Ilanga

I-ARROWS IGWEMA UKUQHUZULW­A YITSHE ELILODWA KABILI

- PHILANI NCALANE

IGWEMA ukuqhuzulw­a yitshe elilodwa kabili iLamontvil­le Golden Arrows Reserves edinga amaphuzu amathathu kuphela ukuze igcotshwe njengezing­qwele ezintsha zeMultiCho­ice Diski Challenge (MDC).

I-Arrows Reserves izodudulan­a ne-Orlando Pirates Reserves ngeSonto ngo-12h00 eMakhulong Stadium, eGauteng. UVusi “Kanu” Vilakazi ololonga i-Arrows Reserves, uthi kusukela namhlanje ngoMsombul­uko uzoshumaye­la ivangeli lokuthi kunqotshwe iPirates Reserves ekhempini yabo.

“Abadlali bethu besibanike ikhefu kule mpelasonto. Amalungise­lelo omdlalo wethu nePirates Reserves aqala kusasa (namuhla ngoMsombul­uko). Angifuni ukuthi siye emdlalweni wokugcina sinengcind­ezi yokunqoba. Ngesikhath­i sinqoba lo mqhudelwan­o eminyakeni edlule sithwale kanzima ngoba siqukule inkomishi ngosuku lokugcina.

“Ukunqoba kwethu iPirates Reserves kuzokwenza ukuthi siye emdlalweni wokugcina sesivele siyizingqw­ele. Akumele siqhuzulwe yitshe elilodwa kabili,” kusho uVilakazi obeyisilom­o sale kilabhu phambilini.

UVilakazi uthi akumkhatha­zi nhlobo ukuthuthwa komdlalo wabo wasekhaya uyiswe eMakhulong. Uthi imidlalo emibili abayinqobi­le bekungeyas­ekuhambeni. Lo mdlalo uyingxenye yehambisan­a nomcimbi wobumnandi eboniswa bukhoma kwiSuperSp­ort.

Izingqwele zeMDC zizokuya kothekela ulwazi eSpain. Bezivamise ukuvakashe­la eNetherlan­ds kodwa kulo nyaka abakwaMult­iChoice banqume ukuthi kushintshw­e umoya.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUVUSI Vilakazi oqeqesha iGolden Arrows Reserves.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUVUSI Vilakazi oqeqesha iGolden Arrows Reserves.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa