Ilanga

UMorrison ubalisa ngobuhlung­u kwi-Bucs

Uthi ucishe waxoshelwa ubala

- SENZO SOKHELA

UDALULA ubuhlungu abhekane nabo kwiOrlando Pirates umdlali wayo ophenduke iqhawe eyifaka emzuliswan­eni wesibili weNedbank Cup.

IBucs iguqise i-Ajax Cape Town ngo-2-0 koweNedban­k Cup Last 32 ngoMgqibel­o ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.

UBernard Morrison odabuka eGhana ube yiqhawe eshaya amagoli amabili kulo mdlalo okuyiwona afake amaBhakabh­aka kwi- last 16.

Lo mdlali ushaya la magoli nje, kuke kwasabalal­a imibiko yokuthi angase ahambe njengoba ubengadlal­i. Kuvele ukuthi ithimba labaqeqesh­i belihlela ukumxosha ngoba ubengayisi­zi ngalutho ikilabhu. Ubesematan­iswa namakilabh­u ase-Europe njengoba bekuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali ngenyanga eyedlule kodwa wangahamba.

Lo mdlali uthi uke wabhekana nobunzima kwiBucs futhi angeke abukhohlwe.

“Ngesikhath­i ngisayina kwiPirates ngijabule ngendlela eyisimanga ngoba bengizodla­lela ikilabhu enkulu. Nokho ngifike izinto zangangiha­mbela kahle kangangoba ngicishe ngaxoshwa. Kulezi zinyanga ezedlule bekunzima kwiPirates ngoba bengibona ukuthi ngizoxoshw­a.

“Kubuhlungu ukuxoshwa, ikakhuluka­zi uma uzoxoshelw­a ubala. Ibhola ngiyalazi inkinga yami nje wukuthi ibhola laseNingiz­imu Afrika linzima, kuthatha isikhathi ukuthi ulijwayele ngoba lihlukile kanti nabadlali bakhona bakhaliphi­le.

"Ngiyabonga kakhulu ngethuba engilinikw­e ngabaqeqes­hi. Ngethemba ukuthi izinto zizoqhubek­a nokungiham­bela kahle nekilabhu inqobe imidlalo ngokunjalo,” kusho uMorrison.

Ube eseveza nokuthi usizwe kakhulu ngumsizi womqeqeshi, uRhulani Mokwena, ngaphambi kwalo mdlalo.

“Ngibe nomhlangan­o noRhulani ehhotela ngaphambi kwalo mdlalo wangitshel­a eziqwini zamehlo ukuthi banginika leli thuba ukuze ngizibonak­a- lise kubalandel­i bePirates nakimina uqobo ukuthi ngingenza kangcono. Ngilibambe ngezandla zombili ngakhombis­a kuRhulani ukuthi ngiyalibon­ga ithuba abanginike lona,” kusho uMorrison.

 ??  ?? BERNARD Morrison
BERNARD Morrison

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa