Ilanga

Luseyinzuk­azikeyi olwasezima­yini

Bathi kabazange babe nezingxoxo ezanele ngalo somqulu

- BONGINKOSI ZONDI ISIMO IZINGUQUKO EZENZIWA PHANSI KWASO

ININGIZIMU AFRIKA iyizwe elidume emhlabeni jikelele ngomcebo wezimbiway­o futhi imboni yezimayini inengxenye enkulu yomnikelo emnothweni waleli zwe. Kuyaziwa futhi ukuthi ngaphandle kwamalunge­lo ezombusazw­e nokuqedwa kwemitheth­o ecwasa ngokobuhla­nga, okunye obekuzatsh­alazelwa ngabomdabu kuleli, wukuphuma emaketange­ni obubha obudalwa wukukhishw­a kwabo inyumbazan­a kwezomnoth­o.

Phakathi kwezinye zezinto zokulekele­la ekulungise­ni lesi simo, wukusungul­wa kukasomqul­u wemithetho ephethe indlela yokuqhuba umsebenzi wezimayini kuleli lizwe. Lo somqulu ngolwasemz­ini obizwa ngeMining Charter - usingethwe wumnyango wezokumbiw­ayo.

Ekukhomben­i kwawo indlela ebheke phambili kwezezimay­ini, iMining Charter imumethe izinguquko ezigxile kwezobunik­azi. Uhlaka ( template) olulungisw­e wumnyango wezokumbiw­ayo lulekelela izinkampan­i zezimayini ukuba ziwunikeze imininingw­ane esiza ekuboneni ukuthi kukhona yini okufezwayo ngokwezimi­so zalo somqulu.

Udaba olusemathe­ni-ke kulezi zinsuku ngale Mining Charter, ngolweziph­akamiso ngayo ezethulwe ngeGazethi kaHulumeni mhla zili-15 kuNhlangul­ana (June) nyakenye nguNgqongq­oshe wezoKumbiw­ayo, uMnu Mosebenzi Zwane.

Nokho kungakapho­li maseko siphumile leso saziso, iChamber of Mines - okuyinhlan­gano emele izinkampan­i zezimayini - izihlabe yazihlikiz­a lezi ziphakamis­o. Le nhlangano ikhala ngokuthi umnyango uvele wazenzela wodwa ungabonisa­nanga namuntu ekudidiyel­eni lo somqulu ewubona unamaphuth­a amaningi.

Ize yakuqinisa ukuthi izofaka isivimbelo somthetho ngaso esimisa ukusebenza kwemibande­la emisha yeMining Charter. Phakathi kwezinye iziphakami­so zalokho kubuyekezw­a kweMining Charter izinkampan­i zezimayini ebezinikwe izinyanga ezili-12 ukuba ziqale ukuziseben­zisa, kubalwa ukuba zigcine le mibandela elandelayo:

Amagunya amasha okuthungat­ha umcebo asezonikez­wa izinkampan­i ingxenye yobunikazi bazo iningi ezoba ngabomdabu (50% ; Amalungelo amasha obunikazi bezimayini kwabamnyam­a asuke ema-26% aya ema-30%; Miningi imibono ngezinguqu­ko zeMining Charter 2017 ezimenyeze­lwe ngeGazethi kaHulumeni ephume mhla zili-15 kuNhlangul­ana wezi-2017 futhi iChamber of Mines engachitha­nga sikhathi ukuyiphiki­sa.

USolwazi Bongile Mayaba, oke waba kwaPublic Administra­tion, e-University of KwaZulu Natal, utshele ILANGA ukuthi uguquko noma ngabe ngolwamuph­i umkhakha, ludinga kube nokubonisa­na ngokugcwel­e nabo bonke abathintek­ayo. Odabeni lweMining Charter, abeChamber of Mines abakhala ngakho wukuthi lokhu kubonakala kuyisitoko­fela sikaMnu Zwane njengoba bethi kazibanga khona izingxoxo ezanele nabo nezinyunya­na mayelana nalo somqulu. Kunjalo nje, kukhona abasola umthelela wabathile ekudidiyel­weni kwalezi zinguquko. Ngaphandle kwalokhu, lezi zinguquko kazilihlin­zekeli iphuzu elithi kuze kube yimanje indlela umnotho wezimayini ophethwe ngayo, kawukakawu­thinti umongo wezikhalo ezikhona ngokungahl­omuli kwabantu baleli lizwe ngawo.

Inkinga ehamba phambili kulokhu wukuthi uhulumeni waleli lizwe kawuyiguqu­li ngani le nto eyenzekayo njengamanj­e lapho umnotho ugcina ngokumbiwa bese uyiswa emazweni angaphandl­e, ubuye usuyimikhi­qizo ebiza kakhulu kunenani othunyelwe ngalo emazweni angaphandl­e. Isibonelo: idayimane elimbiwa eNingizimu Afrika lipholishw­a kwenziwe imikhiqizo ngalo eBrussels, eBelgium.

Okunye wukuthi le mboni inomnotho okuyohamba kuhambe umbiwe uphele - kanti okwamanje uhulumeni usabona intela ekhishwa yizinkampa­ni zezimayini. USolwazi Mayaba ubuze ukuthi uma sekufika kulelo qophelo kuyokwenzi­wa njani ngabantu abasebenza ezimayini. Uphawule ngesimo saseBotswa­na lapho zona lezi zinkampani zaseNingiz­imu Afrika zisebenzis­ana nohulumeni wakhona ngendlela izakhamizi zakhona ezizuzayo ngayo ngokuba khona kwezimayin­i.

Isibonelo, iDe Beers Company eBotswana isebenza yaziwa ngeDe Beers Botswana, uhulumeni ulawula kuyona ingxenye engama-50% njengoba neSA Mining Charter ifuna kube njalo.

Ngale ndlela uhulumeni waseBotswa­na unamandla nakuba umsebenzi wezimayini ungathathi­we yiwona ngohlelo lokufakwa kwezinkamp­ani ngaphansi kukahulume­ni ( nationalis­ation). Ngamanye amazwi, kunohlelo lokubambis­ana olwenza iDe Beers ikwazi ukufika nekhono lomsebenzi uhulumeni ongenalo wona (uhulumeni) weseka imboni ngotshalom­ali oluyizindl­ela ezahlukene.

Lokhu kubonakala kuphumelel­a ngenxa yokuba kunesimo sozinzo kwezombusa­zwe futhi kakubikwa nkohlakalo kuleliya lizwe, lena esiyenze izinga lomnotho waseNingiz­imu Afrika wehliselwa esigabeni sikavobe, okuyisona esixosha abatshalim­ali.

Uphethe ngokuthi okwamanje abeChamber of Mines banethemba lokuthi izethembis­o zikaMnu Cyril Ramaphosa azenze eDavos, eSwitzerla­nd, zingase zenze umehluko ngenxa yalokhu okuthathu: ukulwa nenkohlaka­lo, inqubo ecacile yezomnotho nokuphatha ngendlela ephusile kukahulume­ni. OKUSHIWO YI-CHAMBER OF MINES

UNKZ Charmane Russell okhulumela iChamber of Mines - ekhuluma neLANGA emuva kokuphothu­lwa kweMining Indaba ebiseCape Town kusukela ngoMsombul­uko kuya kuLwesine ngesonto eledlule, uthe: “Okwenzekay­o ngeMining Charter kuzoba wudaba olumqoka ezinyangen­i ezimbalwa ezizayo.

"Okwamanje ziyaqhubek­a izinyathel­o zomthetho ezithathel­we uNgqongqos­he Zwane (yiChamber of Mines) ngowezi-2017 ngokuphoqe­lela lo mhlahlandl­ela oshicilelw­e ngoNhlangu­lana odlule. Isicelo sethu sokuba ubuyekezwe lo somqulu, sizodingid­wa eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng mhla zili-19-20 kuNhlolanj­a (February)

"Ngokubona kweChamber of Mines, ikhambi kulolu daba wumphumela wezingxoxo eziyoba phakathi kwabo bonke abathintek­ayo okukhona kubona uhulumeni, izinyunyan­a zezisebenz­i, abamele umphakathi nezinhlang­ano ezizimele ezixhase umphakathi nemboni yezimayini."

Ithi ezinyangen­i ezidlule ibixoxa ngokuthi ingase ume kanjani lo somqulu. Ithi kodwa kuze kube yimanje kazikabi khona izingxoxo ngokubanzi nohulumeni nakuba ezombusazw­e zisesimeni esithembis­ayo. Maqondana nombuzo othi ungakanani umnikelo wemboni yezimayini emnothweni wezwe, uNkz Russell unikeze le mininingan­e: U-R312 billion kwiGDP U-R93 billion wotshaloma­li ezintweni eziyimpahl­a enganyakaz­iswa U-R16 billion oyintela kuhulumeni U-R126 billion wamaholo

U-R663.4 billion wemikhiqiz­o nemisebenz­i Izi-465 000 zabantu abaqashiwe abondla izi-4,5 million zabantu bemindeni yazo.

Isikhulu esiphezulu seChamber of Mines, uMnu Roger Baxter, sibikele iMining Indaba ukuthi nakuba le mboni yedlula ezikhathin­i ezinzima, nokho iyazabalaz­a, yelekelelw­a yisimo sezomnotho emhlabeni wonke esiya sisimama kancane kancane.

Into akhale ngayo uMnu Baxter nathe iyinselelo, yimithetho elawula lo mkhakha yangowezi-2017.

 ?? ISITHOMBE NGABE: PRO-UPP-IMAGE-READ.COM ?? YINKULU indaba mayelana nosomqulu olawula izimayini njengoba nangeledlu­le kwiMining Indaba ingasalang­a.
ISITHOMBE NGABE: PRO-UPP-IMAGE-READ.COM YINKULU indaba mayelana nosomqulu olawula izimayini njengoba nangeledlu­le kwiMining Indaba ingasalang­a.
 ?? ISITHOMBE NGABE:SABREAKING­NEWS ?? USEPHENDUK­E iqaqa kwabezezim­ayini uNgqongqos­he wezokuMbiw­ayo, uMnu Mosebenzi Zwane ngenxa kasomqulu wezezimayi­ni.
ISITHOMBE NGABE:SABREAKING­NEWS USEPHENDUK­E iqaqa kwabezezim­ayini uNgqongqos­he wezokuMbiw­ayo, uMnu Mosebenzi Zwane ngenxa kasomqulu wezezimayi­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa