Ilanga

IYAVUTHWA INDLELA KA-PERCY TAU EBHEKE E-EUROPE

- SENZO SOKHELA

ABALANDELI beMamelodi Sundowns bangase bamubuke okokugcina egijima kule kilabhu uPercy Tau kule sizini njengoba kuvela ukuthi amaSandawa­na angase aqede konke luleli sonto nekilabhu yase-Europe emfuna uthuli.

UTau ube yiqhawe eshaya igoli elifake iSundowns kwi- last 16 yeNedbank Cup ihlula iCape Town All Stars ngo-1-0 ngoLwesihl­anu ebusuku e-Athlone Stadium, eCape Town.

Lo mdlali odabuka esifundazw­eni iMpumalang­a, uyinsika yeDowns njengoba enza ezibukwayo.

Sekukaning­i kubikwa ukuthi kunamakila­bhu amfunayo e-Europe.

Nokho leli phephandab­a lithole ukuthi emuva komdlalo we-All Stars kunekilabh­u yaseEurope exhumane neSundowns ngenhloso yokuthi kuqale izingxoxo zokumtheng­a kuleli sonto.

Kuthiwa akhona namanye amakilabhu amfunayo kodwa abengakasi­faki isicelo, abesabuza nje ngaye.

UPitso “Jingles” Mosimane ocija iDowns, ukuqinisek­isile ukuthi uTau uyafunwa e-Europe.

“Ngokubona kwami usekulunge­le ukuyodlala e-Europe. Uhlakaniph­ile, futhi uvuthiwe engqondwen­i. Akhona amakilabhu amfunayo e-Europe futhi kudala amgaqela. Nokho ngeke sixhamazel­e, konke kufanele kwenzeke ngendlela,” kusho uMosimane.

Naye uTau uzivumele ukuthi ulubalubel­a ukubhekana nenselelo yokuyodlal­a e-Europe.

“Kangiyena umuntu oxhamazela­yo uma amehlo abantu ebheke kuyena, konke ngikwenza ngendlela. Nokho ngeke ngikufihle ukuthi ngikulanga­zelele ukuyozwa ukuthi kunjani e-Europe. Konke ngizokushi­yela kwiSundown­s, ngizozwa ngayo. Mina ngizoqhube­ka nokusebenz­a kanzima,” kusho uTau.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUPERCY Tau weMamelodi Sundowns okuthiwa akusensuku zatshwala ajoyine enye yamakilabh­u ase-Europe okuthiwa imfuna uthuli.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUPERCY Tau weMamelodi Sundowns okuthiwa akusensuku zatshwala ajoyine enye yamakilabh­u ase-Europe okuthiwa imfuna uthuli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa