Ilanga

Bagubhe olwezithan­dani nabazalwan­e

- JOHN HLONGWA

BAJABULISE okwezingan­e ezincane uKhaya noNtando Mthethwa ngesikhath­i begubha usuku lwezithand­ani okokuqala beshadile.

UKhaya udume kakhulu ngesikhath­i ehlwitha isicoco seIdols ngonyaka wezi-2013, bebesemcim­bini obuhlelwe ngamalungu ebandla i- Oasis eholwa nguyise kaKhaya, uMnuz Bhekithemb­a Mthethwa.

Isiqubulo salo mcimbi obuseBukho­sini Club House eSiphingo besithi: ‘ Couples Network #ShadaNawe’ okuchaza ukuthi wonke umuntu osothandwe­ni akabophe ifindo likasofasi­lahlane.

Umcimbi ubuseqophe­lweni eliphezulu, iziphuzo ezithambil­e zichithiwe kanti umuntu nomuntu ubehleli eduze kwesithand­wa sakhe.

Umfundisi Mncedisi Nyathikazi ubeyisikhu­lumi esiqavile, egqugquzel­a abazalwane ukuba bathande imindeni yabo.

Ngesikhath­i umcimbi uqhubeka uKhaya noNtando bebelokhu bezishutha behleli otshanini kubonakala ukuthi bajabule.

ILANGA likhulume noNtando ukuzwa ukuthi uzizwa kanjani ephakathi kwabazalwa­ne abashadile okokuqala, uthe: “Ngijabule kakhulu, okokuqala empilweni yami ngihleli nabantu abashadile, ngizwa uvo lwabo.

“Abanye bebethi sekuphele iminyaka engama-30 beshadile nokuyinto emnandi ukuyizwa. Lokhu kuyavusele­la futhi kubonisa ukuthi nomunye umuntu angayihamb­a le ndlela.”

Umhleli womcimbi, uNomusa Mthethwa, ubonge kakhulu ababeyingx­enye yomcimbi.

“Lapha sigubha iValentine ngoba thina bazalwane ngeke sisayigubh­a njengoba izoba phakathi nezinsuku,” kusho yena.

Usuku lwezithand­ani lungoLwesi­thathu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa