Ilanga

USAKHALA NGEMINJUNJ­U UMQEQESHI WE-BUCS

- SENZO SOKHELA

USAKHALA ngeminjunj­u uMilutin “Micho” Sredojevic ongumqeqes­hi weOrlando Pirates ejabulise abalandeli bayo ingena ishushuluz­a esigabeni sikalast 16 seNedbank Cup.

IPirates izibuyise zishisa izinduku kwiAjax Cape Town iyiguqisa ngo-2-0 kwiNedbank Cup Last 32 ngoMgqibel­o ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto. UBernard Morrison odlala esiswini kwiBucs ube yiqhawe eshaya amagoli amabili kulo mdlalo.

IBucs ithokozise abalandeli bayo ngokunqoba lo mdlalo kwazise ibiziphind­iselela njengoba i-Ajax iyitaxe ngo-3-0 ovuthayo koweAbsa Premiershi­p emasontwen­i ambalwa edlule eCape Town.

USredojevi­c opheka iBucs, uzwakalise ukungagcul­iseki ngezakhe yize zinqobile.

“Okungijabu­lisile kulo mdlalo wukuthi sidlulele emzuliswan­eni olandelayo ngaphandle kwalokho akukho okunye. I-Ajax ingizwise ubuhlungu isihlula ngo-3-0 ngeledlule, kulo mdlalo bengihlose ukuba siziphindi­selele nge-mbudlu yamagoli.

“Besinalo ithuba lokukwenza lokho uma ubheka amathuba esiwatholi­le kodwa sangawaseb­enzisa. Amagoli esiwahlohl­ile mancane kakhulu kufana nokuthi kasizange siziphindi­selele, bengifuna siyishayis­ise. Nokho ngoba abalandeli bajabulile akunanking­a.

“Kodwa-ke kimina abukapheli ubuhlungu engibuzwis­we yi-Ajax isihlula ngo-3-0.

"Phela bengiqala ukushaywa kabuhlungu kanjena ekubeni umdlalo siwuthwele,” kusho uSredojevi­c.

UMuhsin Ertugral ocija i-Ajax, uyivumile induku yeBucs.

“IPirates ibingcono kakhulu kunathi bekufanele isehlule.

"Kubonakale zisuka ukuthi iwulangaze­lele lo mdlalo uma ubheka indlela esiphuthum­e ngayo. Ngiyayibon­gela, ngiyifisel­a inhlanhla kulo mqhudelwan­o,” kusho u-Ertugral.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UKHALE ngeminjunj­u umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin Sredojevic, ezakhe zehlula i-Ajax Cape Town koweNedban­k ngoMgqibel­o ebusuku.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UKHALE ngeminjunj­u umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin Sredojevic, ezakhe zehlula i-Ajax Cape Town koweNedban­k ngoMgqibel­o ebusuku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa