OKAMASKANDI UBOSHWE NESIBHAMU "ESIYILAHLE"
SIKHALELWE ngamasongo kaSigonyela isilomo sikamasikandi okuvela ukuthi sibanjwe nesibhamu esingekho emthethweni ngoMgqibelo ntambama ehostela laseBuyafuthi, eGoli.
Ngokuthola kweLANGA, lo mculi esiligodlile igama lakhe aze avele enkantolo, ubeneme edlala ngesibhamu nabangani bakhe kwase kuba khona abaluma amaphoyisa indlebe, zabathelekela ezakwadalawane.
Kunezinsolo zokuthi lesi sibhamu siyathinteka emacaleni amaningi abucayi. Umthombo weLANGA uthi bekunesiphithiphithi esingaqo-ndakali kuleli hostela, kukhombisa nokuthi laba abahlomile badle amanzi ampon- jwana, bangenza noma yini.
“Isimo sibi lapha ehostela, kuhlale kubulawa abantu, kakusekho ukukhululeka. Kakukho okuningi engikwaziyo kodwa ngibone sekuboshwa abantu naye lo mculi ubekhona kulabo, ephethe isibhamu.
"Amaphoyisa abevele emsola nangelinye icala lokuhlaselwa kwabantu nyakenye lapha ehoste- la,” kusho umthombo.
Lo mculi kuthiwa uvamile ukuphatha isibhamu. Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uKapteni Lungelo Dlamini, uthi amaphoyisa alunywe indlebe mayelana nabasolwa abebephethe izibhamu kuleli hostela.
Uthi amaphoyisa anikele khona afica abesilisa abayisihlanu evenini eyi-ISUZU eBlock A khona eBuyafuthi, bebeziphethe izibhamu abathatha baboshwa, bavalelwa esiteshini samaphoyisa aseKatlehong, eGoli. “Amaphoyisa athole izibhamu ezimbili kwababili ezingekho emthethweni,” kusho uKapt uDlamini. Uthi abasolwa bazovela namhlanjengoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yasePaarlmridge, eGermiston.