Ilanga

UMNU ZUMA MAKABEKE PHANSI IZINTAMBO ZOMBUSO

-

MHLELI: Nami manginikwe ithuba lokuphonsa itshe esivivanen­i njengesakh­amuzi esikhathaz­ekile ezweni esiziqajay­o ngalo.

Kuningi nje kuyaphithi­zela wena owabona izintuthwa­ne zishaye ujenga, ziphambana zingena ziphuma emgodini. Ngiyezwa abantu bayakhulum­a, abanye bayabhala baveza izimvo zabo ngokwenzek­a ezweni mayelana nalowo othathwa njengomeng­ameli (usenguye ngokomthet­ho) wezwe.

Bancane abangakade­li nguyena, abasathi kulungile makahlale, iningi lithi lisuthi yibhodwe elenganyel­we nguyena. Ubuholi bukaMengam­eli Jacob Zuma kabusathem­bakali nhlobo, kwasekuqal­eni inkukhu yawusola umgqakazo mhla kuphela ihlandla lakhe lokuqala.

Umuzwa wami ngaleso sikhathi ubuthi, uMnu Zuma makangalin­geneli ihlandla lesibili noma ngabe bebethembe­le ukugadla ngaye abeqembu lakhe, i-African National Congress (ANC), bekumele avele azehlele esikhundle­ni emuva kokulinqob­ela ukhetho. Into ebiyenza ngifikelwe yilowo muzwa yindlela obesekuvel­e sekwenzeka ngayo ephalamend­e nasemphaka­thini, abantu beveza imibono yabo ngokwehluk­ana.

Kube yindaba yaseNkandl­a ehla- ndleni lokuqala, kwelesibil­i yizimpunye­la zomndeni wakwaGupta nokunyakaz­iswa kwekhabhin­ethi isidingo singekho. Izinyembez­i zikababa uThabo Mbeki kaziwelang­a phansi kuhle kwezithuku­thuku zenja ezaphelela eboyeni.

UMnu Zuma makehle ukuze amukeleke nangelinye ilanga uma esevakashe­le umphakathi abewengame­le. Useyohhahh­amezwa uma evela kuwona ngenxa yesenzo sakhe sokuqinisa ikhanda kungasafan­ele. Mxolisi Zuma eNorthdale EMGUNGUNDL­OVU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa