Kusakhala ibhungezi ehhovisi lemenenja
Balinde isinqumo semeya
KUBIKWA ukuthi kukhala ibhungezi ehhovisini lemenenja kaMasipala uMuziwabantu, eHarding, eningizimu yeKwaZulu-Natal, okuthiwa selokhu liqalile leli sonto kasikho isikhulu esiqhoqhobele lesi sikhundla.
Ekuqaleni kwaleli sonto ILANGA libike ngenkombankombane equbuke kulo masipala, kuthiwa kubanjwa kuyekwa ngesikhundla semenenja njengoba ebikhona iphelelwe yinkontileka yabanjiswa izinyanga eziyisi-9.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, uMnu Sazi Mbhele, obeyimenenja, uphelelwe yinkontileka ngoMbasa ( April) wangonyaka odlule, okuyilapho umasipala unqume ukumnika inkontileka yezinyanga ezintathu ngesikhathi kusakhangiswa ngalesi sikhundla.
Amakhansela amaqembu aphikisayo abebhodla umlilo ethi athole ukuthi imeya yakulo masipala, uNkk Dixie Nciki, ubesenze umkhoshosho wabhalela ungqongqoshe ethi ngokubambisana namakhansela alo masipala bavumelene ngokubuyiselwa kukaMnu Mbhele kulesi sikhundla.
Ngokusho kwamaqembu aphikisayo, ngoLwesihlanu olwedlule kugcine kuvunyelwana ngokuthi kulesi sikhundla kuzongena kusona uMnu Sizwe Malinga, ongumqondisi kwaTechnical Services, kodwa ngokuthola kweLANGA izolo ngoLwesithathu, bekusashaya umoya kuleli hhovisi.
“Kunezinsolo eziqinile zokuthi imeya kayikwazi ukusayinisa uMnu Malinga izinyanga ezintathu zokumenenja lo masipala ngoba ibisisayinise uMnu Mbhele,” ngokusho komthombo okhulume naleli phephandaba.
Leli phephandaba lihabule ezithi izisebenzi ezilinganiselwa e-170 zidliwa yingebhe njengoba kuthiwa zingase zingaholi kwazise umasipala kawunaye umphathimali (Chief Finance Officer). Kuthiwa imisebenzi yomphathimali ibiyenziwa ehhovisi lemenenja.
Kuthiwa uma kungase kushaye umhla zingama-20 kwephezulu ingekho imenenja kamasipala, izisebenzi ziyoyizwa ngendaba imiholo kaNhlolanja ( February).
Usomlomo walo masipala, uMnu Mzwandile Nyathi, uvumile ukuthi kunemvunge ezisebenzini kusukela ngesonto eledlule.
“Njengoba imeya ibingekho isesibhedlela, silindele yona ukuba icacise ukuthi ngubani ozongena kuleliya hhovisi. Ngokwazi kwami, ngokwencwadi eyiphethe, eyithole ehhovisi likangqongqoshe, kuzobuyela uMnu Mbhele njengoba ekhethe ukuyelula inkontileka yakhe,” kusho uMnu Nyathi.
UMnu Mbhele ekhuluma naleli phephandaba ngeSonto, uthe ngeke alubhade ehhovisi uzolinda umyalelo ophuma kungqongqoqhe nemeya ngokumele akwenze.