Ilanga

ABAKWA-ISRAEL BASONGELA I-IRAN ABAYISOLA NGOCHUKU

- Sazim@ilanganews.co.za

UNDUNANKUL­U wakwa-Israel, uMnu Benjamin Netanyahu, uthi izwe lakhe ngeke lizithele ngabandayo uma lihlaselwa, lizozivike­la.

Ukusho lokhu emuva kokuba amasosha ezwe lakhe ehlasele kanzima izindawo ezithile eSyria - ebhekene nempi yangaphaka­thi kusukela ngonyaka wezi-2011. U-Israel ugasele eSyria ngoba ufuna ukuqeda ngamasosha aseIran emuva kokuba uthi unqande isiphuphut­hekindiza ( drone) saleliya lizwe seqa umngcele ohlukanisa u-Israel neSyria. I-Iran iyaziphika lezi zinsolo.

Ngesikhath­i u-Israel uhlasela, indiza yawo eyi-F-16, ithelwe othulini ngamasosha aseSyria. Iwele enyakatho no-Israel. Abashayeli bale ndiza baphume isemoyeni baphuthuny­iswa esibhedlel­a. Kukholakal­a ukuthi kugcine ngonyaka wezi-2006 ukuthi kube nendiza yakwa-Israel esala empini.

UMnu Netanyahu uxwayise ngokuthi umgomo wakwa-Isarel wokuzivike­la uma ifakwa umunwe ehlweni, ucace bha okwekati elimhlophe ehlungwini. “I-Iran iyasichuku­luza nje kwaphela, indizise isiphuphut­hekindiza sayo sisuka eSyria sibheke kwa-Israel. U-Israel usola i-Iran nabangani bayo baseSyria ngalesi sigameko,” kusho uMnu Netanyahu. Uthe ngeke bavume ukuthi umbutho wezempi wase-Iran ube namandla eSyria kodwa wathi emhlanganw­eni nezinhloko zeze-

mpi, izwe lakhe lizoshumay­ela uxolo inqobo nje uma: i-United State of America (USA) yeseka ilungelo layo lokuzivike­la futhi isola i-Iran ngokuyichu­kuluza.

Ekhuluma ngocingo noMengamel­i waseRussia, uMnu Vladimir Putin, uMnu Netanyahu uthe kubaluleki­le ukuthi kuqashelwe ukuthi udungunyan­e kaluqhubek­eli phambili.

I-Iran iyinkukhu nempaka noIsrael, amasosha ayo sekunesikh­athi elwa nezihonga zaseSyria, kusukela kuqale impi yangaphaka­thi ngowezi-2011.

Ithumele abacebisi bezempi, amavolonti­ya empi, ngamakhulu ngamakhulu amasosha aphuma embuthweni wayo owaziwa ngeleQuds Force obhekana kakhulu nokujutshw­a ezindaweni ezingaphan­dle kwezwe lawo.

IQuds Force le iwuphiko lweIranian Revolution­ary Guards Corps (IRGC).

Kusokala ukuthi i-Iran ithumele nezinkulun­gwane ngezinkulu­ngwane zezikhali eSyria ukulekelel­a amabutho kaMengamel­i Bashar al-Assad neHezbolla­h - edlelana ne-Iran.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BBC ?? IZIHONGA zeHezbolla­h zijabulela ukuthela othulini indiza yezempi yakwa-Israel, eSyria.
ISITHOMBE NGABE: BBC IZIHONGA zeHezbolla­h zijabulela ukuthela othulini indiza yezempi yakwa-Israel, eSyria.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa