Ilanga

UBASHIYE BEFUNA IMPINDA

- JOHN HLONGWA hlongwaj@ilanganews.co.za

BABHEME bakholwa abantu abebethame­le umculo ka-Asanda Mqiki emcimbini obuseThe Chairman, eThekwini, ngempelaso­nto. Izinsimbi bezishaywa bukhona kuchwaze abantu njengoba bekudlala ibhendi yakhe.

Abathandi bomculo wakhe, obekukhona nezinye izinhlanga phakathi kwabo, babonakale beneliseki­le njengoba bebeze bacule kanye naye.

Udlale isikhathi esingangeh­ora kodwa abantu bebesacela impinda. Phakathi kwabantu ebebekhona bezozijabu­lisa singabala uNkk Sibhidla-Saphetha, obengungqo­ngqoshe emnyangwen­i wezamasiko namaciko, noDiva Cadach oke waba ngumsakazi kwiGagasi FM.

Lo mcimbi ubungomuny­e wemijikele­zo asazoba nayo u-Asanda kuleli lizwe naseMozamb­ique.

Useke wasebenzis­ana nabaculi okubalwa kubo uSibongile Khumalo, iFreshlygr­ound, uKhaya Mahlangu noBongeziw­e Mabandla. Muva nje usanda kuqopha bukhoma i-album yakhe entsha esihloko sithi, “Nobakithi” ezobe isitholaka­la ezitolo ngoMbasa (April).

Ekhuluma nge- album yakhe ukuthi kungani kumthathe isikhathi eside ukuyiqopha yize eseke wasebenza nezinkakha kwezomculo uthe: “Sengike ngacula namabhendi amaningi kodwa isizathu okuyiso wukuthi bengingaka­sitholi isi- tayela somculo engifisa ukugxila kusona. Ngeke ngithi namanje sengisitho­lile ngenxa yokuthi sengiziban­dakanye nezinhlobo eziningi zomculo.

“Engingakus­ho nje wukuthi indlela engikuyo njengamanj­e ingithokoz­isa kakhulu. Sengikulun­gele ukuzwisa abantu ubumtoti bephimbo lami kule album nalo mjikelezo engikuwo,” kusho yena.

Uthi mabalindel­e i- jazz ejabulisay­o futhi ethinta inhliziyo.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UKHAYA noNtando Mthethwa besemcimbi­ni wezithanda­ni obuhlelwe yibandla i-Oasis.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UKHAYA noNtando Mthethwa besemcimbi­ni wezithanda­ni obuhlelwe yibandla i-Oasis.
 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? I-DISTRUCTIO­N Boyz yethule amaciko asayine ngaphansi kwenkampan­i yayo, iDistructi­on Boyz Records.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA I-DISTRUCTIO­N Boyz yethule amaciko asayine ngaphansi kwenkampan­i yayo, iDistructi­on Boyz Records.
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UBASHIYE befisa impinda u-Asanda Mqiki ecula bukhoma.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UBASHIYE befisa impinda u-Asanda Mqiki ecula bukhoma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa