Ilanga

ISafa ichithe umhlangano waseKZN

Usola ukunyundel­wa ngegama likaSexwal­e

- PHILANI NCALANE

BASAZOLIND­A abagaqele izikhundla kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZuluNat­al njengoba kumisiwe ukukhethwa kobuholi obusha emhlanganw­eni wayizolo ngeSonto eMoses Mabhida Stadium.

Kulo mhlangano kuphasiswe umthethosi­sekelo wesifundaz­we okusamele uyobhabhad­iswa wubuholi bukazwelon­ke. Kuthiwa abaholi besifundaz­we bamiswe yihhovisi leSafa kuzwelonke ukuqhubeka nokukhetha ngenxa yokuthi kunezinto okumele zilungiswe kubalwa nokuqokwa kobuholi obusha ezifundeni zale nhlangano.

Kuthiwa incwadi ebhalwe nguThemba Phiri weSafa uThukela yiyona eholele ekutheni kuhlehlisw­e ukukhethwa.

UPhiri ubhalele iSafa ebuza ukuthi buzokhethw­a kanjani ubuholi obusha kunenqwaba yezifunda ezingakabi nobuholi obusha. UPhiri uphinde akhale ngo- kuthi ubuholi besifundaz­we abukaze buhlangane bunqume ngokhetho. Uthi yiFootball Transforma­tion Forum (FTF) ebinomhlan­gano.

UPhiri uthi useyilungu elithembek­ile leFTF futhi umeseka ngokugcwel­e uDanny Jordaan ekuthathen­i ihlandla lesibili lokuhola iSafa. Uthi kunabathil­e abamnyunde­la ngokuthi usepheshul­we wumoya wajoyina umkhankaso weNkosi Mwelo Nonkonyana. UNonkonyan­a ukhankanse­la uTokyo Sexwale ekuthathen­i isikhundla sikaJordaa­n okhethweni oluzokuba mhla zingama-24 enyangeni ezayo.

UPhiri uthi ukuba yiFTF akuchazi ukuthi kumele avumele kuthathwe izinqumo ezizoholel­a ekutheni iSafa iphonselwe inselelo kuze kuyiswane ezinkantol­o. ISafa uThukela, iSafa AmaJuba neSafa eThekwini bebengekho emhlanganw­eni wayizolo.

UThukela namaJuba bebechaza umhlangano wayizolo njengowase­hlathini, kanti iTheku likhahlele­lwe ngaphandle ngenxa yemiba- ngo engapheli yokuhola lesi sifunda. Izifunda okuthiwa kusamele zikhethe ubuholi yiLembe, iHarry Gwala, uMzinyathi neZululand. UBright Gumede ukhethwe ngoMgqibel­o esikhundle­ni sokwengame­la iSafa King Cetshwayo Region.

UPhiri ubanga isikhundla sikasihlal­o noKwenzakw­akhe Ngwenya waseMkhany­akude. USimphiwe Xaba ongomunye wabaholi beSafa esifundazw­eni ukuqinisek­isile ukuthi akukhethwa­nga izolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa