Usizi "kobeyisichuse samathenda emeya"
Lndodana ibalisa ngoyise omdala
KUSINDA kwehlela endodaneni yomfowabo omncane weMeya yaseBuhlebezwe, eningizimu yeKwaZulu-Natal, ethi kayikwazi ngisho ukuthola uxhaso lokufunda kwiNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ngoba kuthiwa ingusozigidi ngenxa yokuthi ibiyisichuse enkampanini kayise omdala (imeya).
UMnu Bheka Nxumalo (24), oyindodana yomfowabo kaMnu Zamo Nxumalo - oyimeya eBuhlebezwe, uthi akasahoshelani noyise omdala kubangwa izigidi zemali yamathenda ebezitholwa yinkampani ebibhaliswe ngaye, iZDN Trading Enterprise, angakaze athole ngisho indibilishi ngayo.
ILANGA lithole ukuthi iZDN isungulwe yimeya ngowezi-2004 kanti ibithola amathenda kuhulumeni, ikakhulukazi komasipala. Kuthe seyingena esikhundleni sobumeya ngowezi-2011, yafaka uBheka ukuba ahambe phambili kule nkampani kwazise yona ngokwesikhundla sayo ibingasavumelekile ukuthola imisebenzi yalolu hlobo.
UBheka uqale ukuba “ngumnikazi” wale nkampani eneminyaka eli-18 ubudala, efunda umatikuletsheni ngowezi-2012. Uthi ngokwesivumelwano somlomo ababenaso, yena ubezothola ama-40% imeya ithole ama-60% enzuzo eyenziwe yile nkampani.
Utshele ILANGA ukuthi ubezwana kakhulu nemeya kangangoba isikhathi esiningi ubesichitha emzini wayo kwazise kayinawo amadodana, inamadodakazi kuphela.
Uveze ukuthi iZDN Trading ithole umsebenzi ka-R3 125 549.90 wokufaka amapayipi okuthutha indle elokishini iShayamoya, eKokstad, ngaphansi kukaMasipala iGreater Kokstad, ongaphansi kukaMasipala wesiFunda iHarry Gwala.
Leli phephandaba linawo amaphepha asayinwe nguBheka emukela ukunikwa lo msebenzi owenziwe ngowezi-2013. Uthi ngemuva kokungena kwemali, imeya ivele yenza i- cheque book ukuze angakwazi ukuthinta ngisho isenti kwi-akhawunti yenkampani.
Utshele leli phephandaba ukuthi uqhubekile wabekezela kule nkampani enethemba lokuthi uyise omdala uzogcina emkhokhelile imali yakhe.
Inkampani iphinde yathola omunye umsebenzi ka-R800 000 wokwakhiwa komgwaqo kuMasipala waseSisonke (osekuyiHarry Gwala), owokwakha izindlu zangasese nowokuhambisela iziboshwa izinkwa ejele laseXobho. Uthi kuyona yonke le misebenzi akatholanga ngisho isenti elimnyama. Uthi ubone emuva kwendaba ukuthi kanti sonke lesi sikhathi ehliswa enyuswa ngeMercedes Benz yohlobo oluphambili, ehambela imihlangano, esayina izivumelwano zamathenda nje, ubenziwa isichuse.
Uqale lapho ukubuza imeya ukuthi kanti uzosebenzela ubala kuze kube yinini. Uthi imeya imtshele emehlweni ukuthi ngeke imnike mali, kumele aneliswe yipuleti lokudla emnika lona.
“Siqale lapho ukuxabana waze wangixosha emzini wakhe. Ngibuyele kubaba olamana nayo imeya kodwa yamfonela, imtshela ukuthi makangixoshe ngibuyele komalume ngoba ngiyingane ewuhlupho, engalaleli. Kakuphelanga sikhathi esingakanani ubaba waba yikhansela kulo masipala,” kusho uBheka.
Uthi esezwana nemeya uthole umfundaze kulo masipala wokwenza iziqu zeFinancial Accounting eDurban University of Technology (DUT). ILANGA linabo ubufakazi balo mfundaze ka-R17 000 okhishwe ngowezi-2014. Uthi ngemuva kukuxabana nemeya, uphuciwe lo mfundaze.
“Kumanje kanginayo ngisho imali yokubhalisa uma kuphela isiteleka enyuvesi‚” kusho yena.
Uthi uma ethi uyoboleka imali noma eyocela uxhaso kwaNSFAS, akalutholi usizo ngoba kuvela ukuthi ungusozigidi osethole ngisho ithenda kaR3million.
Ethintwa, uMnu Bongani Nxumalo, ozala uBheka, uthe akazi ukuthi indodana yakhe iswele imali yokufunda kwazise uyifundisile yaqeda umatikuletsheni, wayidlulisela enyuvesi yafunda iminyaka emine yaqeda.
“Uqede isikole wahlala nami, ngiyakweshwama ukuthi uke wahlala nemeya. Izindaba zalapha ekhaya zikhulunywa lapha ekhaya, hhayi emaphepheni. Leyo ayiqale emaphepheni kusho ukuthi kayidingi mina,” kusho uMnu Nxumalo.
Ithintwa imeya, ikhwele yadilika kuleli phephandaba, ithi kayifuni lutho oluzophinde luyihlanganise nalo.
“Ngicela nibhale konke enithanda ukukubhala, kangifuni lutho oluzongihlanganisa neLANGA ngoba vele ekugcineni nizobhala okuthandwa yini. Ngiyaqala ukukhuluma nezintatheli ezinjengalezi esezikhona kulelo phephandaba, ofike usho okunye zona zibhale okunye. Mina ngisebenze no-...(eqagula izintatheli ezithile ngamagama), okuyibona bantu ebengisebenza kahle nabo.
“Ngiyoze ngikhulume neLANGA mhla uNgobese waxolisa kimina ngento ayibhale ngami ngoZibandlela. Ngisho ngingabiza isithangami sabezindaba uma kungafika
ILANGA, intatheli yalo ngiyoyikhipha ngesango,” kusho yona.
Ithe noma ILANGA lingabhala ngayo nsuku zonke ngenhloso yokuyidicilela phansi, kayinankinga ngoba abantu bayalufunda udaba bese bezwelana nayo.
“Engizokwenza nje wukuqoqa ubufakazi ngazo zonke lezi zinto enizibhala ngami ningakhulumile nami,” kusho imeya. Ithe iqeda ukukhuluma ne
LANGA imeya, uBheka wathunyelwa umyalezo othi makazame amaphephandaba amakhulu ngoba uFacebook neLANGA ngeke kumsize ngalutho. Bheka ekhasini 4