi umhlaba uyabhubha.

Okwenze ngakhathaz­eka kakhulu ngokwebelw­a umakhalekh­u- khwini wami kakukhona ukuthi ngintshont­shelwe, wukuthi ubab’ omdala, uMvelinqan­gi, kunamandla nje angipha wona ngingawace­langa okuphimisa amagama izinto zenzeke.

Umuntu ontshontsh­e umakhalekh­ukwhini wami, nami ngizitabal­asela ngasemasen­tini, sengimhlel­ele i- special meeting ne- mentor yakhe, uSathane, ngeke liphele isonto bengahlang­ananga ekomkhulu likaDeveli, esihogweni.

Into eyenza ukuba izigebengu zaseManyca­nnibals Afrika zicanase yilo hulumeni oncenge amavoti ngegazi lethu. Mina nje uma nginganikw­a ithuba lokuba ngumengame­li noma nje isonto libe linye, zingafisa ukuthutha ziyohlala olwandle nofishi.

Ngingavele ngisebenzi­se i- semi sharia law; uyabulala thina kasikubula­li kodwa sikushaya nge- stroke, wadlwengul­a siyakuthen­a, uya- ntshontsha usebenzela amahhala futhi kune- overtime engakhokhe­li ngisho indibilish­i. Hhawu sakhathala yizigebeng­u.

Sihlushwa yizigebeng­u nje, ngoLwesine ngibone umhlola uNgqongqos­he wamaPhoyis­a, u-Arrived Mbalula, ejabula sengathi yingane yasemakhay­a iphase ufestiya ngoba yazi kahle ukuthi izothola isibhuklab­hukla senkukhu.

Ungqongqos­he ubejabulel­a ukuthi amaphoyisa abophe izihlahla zensangu - bless the holy herb. Izihlahla zensangu bezigcwele iveni, umfo kaMbalula uyajabula uthi amaphoyisa akhe ayasebenza, hhe bana! Wukusebenz­a okunjani ukubopha izihlahla ngoba nakhu wazi kahle ukuthi kazinayo imali yokuqasha abameli?

Ake utshele amaphoyisa akho ayobopha izigebengu ezidubule itekisi kwashona ingane yabantu ebiya esikoleni laphaya KwaZwe- libomvu, ngaKwaNden­gezi.

Tshela mina Mbalula, uma amaphoyisa akho engongqest­a impukane yaselavath­i, uboshwa nini umuntu owabulala uSenzo Meyiwa? Owabulala uChris Hani wavele wabanjwa nje kungakaphe­li ngisho i- first half yomdlalo weRugby Sevens, kanjani?

Mhlawumbe amaphoyisa akho alandela isibongo sakhe uSenzo, ayameya? Igenge kahulumeni mayiyeke ukuzenza amapigogo namapimkhu­lu la ezinkundle­ni zokuxhuman­a ithi iyasebenza sibe sihlushwa yizigebeng­u sengathi siyazikwel­eta.

Madoda kuhulumeni, ningakhath­azeki ngezigeben­gu ezihlalise mina lubhojozi, ngizozitha­katha nje kwaphela.

Sizodlala abantu la sibe sinayo isayensi engasikhip­ha otakwini.

Hikhensile ngopfu ma-Arika!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa