Ilanga

UKhwela uzogwedla ephuke umoya

Ungqongqel­we yimoto ngaphambi kwalo mjaho

- MZWAMANDLA ZONDI

UZOQALA umjaho weDusi Canoe Marathon exoveke umoya uSibonelo Khwela othwele amathemba abantu abamnyama kulo mjaho ozoqala ngoLwesine eMgungundl­ovu usongwe ngoMgqibel­o eBlue Lagoon yodumo eThekwini.

UKhwela wehlelwe wumshophi kusha imoto yakhe ethwala izingane zesikole nxa zisuka eShongweni zilibangis­e eChatswort­h.

Uthi le moto ingqongqe ilayishe izingane ziphikelel­e esikoleni. Uthi umshayeli ubone ishunqa intuthu wabe eseyimisa eceleni komgwaqo wehlisa izingane ngokushesh­a, emuva kwemizuzwa­na yagqamuka amalangabi, yasha yaphela.

Yize ehlelwe yilo mshophi uKhwela, uthi uzoqhubeka nokubamba iqhaza kulo mjaho wanonyaka azwakalise ukuthi uwubheke ngabomvu.

NgoLwesine umjaho uzoqedwa eDusi Bridge (No 9), ngoLwesihl­anu uphele eNanda Dam bese ngoMgqibel­o usongwa eBlue Lagoon.

UKhwela ungomunye wabagwedli abamnyama abathwelwe ngeqoma emjahweni wanonyaka njengoba uyiK2 (begwedla ngababili). Nonyaka uzokube egwedla noSiseko Ntondini ongelona ivu- kana kulo mdlalo njengoba ejwayele ukungena nabokuqala abali-10.

UKhwela noNtondini babhekwe ngabomvu ukuba baqede ukuchanasa kwabagwedl­i abamhlophe njengoba engekho (umgwedli) omnyama oseke wawunqoba ehamba yedwa.

Bawunqoba kuphela uma begwedla nabamhloph­e.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uKhwela uwunqobe egwedla no- Andy Birkett ngowezi-2014 kwathi uMichael Mbanjwa waba yingqwele ngowezi-2008 egwedla noMartin Dreyer (osenesikhu­ngo sokuthuthu­kisa abagwedli abamnyama).

UKhwela ugijime imijaho eminingi ezilungise­lela lo mjaho. Phakathi kwayigijim­ile yi-Ozzie Gladwin Canoe, yi-50 miler neCamps to Dusi Bridge. Kuyona yonke le mijaho ubegwedla noNtondini.

Ephawula ngesomiso esihlasele iNingizimu Afrika uKhwela, uthe asisabethu­si ngoba sebejwayel­e.

Uthi abadidiyel­i balo mjaho bathembise ukuthi bazodedela amanzi eHenley Dam kwazise maningi khona njengoba imvula ibiyishaya eMgungundl­ovu.

UKhwela noNtondini kubhekwe ukuba bathwale kanzima kuBirkett oyingqwele futhi osewunqobe kaningi lo mjaho ozokube egwedla noHank McGregor kanjalo nakuBanets­e Msiya ozokube egwedla no-Ant Stott.

...babhekwe ukuba baqede ukucanasa kwabagwedl­i abamhlophe...

 ?? ISITHOMBE NGABE: GOOGLE IMAGES.COM ?? NGUMGWEDLI weDusi Canoe Marathon uSibonelo Khwela othwele amathemba abantu abamnyama kulo mjaho ohlanganis­a nokugijima bethwele izikebhe oqala ngoLwesine eMgungundl­ovu uphelele eThekwini.
ISITHOMBE NGABE: GOOGLE IMAGES.COM NGUMGWEDLI weDusi Canoe Marathon uSibonelo Khwela othwele amathemba abantu abamnyama kulo mjaho ohlanganis­a nokugijima bethwele izikebhe oqala ngoLwesine eMgungundl­ovu uphelele eThekwini.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa