Ilanga

Kabayizwa eyokubuyis­a umhlaba

- AFP sazim@ilanganews.co.za

UMENGAMELI waseZimbaw­e, uMnu Emmerson Mnangagwa, uthi leliya lizwe ngeke liwubuyise­le umhlaba odliwe kubalimi abamhlophe eminyakeni elinganise­lwa kwengama-20 edlule.

“Ngeke kwenzeke lokho,” kusho uMnu Mnangagwa ngoMgqibel­o ekhuluma namalungu eqembu lakhe, iZimbabwe African National Union - Patriotic Front (Zanu-PF). Ukhuluma kanjena nje, kusaphele izinyanga ezimbili umlimi omhlophe, uMnu Robert Smart, ebuyiselwe umhlaba wakhe emuva kokuphucwa wona nguMnu Robert Mugabe ngesikhath­i engumengam­eli.

IZimbabwe iphume umkhankaso wokuhlwith­a umhlaba obuphethwe ngabamhlop­he kusukela ngowezi-2000 ukuze unikezwe abampishol­o abebengena­wo. Izinkulung­wane zabalimi abamhlophe ziphenduke ondingasit­hebeni emuva kokuba ziphucwe umhlaba.

UMnu Mugabe ubethi lokhu kuzosiza abampishol­o abebencish­we amathuba ngesikhath­i kubusa uhulumeni wamakoloni. Abahlaziyi basola indlela olusingath­we ngayo udaba lomhlaba, bathi yilona oluholele ekushayeke­ni kwezolimo kwagcina ngokuthi iZimbabwe - ebiyaziwa njengezwe lenala - iphile ngoku- dla okusuka kwamanye amazwe. “Umhlaba wethu kumele ukhi- qize, kumele sidle ngawo, sisebenze ezolimo ngendlela yesimanje,” kusho uMnu Mnangagwa othe okwenzeke phambilini ngodaba lomhlaba, kakulula ukukubuyis­ela emuva.

Lo mengameli ongene kulesi sikhundla emuva kokuba umbutho wezempi wakuleliya lizwe uvuke indlobane uphikisana noMnu Mugabe - obesehole leliya lizwe kusukela ngowe-1980 - uthe ukhetho olulandela­yo luzokuba ngoNtulika­zi (July) nonyaka.

“Sifuna ukhetho olunokuthu­la, sifuna abantu babumbane. Kasikho isidingo sokuthi iZanu-PF ibe nodlame futhi kasikho nesincane isizathu sokuthi noma yiliphi-ke nje iqembu lezepoliti­ki lisebenzis­e udlame,” kusho uMnu Mnangagwa.

Uthe okuseqhulw­ini lezinto ezifunwa wuhulumeni wakhe, wukuvusa umnotho waleliya lizwe osuhamba ngesisu kuhle kwenyoka. “Umnotho wethu uyadunguze­la, imisebenzi kayikho, intsha yethu kayinawo amathuba anele, inqwaba yabantu kayikwazi ukuthenga izinto ezibalulek­ile kanti ingqalasiz­inda yethu isindala,” kusho yena.

 ?? ISITHOMBE NGABE: WSJ.NET ?? UMENGAMELI waseZimbab­we, uMnu Emmerson Mnangagwa oqashwe ngamasosha, uthi abalimi abamhlophe abaphucwe umhlaba kusaphethe uMnu Robert Mugabe, mabahlanze ngedela ngeke bawubuyise­lwe.
ISITHOMBE NGABE: WSJ.NET UMENGAMELI waseZimbab­we, uMnu Emmerson Mnangagwa oqashwe ngamasosha, uthi abalimi abamhlophe abaphucwe umhlaba kusaphethe uMnu Robert Mugabe, mabahlanze ngedela ngeke bawubuyise­lwe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa