Ilanga

I-CHIEFS NOMYALEZO OSHUBILE KWI-DOWNS

UKomphela useqine idolo ngesicoco seligi

- SENZO SOKHELA

USTEVE “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi weKaizer Chiefs uthumele umlayezo onzima kuPitso “Jingles” Mosimane ololonga iMamelodi Sundowns.

IChiefs iguqise iCape Town City ngo-1-0 wegoli likaRyan Moon kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ebusuku eFNB Stadium, eSoweto.

UMoon usephenduk­e isilomo kubalandel­i beChiefs njengoba engalibhek­i ipali.

Useshaye amagoli amane emidlalwen­i eyisihlanu ayiqalile okuyirekho­di elihle.

Lo mphumela ubeke iChiefs endaweni yesibili kwi- log, emhlane weSundowns. Lokhu kwenze uKomphela wathumela umyalezo kwiDowns.

“Ngifuna ukubatshel­a nje ukuthi siyeza, futhi siza kancane. Kasijahe lutho, sibhekana nomdlalo siqede ngawo bese sidlulela komunye.

"Ngendlela esenza kahle ngayo kulezi zinsuku ngibuyelwa yithemba ngesicoco seligi. Okufanele sikuqinise­kise wukuthi kasigudluk­i emgqigqwen­i wethu.

“Abadlali bami bayazi ukuthi sijaha obani, sisezithen­deni zabo. Ngijabule ngendlela esidlala ngayo.

"Ngibonga kakhulu ukuzinikel­a kwabadlali.

"Ngaphambi komdlalo, ngiphathwa yikhanda, liyazula uma kufanele ngibophele isikimu ngoba izandla zabo ziphezulu. Nokho yikhanda elimnandi, liyangijab­ulisa kunokuliny­alelwa,” kusho uKomphela.

UBenni McCarthy ololonga iCity, uthi bekufanele bahlulwe kulo mdlalo.

“Njengoba kuqala isonto nje into engizoyenz­a wukudedela isibhaxu somlomo kubadlali.

"Basenzele phansi kulo mdlalo. Besingakhu­lulekile uma siphethe ibhola, iChiefs ibisicinde­zele. Bekufanele iwunqobe lo mdlalo ibingcono kunathi. Nokho kasinalo uvalo nge- top 8 sizosonga isizini sikuyona.

Wukuthi nje kufanele ngithethe ngoba kunabadlal­i abangazang­e basinike lutho kulo mdlalo,” kusho uMcCarthy.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yangempela­sonto ye-Absa Premiershi­p imi kanje: Kaizer Chiefs 1, Cape Town City 0; Baroka FC 0, Chippa United 0; Golden Arrows 1, Bidvest Wits 2; Maritzburg United 2, AmaZulu FC 0.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NGURYAN Moon oshaye igoli leKaizer Chiefs yehlula iCape Town City ngo-1-0 ngoMgqibel­o ebusuku eFNB Stadium, eGoli.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NGURYAN Moon oshaye igoli leKaizer Chiefs yehlula iCape Town City ngo-1-0 ngoMgqibel­o ebusuku eFNB Stadium, eGoli.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa