Ilanga

BAYAYICHIT­HA EYOKUBHEKA­NA NENKINGA

-

IZIHONGA zeBoko Haram zikhulule othisha abathathu basenyuves­i nabesifaza­ne abali-10 ezibathumb­e ezindaweni ezahlukene zaleliya lizwe ngonyaka odlule.

Lokhu kuvezwe wuhulumeni waseNigeri­a ngoMgqibel­o. Ngokusho kukaMnu Garba Shehu, okhulumela uMengameli waseNigeri­a, uMnu Muhammadu Buhari, labo thisha bathunjwe besebenzel­a iNigeria National Petroleum, behlola ukuthi ngabe kawukho yini uwoyela ongambiwa edanyini iChad, elizungezw­e ngamazwe amane okuyiChad, yiNiger, yiCameroon neNigeria. Abanye ozakwabo babulewe ngesikhath­i bona bethunjwa.

Laba besifazane abali-10 bona bathunjwe ngesikhath­i kunenhlaba­luhide yamasosha namaphoyis­a nyakenye emgwaqweni osedolobha­nyaneni iDamboa ngaseMaidu­guri, okuyinhlok­odolobha yasesifund­azweni iBorno.

“Badedelwe emuva kwezingxox­o eziningi ebezigqugq­uzelwa nguMengame­li Buhari, ziqhutshwa yiInternat­ional Committee of the Red Cross,” kusho uMnu Shehu othe uMnu Buhari ujabule ngokudedel­wa kwezisulu zeBoko Haram.

IBoko Haram igqame kakhulu ngesikhath­i ithumba amantomba- zanyana angama-276 esesikolen­i sikahulume­ni eChibok, eBorno ngowezi-2014 , Umthombo ngabe: AP I-CENTRAL Intelligen­ce Agency (CIA) - okuyinhlan­gano yezobunhlo­li yase-United States of America (USA), iyikhabe ngazo zombili imibiko yokuthi ibhekene nenkinga ngenxa yomuntu waseRussia oyithembis­e ulwazi oluthile ngoMengame­li Donald Trump - yagcina ingene ogibeni lokuqolwa.

I-CIA engavamile ukuphawula ngezinto eziyithint­ayo, ivuke indlobane ngoMgibelo yaphawula ngalolu daba oluphume ngoLwesihl­anu ephephanda­beni iNew York Times nakwiThe Intercept, ebhala ezimayelan­a nezokuphep­ha kwaleliya lizwe kumyalezin­yazi ( online).

“Le nsumansuma­ne yokuthi iCIA iqolwe u-R1 999 760, ngamanga aluhlaza cwe. Abantu abaqoliwe la nguJames Risen noMatt Rosenberg,” kusho iCIA esitatimen­deni ibhekise entathelin­i yeTimes, uRosenberg, okuyiyona ebhale udaba noRisen oke wasebenzel­a iTimes.

URisen nguyena obhale udaba olukwi-Intercept.

UMengameli Trump wenze adume ngazo wababela enkundleni yezokuxhum­ana, iTwitter wabhala ukuthi umbiko weTimes ukhomba ukuthi maningi amazambane abolile okumele akhucululw­e e-USA.

Kulolu daba lweTimes kuvela nokuthi kunabathil­e abanikezan­e i-USB enezimfihl­o, okwenzeke endaweni yokucima ukoma eseBerlin, eGermany.

Leliya phephandab­a libike ukuthi izinhloli zeCIA zichithe isikhathi esiningi nyakenye zizama ukuthenga kwiRussia imishini yale nhlangano yokupopola imikhuba yabanye abantu, entshontsh­we ekomkhulu leNational Security Agency. AFP

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa