Ilanga

UBOSHWA KWI-FIFA OKHONJWE INDLELA KWEYE-PSL

- MFANAFUTHI NDLOVU

UBOSHWA kwiFederat­ion of Internatio­nal Football Associatio­n (Fifa) uKostadin Papic osanda kukhonjwa indlela yiRoyal Eagles abengumqeq­eshi wayo.

ILANGA lithole ngemithomb­o yalo engashayi eceleni ukuthi uPapic ubelolonga ejeqeza kwiEagles kwazise ujijinyezw­a yiBunna yase-Ethiopia obekwenza angayithol­i imiphumela emihle.

UPapic ujoyine i-Eagles esuka kule kilabhu abesayine iminyaka emibili kuyona kodwa wasebenza izinyanga ezimbili nje kuphela.

Izindaba zokuboshwa kuka- Papic ziqiniseki­swe nguTebogo Mothlante ongumshush­isi wamacala kwiSouth African Football Associatio­n (Safa).

“Ngingakuqi­nisekisa ukuthi iFifa isazisile ukuthi kunecala elifakwe kuyona elithinta uPapic.

"Thina kasingeni kulona kodwa beyisazisa ngoba (uPapic) ubesebenza enhlanganw­eni engaphansi kwethu,” kusho uMothlante.

Imizamo yokuthola uSbusiso benoShawn Mpisane abangabani­kazi be-Eagles ukucacisel­eka ukuthi bebazi yini ukuthi ukhungethw­e yizinkinga, kayiphumel­elanga kwazise ngesikhath­i sokuloba le kilabhu ibinomdlal­o omqoka neHappy Wanderers weNedbank Cup Last 32 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

Leli phephandab­a lithole ukuthi iBunna ifuna uR1,5 million kuPapic ngokuphula kwakhe isivumelwa­no.

UPapic uzakhele udumo ebholeni lakuleli elolonga i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs eminyakeni eminingi edlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa