OMKHWANAZI ABANGAFIHLI UMLANDO
Siyiqhuba kweyangoLwesine. Ngokuhamba kwesikhathi, yashintshwa yabizwa ngokuthi kuKwaMpukunyoni okungumzukulu kaNgwaqa. Igama elithi KwaNkomokayixoshwa nelithi Mtubatuba ngawakamuva.
Kunabantu abathi uMpukunyoni ungowakwaMkhwanazi, abanye bathi kwakuyigama lomuzi kodwa lokho kungamampunge nje, kayikho into enjalo. UngowakwaMcambi, unina nguMaMsane waseDukuduku okaNonkosi. AMacambi alwa awanqoba amazimu awaxosha awabhekisa ezansi nezwe, kungakho izindawo ezingezansi zaziwa ngokuthi kuseningizimu ngoba ayebalekela ngakhona uma exoshwa ngabantu. Kakade leli lizwe esilakhele lonke labe lingelawo.
AMacambi abe eseqopha ihubo lawo elithi “Indaba yeziwane zingaye ziyay’ emahlathini izinyamazane”. AMacambi agcina esekhuluma isiZulu futhi esethefuya njengabantu baKwaNdwandwe. Lokhu kwaba wumkhombandlela wokuqala kwempilo yabo entsha. Ukuthefuya lokhu ukuthola kahle ezindaweni eziseduze naKwaMpukunyoni, KwaMthethwa, eHluhluwe, KwaHlabisa, KwaNongoma nakwezinye ezingomakhelwane.
Kakusikho okwabaKhwanazi kodwa ngokwabantu abafika kuqala kulezi ndawo belandela abakwaNdwandwe. AMacambi ahlala kule ndawo ngokuthula kwaze kwaba inkosi uNgwaqa iyakhothama kwangena uMayiba owabusa ngokuthula. UMayiba wagwanwa nguMaMsane owazala uMpuku owagcina esebizwa ngoMpukunyoni.
Phela elikaMpukunyoni lavela ngoba kukhona udadewabo omdala okuthiwa uNtwenhle, owagcina ngokugana eMangethe, egana uMzimba wakwaZwane. UNtwenhle noDlakadla bazalwa nguMaMsweli, kulabo Msweli abaphuma ebukhosini bakwaMthwethwa. Uyise nguMendu, uyisemkhulu nguMsweli.
Kunengxabano eyaba khona kubaThethwa eyadala ukuba uMendu nezingane zakhe bahlubuke baqome ukuzibiza ngegama likayisemkhulu uMsweli, kwaba yisibongo sabo. Labo bantu bakwaMsweli yibona abanikezwa nguMayiba indawo ezansi nezwe laKwaMpukunyoni ngesizathu ngoba basebexabane nabakwabo.
Kuyiphutha ukuthi abakwaMthethwa bake babusa KwaMpukunyoni! Kakukaze kwenzeke nje lokho kodwa babebusa begcine ngeMfolozi futhi bafika kamuva kunaMacambi - noma lokhu kubuhlungu kwabanye kodwa kuyiqiniso. UMayiba wabakhisa endaweni okuthiwa kuseMfekayi, abantu bakwaMfekayi ngabakwaMncwango noma oPhakathi.
Sifisa ukucacisa ukuthi labo bantu bafika kamuva sebekhona abakwaMsweli kule ndawo, futhi yibona ababa yizinduna kuqala kule ndawo. Phela uNtwenhle ukugana kwakhe kwaba nzima kakhulu kule ndawo kwaze kwaphoqa ukuba ayohlaliswa ngamadoda emzini amgade. La madoda agcina ngokwakha kule ndawo, kungakho kwagcina sekunaMacambi aseNyoni (eMangethe). UDlakadla lona ongumfowabo kaNtwenhle, nguyenay owazala iNkosi uLokothwayo eyagcina isibusa eMacambini eNyoni.
Sekubusa iSilo uShaka sahlasela kwaNdwandwe namabutho aso, bafike bakhala ngaphansi basebethatha indoda okuthiwa nguSengela ukuze bathole iqiniso kuyona mayelana nentelezi ababeyisebenzisa, eyenza ukuba ekaShaka igumbuqeke. Yilapho bathola khona ukuthi umuthi bawuthola eMacambini.
UShaka wakhipha indoda okuthiwa nguSonzalabani Mkhize ukuba ilande uMayiba owayebusa ngaleso sikhathi KwaMpukunyoni. USonzalabani wathi esebuya noMayiba, wavukwa yiqunga wamubulala wamufaka emfuleni eMbabe KwaMthethwa, wadliwa yingwenya wafika esehamba yedwa kuShaka. USonzalabani wagxekwa kakhulu ngalesi senzo sakhe.
ISilo kasizange simbulale ngokwenza le nto ebuhlungu kangaka kodwa sakhetha ukumdingisa wabaleka waze wafela endleleni wadliwa yizinja. NgoMasingana (January) entabeni eKhenani - ngomhlangano wamaNazaretha aseBuhleni - ngijabule kakhulu ngesikhathi umfundisi uGcwensa eshumayela ngayo le ndaba wathi: “Ngowe1965 kuseyinkosi yesibili yamaNazaretha, (Galilee “iLanga” Shembe), kwafika intombazane iphethwe ngengubo igula.
Kwakhuluma umoya entombazaneni owazibiza ngokuthi unguSonzalabani Mkhize, owachaza ukuthi wafa kanjani futhi selokhu wahamba emhlabeni akaze aye ndawo kodwa umoya wakhe useswini sezinja ezamdlayo. Lo Mkhize wabulala iNkosi yaMacambi (uMathaba), kuthiwa wadala ukuhlupheka okukhulu enzalweni yakhe.”
Uma kuwuthi indawo yaKwaMpukunyoni kayikaze ibuswe eMacambini, pho wayeyithathaphi le ntshumayelo lo mfundisi, wayeyisusela ekhanda? Ebe ehlanganiseni nabantu baseMacambini nenkosi yabo enguGcwensa waseMaphephetheni? Waze washo nokuthi: “Wayengazi ukuthi kuyofika isikhathi sokuthi akhulume le ndaba phambi kweSilo (uZwelithini) neNkosi yamaNazaretha, uNyazilwezulu (Mduduzi Shembe).”
Lo mlando ukhona, uma kukhona ofuna ukuqinisekisa lokhu esikhuluma ngakho lapha, makathenge iDVD kamfundisi Gcwensa yaseKhenana yowezi-2017. Siyathanda ukukuveza ukuthi abaKhwanazi kuhle uma bebusa kule ndawo babuse ngobuqotho futhi bangazami nakancane ukulifihla nokuligubuzela iqiniso ngomlando wayo ngoba sikhona nje, siwazi kahle futhi kumanje sibhala umqingo wencwadi ezochaza kabanzi ngawo.
Sithintwe nguwena Shamase ngokuthi uthi izwe nalithola kuMthethwa. Philip Nkunziyembongolo noMuntomuhle Mcambi.