SEYETHEMBE ISIPILIYONI I-RICHARDS BAY FC
KUGXABHA isisu kumqeqeshi weRichards Bay FC ezobhekana neBloemfontein Young Tigers kwiNedbank Cup Last 32 ngoLwesithathu ngo-15h30 eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.
UJean Louis Losciuto ocija iBay, uthi kunzima njengoba bebhekene nekilabhu angayazi. Uthi ushaywa wuvalo oluncane.
Nokho uthi bazozibamba ziqine kulo mdlalo. IBay igijima kwiNational First Division (NFD) kanti iYoung Tigers ilihlikihla kwiSouth African Football Asso-ciation Free State ABC Motsepe League.
IBay eholwa nguSifiso “Jomo” Biyela, kubhekwe ukuba ibuyise isithunzi nokuzethemba ngale kilabhu kwazise isalwa impi yokubalekela izembe kwiNFD.
ULosciuto uthi: “Bazokuza kithina befana nencwadi evalekile ngoba kangikaze ngibabone bedlala. Kukhona okuncane engikuzwayo ngabo kodwa akwanele, okumqoka wukubazi ngokubabona bedlala, inzwabethi kayisizi. Nokho sithembe isipiliyoni kulo mdlalo sokuthi sidlala esigabeni esingaphezulu kwesabo.
“Kulo mdlalo ngihlose ngawo ukunika ithuba laba abadlali abangavamisile ukuthola ijezi. Akusikho ngoba ngithatha kancane izimbangi kumbe ngibukela phansi lo mqhudelwano yingenxa yesimo esibhekene naso eligini.
Kodwa ngethemba ukuthi nalabo engizobabophela bazokuqinisekisa ukuthi sidlulela emzuliswaneni olandelayo.”
Isiyonke imidlalo yeNedbank Cup Last 32 engoLwesithathu iqhathwe kanje:
EMhlathuze: Richards Bay vs Bloemfontein Young Tigers 15h30.
EGoble Park: Super Eagles vs FF Stars 18h00
ERoyal Bafokeng Stadium: Platinum Stars vs Baroka FC 19h30 (SS4).
E-Athlone Stadium: Stellenbosch vs Highlands Park 19h30.