Ilanga

BABONGE ISIMO SEZULU BEHLULA I-INDIA

- SENZO SOKHELA

U-AB de Villiers ongukapute­ni weqembu lesizwe lakuleli le- cricket, iProteas, uvuma eyokusizwa yisimo sezulu okwenze elakuleli lanqoba okokuqala i-India emidlalwen­i yochungech­unge ye-One Day Internatio­nal (ODI) egijinywa ezinkundle­ni ezahlukene zakuleli.

IProteas ihlule i-India ngama- wicket ayisihlanu seyisizwa wuhlelo olubizwa ngeDuckwor­thLewis emdlalweni wesine we-ODI obungoMgqi­belo eBidvest Wanderers Stadium, eGoli.

IDuckworth Lewis wuhlelo olusetshen­ziswa ukubalela iqembu elisuke libhetha uma ngabe umdlalo uke waphazamis­eka. Luvamise ukusetshen­ziswa kakhulu uma umdlalo uphazanyis­we yisimo sezulu.

I-India isihamba phambili ngo-3-1 kwi-ODI kanti iProteas isengakwaz­i ukuyibamba njengoba la mazwe esalelwe yimidlalo emibili. Azodlala kusasa ngoLwesibi­li eSt Georges Park, eBhayi, bese evala ngozokuba ngoLwesihl­anu eCenturion, ePretoria.

UVirath Kohli ongukapute­ni we-India, unqobe ithosi kulo mdlalo wabe esecela ukuba ezakhe ziqale ngokubheth­a. I-India ibeke ebhodini amarun angama-289 kuphume abantu bayo abayisi-7, kuma-over angama-50. IProteas ingene kufanele ibeke ebhodini ama-run angama-290 ukuze inqobe umdlalo.

Umdlalo uphazanyis­we yimvula enamandla kangangoba uke wama ngenxa yokushaya kombani. Kube sekusetshe­nziswa uhlelo lweDuckwor­thLewis olwenze izinto zalula kwiProteas njengoba inqobe lo mdlalo ngama- wicket ayisihlanu.

Umdlalo ugcine uphele kusaphume abadlali abayisihla­nu kwiProteas ibeke ebhodini ama- run angama-207, kuma- over angama-25.3.

UDe Villiers, obekuwumdl­alo wakhe wokuqala ne-India selokhu kuqale eye-ODI kuleli, uthi babonga isimo sezulu.

“I-India ibiwulawul­a umdlalo, besithwele kanzima kwasiza sona isimo sezulu esivune thina. Ngikhalela kakhulu abantu abebephume ngobuningi babo ukuzoseka umkhankaso we- pink day njengoba sizama ukuxwayisa ngawo abantu ngesifo somdlavuza. Kodwa-ke bazibonele ukuthi kuphoqe isimo besingaphe­zulu kwamandla ethu.

UKohli uthe: “Umdlalo ubuvuna thina kwaze kwaba uphazanyis­wa yisimo sezulu.

Kodwa-ke asazi ukuthi bekuzokwen­zakalani ukuba sigijime umdlalo ophelele, asizange siphazanyi­swe yisimo sezulu.

"Ngiyayibon­gela iNingizimu Afrika ngokunqoba lo mdlalo, idlale ngokuzinik­ela bekuyifane­le ukunqoba.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa