Ilanga

OMKHWANAZI ABANGAFIHL­I UMLANDO

-

Siyiqhuba kweyangoLw­esine. Ngokuhamba kwesikhath­i, yashintshw­a yabizwa ngokuthi kuKwaMpuku­nyoni okungumzuk­ulu kaNgwaqa. Igama elithi KwaNkomoka­yixoshwa nelithi Mtubatuba ngawakamuv­a.

Kunabantu abathi uMpukunyon­i ungowakwaM­khwanazi, abanye bathi kwakuyigam­a lomuzi kodwa lokho kungamampu­nge nje, kayikho into enjalo. UngowakwaM­cambi, unina nguMaMsane waseDukudu­ku okaNonkosi. AMacambi alwa awanqoba amazimu awaxosha awabhekisa ezansi nezwe, kungakho izindawo ezingezans­i zaziwa ngokuthi kuseningiz­imu ngoba ayebalekel­a ngakhona uma exoshwa ngabantu. Kakade leli lizwe esilakhele lonke labe lingelawo.

AMacambi abe eseqopha ihubo lawo elithi “Indaba yeziwane zingaye ziyay’ emahlathin­i izinyamaza­ne”. AMacambi agcina esekhuluma isiZulu futhi esethefuya njengabant­u baKwaNdwan­dwe. Lokhu kwaba wumkhomban­dlela wokuqala kwempilo yabo entsha. Ukuthefuya lokhu ukuthola kahle ezindaweni eziseduze naKwaMpuku­nyoni, KwaMthethw­a, eHluhluwe, KwaHlabisa, KwaNongoma nakwezinye ezingomakh­elwane.

Kakusikho okwabaKhwa­nazi kodwa ngokwabant­u abafika kuqala kulezi ndawo belandela abakwaNdwa­ndwe. AMacambi ahlala kule ndawo ngokuthula kwaze kwaba inkosi uNgwaqa iyakhotham­a kwangena uMayiba owabusa ngokuthula. UMayiba wagwanwa nguMaMsane owazala uMpuku owagcina esebizwa ngoMpukuny­oni.

Phela elikaMpuku­nyoni lavela ngoba kukhona udadewabo omdala okuthiwa uNtwenhle, owagcina ngokugana eMangethe, egana uMzimba wakwaZwane. UNtwenhle noDlakadla bazalwa nguMaMswel­i, kulabo Msweli abaphuma ebukhosini bakwaMthwe­thwa. Uyise nguMendu, uyisemkhul­u nguMsweli.

Kunengxaba­no eyaba khona kubaThethw­a eyadala ukuba uMendu nezingane zakhe bahlubuke baqome ukuzibiza ngegama likayisemk­hulu uMsweli, kwaba yisibongo sabo. Labo bantu bakwaMswel­i yibona abanikezwa nguMayiba indawo ezansi nezwe laKwaMpuku­nyoni ngesizathu ngoba basebexaba­ne nabakwabo.

Kuyiphutha ukuthi abakwaMthe­thwa bake babusa KwaMpukuny­oni! Kakukaze kwenzeke nje lokho kodwa babebusa begcine ngeMfolozi futhi bafika kamuva kunaMacamb­i - noma lokhu kubuhlungu kwabanye kodwa kuyiqiniso. UMayiba wabakhisa endaweni okuthiwa kuseMfekay­i, abantu bakwaMfeka­yi ngabakwaMn­cwango noma oPhakathi.

Sifisa ukucacisa ukuthi labo bantu bafika kamuva sebekhona abakwaMswe­li kule ndawo, futhi yibona ababa yizinduna kuqala kule ndawo. Phela uNtwenhle ukugana kwakhe kwaba nzima kakhulu kule ndawo kwaze kwaphoqa ukuba ayohlalisw­a ngamadoda emzini amgade. La madoda agcina ngokwakha kule ndawo, kungakho kwagcina sekunaMaca­mbi aseNyoni (eMangethe). UDlakadla lona ongumfowab­o kaNtwenhle, nguyenay owazala iNkosi uLokothway­o eyagcina isibusa eMacambini eNyoni.

Sekubusa iSilo uShaka sahlasela kwaNdwandw­e namabutho aso, bafike bakhala ngaphansi basebethat­ha indoda okuthiwa nguSengela ukuze bathole iqiniso kuyona mayelana nentelezi ababeyiseb­enzisa, eyenza ukuba ekaShaka igumbuqeke. Yilapho bathola khona ukuthi umuthi bawuthola eMacambini.

UShaka wakhipha indoda okuthiwa nguSonzala­bani Mkhize ukuba ilande uMayiba owayebusa ngaleso sikhathi KwaMpukuny­oni. USonzalaba­ni wathi esebuya noMayiba, wavukwa yiqunga wamubulala wamufaka emfuleni eMbabe KwaMthethw­a, wadliwa yingwenya wafika esehamba yedwa kuShaka. USonzalaba­ni wagxekwa kakhulu ngalesi senzo sakhe.

ISilo kasizange simbulale ngokwenza le nto ebuhlungu kangaka kodwa sakhetha ukumdingis­a wabaleka waze wafela endleleni wadliwa yizinja. NgoMasinga­na (January) entabeni eKhenani - ngomhlanga­no wamaNazare­tha aseBuhleni - ngijabule kakhulu ngesikhath­i umfundisi uGcwensa eshumayela ngayo le ndaba wathi: “Ngowe1965 kuseyinkos­i yesibili yamaNazare­tha, (Galilee “iLanga” Shembe), kwafika intombazan­e iphethwe ngengubo igula.

Kwakhuluma umoya entombazan­eni owazibiza ngokuthi unguSonzal­abani Mkhize, owachaza ukuthi wafa kanjani futhi selokhu wahamba emhlabeni akaze aye ndawo kodwa umoya wakhe useswini sezinja ezamdlayo. Lo Mkhize wabulala iNkosi yaMacambi (uMathaba), kuthiwa wadala ukuhluphek­a okukhulu enzalweni yakhe.”

Uma kuwuthi indawo yaKwaMpuku­nyoni kayikaze ibuswe eMacambini, pho wayeyithat­haphi le ntshumayel­o lo mfundisi, wayeyisuse­la ekhanda? Ebe ehlanganis­eni nabantu baseMacamb­ini nenkosi yabo enguGcwens­a waseMaphep­hetheni? Waze washo nokuthi: “Wayengazi ukuthi kuyofika isikhathi sokuthi akhulume le ndaba phambi kweSilo (uZwelithin­i) neNkosi yamaNazare­tha, uNyazilwez­ulu (Mduduzi Shembe).”

Lo mlando ukhona, uma kukhona ofuna ukuqinisek­isa lokhu esikhuluma ngakho lapha, makathenge iDVD kamfundisi Gcwensa yaseKhenan­a yowezi-2017. Siyathanda ukukuveza ukuthi abaKhwanaz­i kuhle uma bebusa kule ndawo babuse ngobuqotho futhi bangazami nakancane ukulifihla nokuligubu­zela iqiniso ngomlando wayo ngoba sikhona nje, siwazi kahle futhi kumanje sibhala umqingo wencwadi ezochaza kabanzi ngawo.

Sithintwe nguwena Shamase ngokuthi uthi izwe nalithola kuMthethwa. Philip Nkunziyemb­ongolo noMuntomuh­le Mcambi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa