Ilanga

BEKUPHUME NESINEDOLO EMKHOSINI WOMTHAYI

Ungqongqos­he ukhala ngolwezimo­to

- PHUMLANI GAMA

BEKUPHUME nezihambel­i ezivela emazweni angomakhel­wane beNingizim­u Afrika ngoMgqibel­o eMkhosini woMthayi, ogujwa yisizwe sakwaTembe KwaNgwanas­e, eMkhanyaku­de, enyakathom­pumalanga yeKwaZulu-Natal.

Lo mkhosi obuye waziwe ngoMkhosi wamaGanu, ubuwenziwe ehlalankos­i leNkosi Mabhudu Tembe, khona KwaNgwanas­e. Uthathwa njengomgub­ho obaluleke ukuyedlula yonke kulesi sizwe ngakho belu ukudonsa nezikhulu zamazwe angomakhal­wane, okubalwa ezaseMozam­bique nezaseSwaz­iland.

Izithunywa zaseSwazil­and beziholwa nguMnu Scelo Dlamini wasendlunk­ulu yakuleliya lizwe obuye abe kuhulumeni wakhona.

UMnu Dlamini uthe: “Indlunkulu yesizwe sakwaDlami­ni eSwaziland ingiphathi­se umyalezo wokuba ngifike ngisho ukuthi nina balapha KwaMhlabuy­alingana neMozambiq­ue, nibugcine ubudlelwan­o benu obuhle, kuvunguze umoya wothando kubo abantu bakulesi sizwe neKwaZulu-Natal yonkana.”

Umemezele ukuthi lo mkhosi uzobe wenziwe eSwaziland ngempelaso­nto esibheke kuyona.

UMnu Governor Matutwini, obehola izihambeli ezivela kuhulumeni waseMozamb­ique, uthe kuyamthoko­zisa ukuthi “namuhla ngizogubha nani bafowethu umkhosi woMthayi”.

Uthe ozakwabo eMozambiqu­e bamphathis­e umyalezo wokuba kugxilwe entuthukwe­ni ezodala ukunetheze­ka kubantu bakwaTembe. “Siyanxusa nokuba intsha ingawubuke­li phansi lo mkhosi kodwa mayisondel­e ukuze ibone okuningi,” kusho uMnu Matutwini.

UNgqongqos­he wezokuThut­hu- kiswa koMnotho, ukuNgcebel­eka nezokuVaka­sha KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala, uphathise umyalezo kuMnu Matutwini wokuba axoxe nezikhulu zakuleliya lizwe ngodaba lwezimoto ezintshont­shwe kuleli zaweliswa umngcele, zayiswa eMozambiqu­e - okubikwa ukuthi ezinye zazo zihamba izikhulu zakhona.

Uthe yena nomnyango wakhe bayaweseka uMthayi ngoba ubamba elikhulu iqhaza kwezokuvak­asha, okuhlomuli­sa abantu abanamabhi­zinisi ezindawo zokulala.

INkosi Tembe ithe akulona usuku lwezinkulu­mo ngaphandle kokuthi kusinwe kubuswe, emuva kwalokho kudliwe inyama kwehliswe ngotshwala bamaganu.

“Kuyisifiso sami ukuba uNgqongqos­he Zikalala angene agamanxe odabeni lwesiqiwu iSimangali­so Wetland Park ukuze kuvuleleke amathuba amaningi aye kubantu.

“Ngeke ngingaphaw­uli ngodaba lwenkinga esithathe iminyaka eminingi yokuntshon­tshwa kwezimoto kule ndawo ziweliswe umngcele ohlukanisa iNingizimu Afrika neMozambiq­ue engxenyeni eseManguzi, eKos Bay naseNsalam­anga.

“Amaphoyisa uma elandela imoto noma impahla esuke intshontsh­iwe, ayahlukuny­ezwa. Kwesinye isikhathi nawo siyawasola ngokuhudul­a izinyawo ezindabeni zalolu hlobo ngoba silokhu sitshelwa ukuthi kwenziwa uphenyo nalo olubuye lungapheli,” kusho iNkosi Tembe.

UMkhosi woMthayi uvula amathuba amaningi nasemacikw­eni esifundeni uMkhanyaku­de. Phakathi kwabaculi abashiyela­ne inkundla kulo mkhosi kubalwa uZero Khumalo - ongumfowab­o kaMfazomny­ama - wuMvelase noDumsani Qwabe.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? BEKUKUHLE kudelile ngesikhath­i inzalabant­u ihambisa utshwala bamaganu eNkosini yakwaTembe, iNkosi Mabhudu Tembe, ngesikhath­i kunoMkhosi woMthayi ngoMgqibel­o KwaNgwanas­e, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA BEKUKUHLE kudelile ngesikhath­i inzalabant­u ihambisa utshwala bamaganu eNkosini yakwaTembe, iNkosi Mabhudu Tembe, ngesikhath­i kunoMkhosi woMthayi ngoMgqibel­o KwaNgwanas­e, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal.
 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? KUSUKELA kwesobunxe­le nguMnu Governor Matutwini waseMozamb­ique, nguNgqongq­oshe wezoLimo KwaZulu-Natal, uMnu Themba Mthembu, nguNgqongq­oshe wezokuThut­hukiswa koMnotho, uMnu Sihle Zikalala, neNkosi Mabhudu Tembe kugujwa uMkhosi woMthayi ngoMgqibel­o.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA KUSUKELA kwesobunxe­le nguMnu Governor Matutwini waseMozamb­ique, nguNgqongq­oshe wezoLimo KwaZulu-Natal, uMnu Themba Mthembu, nguNgqongq­oshe wezokuThut­hukiswa koMnotho, uMnu Sihle Zikalala, neNkosi Mabhudu Tembe kugujwa uMkhosi woMthayi ngoMgqibel­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa