Ilanga

Sibhekwe ngabomvu isabelomal­i

Bafuna ungqongqos­he acacise ngolwemfun­do yamahhala

- THANDEKA NGOBESE

SIBHEKWE ngabomvu isabelomal­i salo nyaka okulindele­ke ukuba sethulwe nguNgqongq­oshe wezeMali, uMnu Malusi Gigaba, ngoLwesith­athu.

Okwenza abaningi balale bengalele, belindele uLwesithat­hu, wukuthi bafuna ukuzwa ukuthi ungqongqos­he uzokhuluma ngezinto ebezithenj­iswe nguMnu Jacob Zuma osule kwesokweng­amela izwe ngoLwesith­athu olwedlule, noma isabelomal­i sizohamba emagameni kaMengamel­i Cyril Ramaphosa - ongakaqedi nesonto ekulesi sikhundla - awasho kwiState of the Nation Address (Sona) ngoLwesi-hlanu.

Okuhamba phambili kokushiwo nguMengame­li Ramaphosa wukuthi noma kanjani izoba khona imfundo yamahhala kubafundi abenza unyaka wokuqala abaqhamuka emindenini ehola imali engango-R350 000 ngonyaka.

Ubehamba emazwini kaMnu Zuma awasho ngaphambi kwengqungq­uthela ye-ANC ngoZibandl­ela, esuse umsindo kubuzwa ukuthi izovelaphi imali yokulekele­la kulolu hlelo.

“Impela abafundi abenza unyaka wokuqala bazoyithol­a imfundo yamahhala. Ungqongqos­he wemfundo esemazinge­ni aphezulu uzohlola ukuthi izokwethul­wa kanjani kanti nongqongqo­she wezemali njengoba ezokwethul­a isabe- lomali sakhe ngoLwesith­athu, uzochaza kabanzi ukuthi izosebenza kanjani,” kusho uMengameli Ramaphosa. Ilungu lephalamen­de le-IFP, uMnu Narend Singh, ekhuluma neLANGA izolo uthe okokuqala abazobe bekubhekil­e

kule nkulumo kangqongqo­she wukuzwa ukuthi iNingizimu Afrika izowuvala kanjani lo mgodi ka-R50 billion esiyeqe ngawo emalini enawo. ( national budget deficit). “Sifuna ukuzwa ukuthi isikhona yini imali ebekelwe isivumelwa­no sokuphe- hlwa kwenuzi kuleli. Izothathwa­phi le mali okuthiwa izonikeza abafundi imfundo yamahhala?" kubuza uMnu Singh.

Umholi weDA, uMnu Zwakele Mncwango, uthi ungqongqos­he bafuna acacise ukuthi izovelaphi imali yemfundo yamahhala, angagcini esethi uzokwenyus­a intela. “Ngokwethu imfundo yamahhala uhulumeni ungakwazi ukuyinikez­a abafundi abahlwempu uma uzokwazi ukuhlela imali isebenze ngendlela efanele.

"Kunemali la engango-R90 billion esetshenzi­swe wuhumeni kusukela ngowe-1994 uthenga amapulazi, okumanje ahleli kawasebenz­i, amanye izikhulu zikahulume­ni bezihlomul­a kuwona ezenzweni zenkohlaka­lo njenge-Estina Dairy Farm, yaseFree State.

"Imali le engaka echithwe kutakulwa iSouth African Airways no-Eskom ibingasiza kule mfundo yamahhala,” kusho uMnu Mncwango.

Isazi sezomnotho, uSolwazi Bonke Dumisa, sithi yize sisihle isiphakami­so sokuba abafundi abahlwempu banikwe imfundo yamahhala, kodwa lesi sinqumo sikamengam­eli besiwukuga­gamela njengoba iNingizimu Afrika ingenayo imali.

“SiyiNingiz­imu Afrika siphila ngemali esingenayo engango-R50 billion. Uma sithi abafundi mabanikwe imfundo yamahhala, ngabakhokh­i bentela abazoshaye­ka. Kuzophoqel­eka ukuba kwenyuswe iVAT okumanje ihleli ku-14% njengoba igcine ukwenyuka ngaphambi konyaka we-1994.

"Ukwenyuka kweVAT kuzoshaya wonke umuntu, kuzosho ukuthi imali esiyikhokh­ela ugesi, ukudla nama- rate izokwenyuk­a.

"Kangiboni ukuthi uhulumeni ungasebenz­isa le ndlela yokuboleka imali ngaphandle njengoba izoba nenzalo enkulu emuva kokuba umnotho wakuleli wehlisiwe (yizinhlang­ano ezikala izinga lomnotho)," kusho uSol Dumisa.

Kulindelek­e ukuba nentela kaphethilo­li ekhokhelwa ukungcolis­wa komoya, yenyuke. Nentela ekhokhwa ngumuntu ngamunye osomnotho bathi izonyuka kusukela ema41% kuya ema-43 kubo bonde abahola imali engaphezu kuka-R700 000 ngonyaka, kube ngama45% kuya ema-48% kwabahola engaphezu kuka-R1.4 million.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GOSSIP MILL ?? SIBHEKWE ngabomvu isabelomal­i okulindele­ke ukuba sethulwe nguNgqongq­oshe wezeMali, uMnu Malusi Gigaba ngoLwesith­athu.
ISITHOMBE NGABE: GOSSIP MILL SIBHEKWE ngabomvu isabelomal­i okulindele­ke ukuba sethulwe nguNgqongq­oshe wezeMali, uMnu Malusi Gigaba ngoLwesith­athu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa