UMNU ZUMA MAKABEKE PHANSI IZINTAMBO ZOMBUSO
MHLELI: Nami manginikwe ithuba lokuphonsa itshe esivivaneni njengesakhamuzi esikhathazekile ezweni esiziqajayo ngalo.
Kuningi nje kuyaphithizela wena owabona izintuthwane zishaye ujenga, ziphambana zingena ziphuma emgodini. Ngiyezwa abantu bayakhuluma, abanye bayabhala baveza izimvo zabo ngokwenzeka ezweni mayelana nalowo othathwa njengomengameli (usenguye ngokomthetho) wezwe.
Bancane abangakadeli nguyena, abasathi kulungile makahlale, iningi lithi lisuthi yibhodwe elenganyelwe nguyena. Ubuholi bukaMengameli Jacob Zuma kabusathembakali nhlobo, kwasekuqaleni inkukhu yawusola umgqakazo mhla kuphela ihlandla lakhe lokuqala.
Umuzwa wami ngaleso sikhathi ubuthi, uMnu Zuma makangalingeneli ihlandla lesibili noma ngabe bebethembele ukugadla ngaye abeqembu lakhe, i-African National Congress (ANC), bekumele avele azehlele esikhundleni emuva kokulinqobela ukhetho. Into ebiyenza ngifikelwe yilowo muzwa yindlela obesekuvele sekwenzeka ngayo ephalamende nasemphakathini, abantu beveza imibono yabo ngokwehlukana.
Kube yindaba yaseNkandla ehla- ndleni lokuqala, kwelesibili yizimpunyela zomndeni wakwaGupta nokunyakaziswa kwekhabhinethi isidingo singekho. Izinyembezi zikababa uThabo Mbeki kaziwelanga phansi kuhle kwezithukuthuku zenja ezaphelela eboyeni.
UMnu Zuma makehle ukuze amukeleke nangelinye ilanga uma esevakashele umphakathi abewengamele. Useyohhahhamezwa uma evela kuwona ngenxa yesenzo sakhe sokuqinisa ikhanda kungasafanele. Mxolisi Zuma eNorthdale EMGUNGUNDLOVU