Ilanga

I-DISTRUCTIO­N BOYZ ISINAMACIK­O NGAPHANSI KWAYO

- LUCKY CAIN

LETHULE inkampani namaciko eliwasayin­ile iqembu elishisa izikhotha kulezi zinsuku iDistructi­on Boyz, emcimbini wekhethelo obuseThe Joint, eThekwini ngoLwesine.

Leli qembu, ebelenze umcimbi wokujabule­la ukuhlabana ngendondo yaseNigeri­a, lenze umcimbi lapho belimeme khona ozakwabo kulo mkhakha, izikhulu zikamasipa­la nosomabhiz­inisi abasemkhak­heni wezokungce­beleka.

Kulo mcimbi iDistructi­on Boyz imemezele ukuthi isinenkamp­ani yayo ebizwa ngeDistruc­tion Boyz Records.

Echaza ngale nkampani, uSamkelo Mpisane - oyimenenja yaleli qembu - utshele izicukuthw­ane ukuthi ukusungula kwabo le nkampani kusho ukukhula kubona futhi bazimisele ukunika amanye amaciko ithuba lokuvelela njengoba nabo belinikiwe.

“Siyabonga ukwesekwa esikutholi­le kusukela singena kulo mkhakha nangendlel­a abantu abasamukel­e ngayo. Kusho lukhulu kithina ukubona umculo wegqom’ ukhula ngale ndlela,” kusho uMpisane odume ngelikaSki­llo.

Ube esethula amaciko amabili abawasayin­ile kwiDistruc­tion Boyz Records, uSibusiso Khumalo (obizwa ngoK.Dot) noMbuso Zindela (obizwa ngoBlaqryt­hm).

Uncome kakhulu ikhono labo kwezokudid­iyela enanela ngokuthi ukuba nabo enkampanin­i kuzoba nomthelela omuhle kakhulu.

Kulo mcimbi kuphinde kwethulwa ne- music video yengoma ethi: ‘Ithawula’ ebihlanyis­a abantu ngesikhath­i samaholidi kaKhisimus­i.

U-DJ Sox ukhuthaze leli qembu ukuba lizimisele liyibambe noma insimbi isishisa, liqhubeke nokubeka iTheku ebalazweni lomhlaba.

Kulo mcimbi kumenyezel­we ukuthi leli qembu lithole isimemo esiyisipes­heli eSpain nase-Ibiza kanti kulindelek­e ukuba lihambele namanye amazwe aphesheya kwezilwand­le.

Amalungu aleli qembu, okunguThob­ani “Que” Mgobhozi noZipho “Goldmax” Mthembu, azibongeli­le nawo ngokwesekw­a kwawo nangokuhlo­mula ngendondo yangaphand­le kwakuleli.

Baphinde bamemezela ukuthi abantu mabalindel­e indumezulu yomcimbi ozobe ubizwa ngeGqom In Concert ozokwenzek­a maduze.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa