Ilanga

KUZOQINISW­A EZOKUPHEPH­A KOWE-NATAL UTD NOMVOTI FC

- MFANAFUTHI NDLOVU

ZIZOQINISW­A kakhulu ezokupheph­a emdlalweni wezimbangi ezinkulu kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, iNatal United noMvoti FC, ozokuba ngoLwesith­athu ngo-15h00 eMzisho Stadium, eMsinga.

UKwenzakwa­khe Ngwenya osekomidin­i lezemiqhud­elwano leSafa, utshele ILANGA ukuthi bazoqinise­kisa ukuthi amaphoyisa ayaphithiz­ela kulo mdlalo kusuka uqala uze uyophela kwazise kuyashuba uma ebhekene njengoba engomkhaya.

Ngakolunye uhlangothi, uSmut Ndlovu ocija iNatal, utshele leli phephandab­a ukuthi kabazimise­le nakancane ngokuphoxa kulo mdlalo.

Uthi bazolwela ukugcina irekhodi labo lokungehlu­lwa ekhaya. Uthi amalungise­lelo ahamba kahle.

“Kasikaze sehlulwe ekhaya kule sizini. Lokhu kungimisa isibindi. Siwulungel­e lo mdlalo futhi ufike ngesikhath­i esihle. Sesilinde uLwesithat­hu zibulalane ensimini.

"Nokho ngihlukume­zekile kancane emoyeni kwazise namanje akukacaci ngabadlali bami abanokuthi­nteka, ngisalinde isinqumo sikadokote­la ngoNkosina­thi Siyaya, uS’phamandla Shelembe noSandile Mkhwanazi,” kusho uNdlovu.

UBheka “Mlisa” Phakathi ocija uMvoti FC, uthi ulindele ubunzima kulo mdlalo ikakhuluka­zi njengoba bezokube bedlalela ekuhambeni. Uthi indlela abadlali bakhe abazimisel­e ngayo iyamumanga­lisa.

Uthi uyazi ukuthi neNatal icuthele ithuba lokuyodlal­a imidlalo yokuhlunge­la ukunyukela kwiNationa­l First Division (NFD).

“Kuvunguza umoya wobunye ejimini. Abadlali sebeyayibo­na indlela ebheke empumelelw­eni. Uzokuba nzima lo mdlalo nokho nginalo ithemba lokuthi sizobuya namaphuzu agcwele ukuqinisa indawo yethu esicongwen­i. Ngizokuya kulo mdlalo ngaphandle kukaMondli Dladla olimale ngedlule,” kusho uPhakathi.

Isiyonke imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League engoLwesit­hathu imi kanje:

ESouth Coast Academy: Happy Wanderers vs Drakensbur­g FC 15h00.

EMhlathuze Sports Complex: Milford FC vs Maritzburg City 15h00.

EMakhehlen­i Ground: KwaMashu All Stars vs Ashley United 15h00.

EDarnall Grounds: KwaDukuzaU­nited vs Edendale Juventus 15h00.

EKandahar: Ladysmith United FC vs Ses’Khona FC 15h00.

EKing Zwelithini: Durban FC vs Summerfiel­d Dynamos 15h00.

EMzisho Stadium: Natal United FC vs UMvoti FC 15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa