IDLONDLOBALA NGAMANDLA I-NONGOMA 28KM MARATHON
BAWUBONA uzodlondlobala ngesikhulu isivinini umjaho iNongoma 28km Marathon onqotshwe nguSlindile Gubese we-Ethekwini Athletics Club noLoveness Madizva waseZimbabwe.
UGubese ushaye intambo ngesikhathi esingu-1:29 ebekwe ezithendeni nguSiyabonga Nkonde kwathi u-Anele Dlamini walala isithathu. Kwabesifazane ubhedu ludliwe nguLoveness, isibili sathathwa nguSlindile Chili kwathi uXoli Madida wangena isithathu.
IMeya yaKwaNongoma, u-Albert Mncwango, ihlabeke umxhwele ngesasasa elikhonjiswe ngabasubathi kulo mjaho.
“Ukuba khona kwabagijimi abaphuma ngaphandle kwaseNingizimu Afrika kulo mjaho kunginika olukhulu ugqozi ngokukhula kwawo. Sizohlangana sibonisane ukuzama ukwenyusa imiklomelo. Okungijabulisayo wukuthi baningi abasubathi baKwaNongoma abenze kahle.
“Kunabasubathi esizobajoyinisa amakilabhu, sibathengele izinto zokugijima, sibasize uma kunemijaho abazokuba yingxenye yayo. Inhloso yawo wukugqugquzela intsha ukuba yingxenye yezemidlalo ukuze ihlale iphilile. Silindele ukuba usize nalabo abazokuba yingxenye yeZululand Ultra Marathon ezokuba ngenyanga ezayo kanjalo neComrades Marathon. Yomibili le mijaho iyehla okuzosiza kakhulu abasubathi abazoyigijima,” kusho imeya uMncwango.
Lo mjaho ubuhambisana ne10km enqotshwe ngu-Ayanda Mncube kwabesilisa, kanti kwabesifazane ubhedu lwadliwa nguNomcebo Mthethwa.
Isiyonke imiphumela yalo mjaho ihambe kanje, kwabesilisa: 1. Slindile Gubese (Ethekwini) 1:29:30, 2.Siyabonga Nkonde (Boxer) 1:30:08, 3.Anele Dlamini (Hammarsdale) 1:30:48, 4.Thobile Mbolekwa (Hollywood Bets) 1:34, 5.Nkululeko Ngubane (Ixopo) 1:35.
Kwabesifazane: 1.Loveness Madizva (Nedbank) 1:51:45, 2. Slindile Chili (Ethekwini) 1:51:46, 3.Xoli Madida (Natal Carbs) 2:00, 4.Nokukhanya Memela (Speed) 2:09, 5.Precious Duma (Nedbank) 2:13.
Kwi-10km, kwabesilisa: 1.Ayanda Mncube (Ethekwini) 30:56, 2. Thulani Mdletshe (NRB) 32:42, 3. Nhlanhla Ncube 32:08, 4.Thabani Shoyisa 33:35. Kwabesifazane: 1. Nomcebo Mthethwa (uMhlathuze) 30:35.