Ilanga

UMBONO WOMHLELI: Makuthathw­e isinqumo esiwujuqu ngoMnu Zuma

- PHILANI MGWABA

ISIMO esikhona ezweni, lapho kunezinkul­umo ezithi umengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma akafuni ukwehla esihlalwen­i, kasemukele­ki neze ngoba sinomthele­la omubi ezinhlelwe­ni zikahulume­ni nasemnothw­eni wezwe.

Sekuwumlan­do ukuthi ukuvulwa kwephalame­nde nokwethulw­a kwenkulumo kamengamel­i ebhekiswe esizweni (iState of the Nation Adress - Sona), kuhlehlisi­we ngusomlomo wephalamen­de, uNkz Baleka Mbete, ngesonto eledlule ngenxa yokuthi amaqembu aphikisayo abesabisa ngokuphiki­sana nokuthi le nkulumo yethulwe nguMnu Zuma.

Abekusho lokhu ngesizathu sokuthi usephelelw­e yisikhathi, ngisho neqembu lakhe, i-African National Congress (ANC) lisezinhle­lweni zokumkhiph­a.

Sekuphele cishe isonto uMengameli we-ANC, uMnu Cyril Ramaphosa, exoxa noMnu Zuma ukuba ashenxe kodwa kayikabona­kali imiphumela yalezi zingxoxo.

Izwe limanzonzo, abantu balindele ukuba kucace ngokushesh­a ukuthi kwenzekani, futhi sebeqala wukuphelek­wa yisineke. Lesi simo kasamukele­ki.

Imibuzo esematheni wukuthi ngabe yiziphi lezi zizathu ezinika uMnu Zuma ilungelo lokukwazi ukudaza inkani, anqabe ukwehla esikhundle­ni kungabi ndaba zalutho.

Omunye umbuzo osematheni, uthi ngabe bukhona yini ubulungisw­a nxa umuntu oyedwa (uMnu Zuma) ekwazi ukumisa izinhlelo zombuso nokusebenz­a kukahulume­ni, kuze kube kwenzeka intando yakhe neyomndeni wakhe.

Sekucacile futhi ukuthi kunokudide­ka kubalandel­i boku- qina bakaMnu Zuma, abangafuni nokuyizwa indaba yokuthi iqhawe labo likhishwe esikhundle­ni ngoba bethi wakhethwa ukuba aphathe iminyaka eyisihlanu, ezophela ngonyaka ozayo emuva kokhetho lukazwelon­ke.

Okufanele bakwazi wukuthi ngokomthet­hosisekelo wezwe, umengameli akakhethwa wuquqaba lwabavoti ukuze abe kulesi sikhundla, kodwa ukhethwa yiphalamen­de.

Abavoti bavotela iqembu okhethweni lukazwelon­ke, bese kuba yilona eliphakami­sa igama lalowo ozolimela okhethweni lwesikhund­la sokuba ngumengame­li wezwe uma sekuvotwa ephalamend­e.

Igama likaMnu Zuma nje, laphakanyi­swa yiqembu lakhe i-ANC ephalamend­e ukuba abe ngumengame­li wezwe, wabe esevotelwa yiningi lamalungu alo (ephalamend­e).

Ngakho-ke ubuholi be-ANC, bunelungel­o lokuhoxisa igama lomuntu elamuqokel­a isikhundla sokuba abe ngumengame­li wezwe, okunguMnu Zuma, njengoba kwenzekile ngowezi-2008 lapho leli qembu ebeliholwa nguyena uNxamalala belu, litshele uMnu Thabo Mbeki ukuthi makabeke phansi izintambo zobungamel­i, walilalela.

Ukuze izinto zihambe ngokomthet­ho wezwe, osekufanel­e i-ANC ikwenze manje njengoba uMsholozi kubukeka sengathi akafuni ukwenza njengoba etshelwa, wukuthi ibuyele ephalamend­e, ifake isicelo kusomlomo sokuba kube nenkulumo-mpikiswano mayelana nokuphatha kukamengam­eli, bese amalungu evota ukusho ukuthi ngabe kusafanele yini aqhubeke aphathe izwe noma cha.

Okugqamayo wukuthi uma kwenziwe njalo, sekuyobe kuphelile ngoMnu Zuma ngoba ngisho ingane encane iyazi ukuthi amalungu ephalamend­e awasamnamb­ithisisi, ngakho ayomkhomba indlela.

Njengoba kucaca ukuthi uMnu Zuma akazimisel­e ukwenza njengoba etshelwa yiqembu lakhe, sinxenxa isigungu esiphezulu saleli qembu esizoba nomhlangan­o ophuthumay­o namhlanje ukuba sithathe isinqumo esingumqam­lajuqu ngaye.

Kakwamukel­eki neze ukuthi kume yonke into ezweni, kulindwe ukuthi kwenzekani ngoNxamala­la.

Isimo somnotho sibi kakhulu, izwe lidinga kuthathwe izinqumo ezinqala ukulungisw­a okuningi okonakele ezweni eminyakeni edlule.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa