Isinqumo somnyango sibandlulula othisha
KUBUKEKA bungekho ubulungiswa esinqumweni soMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal oholwa nguMthandeni Dlungwana onguNgqongqoshe, sokubeka eqhulwini othisha abafunde ngomfundaze walo mnyango, iFunza Lushaka, uma sewuqasha othisha. Nakuba sikushayela elikhulu ihlombe ukuba khona kweFunza Lushaka kwazise isiza ukufundisa othisha abazimisele ngokusebenza ezindaweni zasemakhaya, kodwa siyasigxeka isinqumo somnyango sokuphumela obala ngokulwela ukuqasha kuqala othisha abafundiswe yilo mfundaze.
Kunothisha abaphothule iziqu zobuthishela ezikhungweni ezahlukene, befundiswa ngabazali, abakhala ngokuthi bakhishwe ezikoleni abebefundisa kuzona beyitoho, kwathunyelwa ozakwabo abebefundiswa yiFunza Lushaka ukungena ezikhaleni zabo.
Kunabazali abakhipha imali yabo yokugcina bekhokhela izingane zabo ezinothando lwalo msebenzi kodwa ezingenayo inhlanhla yemifundaze. Umnyango unquma kanjani ukuthi isikhala esisemakhaya noma-ke esisedolobheni kasimufanele uthisha ofundiswe ngumzali?
Sikuqonda kahle ukuthi lo mfundaze uqhamuke ngesikhathi lapho othisha abaningi (abafundiswe ngabazali) bebengayizwa indaba yokuyosebenza ezindaweni ezisemakhaya. Nokho siyazibuza ukuthi
uthisha ofundiswe yimali yomzali wakhe futhi onothando lokusebenza emakhaya ubadlululwa kanjani?
Siyakuqonda ukuthi kakade kakubona bonke abafundi bobuthishela umnyango ongakwazi ukubafundisa. Sengathi umnyango uyakhohlwa wukuthi kwayona imali yalo mfundaze iphuma ezakhamizini zakuleli ezisebenzayo, ezibanjelwa intela.
Sikubona kufana nokuthena amandla abazali abakhipha imali abayijulukele kanzima, befundisa izingane zabo ezinentshisekelo yokubumba isizwe, nxa umnyango uzoqala ngokuqasha othisha bawo.
Ngaphandle nje kokuthi lesi sinqumo somnyango sinokubandlulula othisha abafundiswe yizithukuthuku zabazali, sibukeka sizokwakhela nothisha beFunza Lushaka isigcwagcwa ezikoleni.
Sekuqalile kunezinhlelo zokhukhulelangoqo wenhlabaluhide yeTeachers Liberation Project ephikisana nalesi sinqumo somnyango.
Lokhu kuzophazamisa nemizamo yawo belu umnyango, njengoba ukhuthaza ukuba ukufunda kuqale ngosuku lokuqala ezikoleni futhi kungaphazamiseki. Kubukeka umnyango uzidlalisa wona futhi injeje ngalesi sinqumo.
Phela nxa imiphumela kamatikutsheni yesifundazwe kwenzeka yehla ngokuphela kwalo nyaka, othishanhloko bazokuba nebhaxa lokuvika ngokuphazamiseka kokuqala kokufundwa ezikoleni.
Sikhuluma nje kunezikole othishanhloko bakhona abakhihla esikaNandi ngokushoda kothisha ngesinqumo sawo umnyango sokumisa ukuqashwa kothisha abayitoho. Inhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Enock Nzama, isanda kulibeka ngesihloko elokuthi wonke uthisha ozoqashwa kulesi sifundazwe uzokube egunyazwe nguyena. Le nkulumo kaDkt Nzama nayo yakha isithombe sokuthi sengathi konakele ezingxenyeni eziningi ze-mfundo esifundazweni nxa ukuqashwa kukathisha sekudinga naye uqobo ekubeni kunabahloli abakuholelayo ukulawula ngendlela iziyingi zezemfundo.