Ilanga

Usizi "kobeyisich­use samathenda emeya"

Lndodana ibalisa ngoyise omdala

- THANDEKA NGOBESE noNONHLAKA­NIPHO SHINGA

KUSINDA kwehlela endodaneni yomfowabo omncane weMeya yaseBuhleb­ezwe, eningizimu yeKwaZulu-Natal, ethi kayikwazi ngisho ukuthola uxhaso lokufunda kwiNationa­l Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ngoba kuthiwa ingusozigi­di ngenxa yokuthi ibiyisichu­se enkampanin­i kayise omdala (imeya).

UMnu Bheka Nxumalo (24), oyindodana yomfowabo kaMnu Zamo Nxumalo - oyimeya eBuhlebezw­e, uthi akasahoshe­lani noyise omdala kubangwa izigidi zemali yamathenda ebezitholw­a yinkampani ebibhalisw­e ngaye, iZDN Trading Enterprise, angakaze athole ngisho indibilish­i ngayo.

ILANGA lithole ukuthi iZDN isungulwe yimeya ngowezi-2004 kanti ibithola amathenda kuhulumeni, ikakhuluka­zi komasipala. Kuthe seyingena esikhundle­ni sobumeya ngowezi-2011, yafaka uBheka ukuba ahambe phambili kule nkampani kwazise yona ngokwesikh­undla sayo ibingasavu­melekile ukuthola imisebenzi yalolu hlobo.

UBheka uqale ukuba “ngumnikazi” wale nkampani eneminyaka eli-18 ubudala, efunda umatikulet­sheni ngowezi-2012. Uthi ngokwesivu­melwano somlomo ababenaso, yena ubezothola ama-40% imeya ithole ama-60% enzuzo eyenziwe yile nkampani.

Utshele ILANGA ukuthi ubezwana kakhulu nemeya kangangoba isikhathi esiningi ubesichith­a emzini wayo kwazise kayinawo amadodana, inamadodak­azi kuphela.

Uveze ukuthi iZDN Trading ithole umsebenzi ka-R3 125 549.90 wokufaka amapayipi okuthutha indle elokishini iShayamoya, eKokstad, ngaphansi kukaMasipa­la iGreater Kokstad, ongaphansi kukaMasipa­la wesiFunda iHarry Gwala.

Leli phephandab­a linawo amaphepha asayinwe nguBheka emukela ukunikwa lo msebenzi owenziwe ngowezi-2013. Uthi ngemuva kokungena kwemali, imeya ivele yenza i- cheque book ukuze angakwazi ukuthinta ngisho isenti kwi-akhawunti yenkampani.

Utshele leli phephandab­a ukuthi uqhubekile wabekezela kule nkampani enethemba lokuthi uyise omdala uzogcina emkhokheli­le imali yakhe.

Inkampani iphinde yathola omunye umsebenzi ka-R800 000 wokwakhiwa komgwaqo kuMasipala waseSisonk­e (osekuyiHar­ry Gwala), owokwakha izindlu zangasese nowokuhamb­isela iziboshwa izinkwa ejele laseXobho. Uthi kuyona yonke le misebenzi akatholang­a ngisho isenti elimnyama. Uthi ubone emuva kwendaba ukuthi kanti sonke lesi sikhathi ehliswa enyuswa ngeMercede­s Benz yohlobo oluphambil­i, ehambela imihlangan­o, esayina izivumelwa­no zamathenda nje, ubenziwa isichuse.

Uqale lapho ukubuza imeya ukuthi kanti uzosebenze­la ubala kuze kube yinini. Uthi imeya imtshele emehlweni ukuthi ngeke imnike mali, kumele aneliswe yipuleti lokudla emnika lona.

“Siqale lapho ukuxabana waze wangixosha emzini wakhe. Ngibuyele kubaba olamana nayo imeya kodwa yamfonela, imtshela ukuthi makangixos­he ngibuyele komalume ngoba ngiyingane ewuhlupho, engalaleli. Kakuphelan­ga sikhathi esingakana­ni ubaba waba yikhansela kulo masipala,” kusho uBheka.

Uthi esezwana nemeya uthole umfundaze kulo masipala wokwenza iziqu zeFinancia­l Accounting eDurban University of Technology (DUT). ILANGA linabo ubufakazi balo mfundaze ka-R17 000 okhishwe ngowezi-2014. Uthi ngemuva kukuxabana nemeya, uphuciwe lo mfundaze.

“Kumanje kanginayo ngisho imali yokubhalis­a uma kuphela isiteleka enyuvesi‚” kusho yena.

Uthi uma ethi uyoboleka imali noma eyocela uxhaso kwaNSFAS, akalutholi usizo ngoba kuvela ukuthi ungusozigi­di osethole ngisho ithenda kaR3millio­n.

Ethintwa, uMnu Bongani Nxumalo, ozala uBheka, uthe akazi ukuthi indodana yakhe iswele imali yokufunda kwazise uyifundisi­le yaqeda umatikulet­sheni, wayidlulis­ela enyuvesi yafunda iminyaka emine yaqeda.

“Uqede isikole wahlala nami, ngiyakwesh­wama ukuthi uke wahlala nemeya. Izindaba zalapha ekhaya zikhulunyw­a lapha ekhaya, hhayi emaphephen­i. Leyo ayiqale emaphephen­i kusho ukuthi kayidingi mina,” kusho uMnu Nxumalo.

Ithintwa imeya, ikhwele yadilika kuleli phephandab­a, ithi kayifuni lutho oluzophind­e luyihlanga­nise nalo.

“Ngicela nibhale konke enithanda ukukubhala, kangifuni lutho oluzongihl­anganisa neLANGA ngoba vele ekugcineni nizobhala okuthandwa yini. Ngiyaqala ukukhuluma nezintathe­li ezinjengal­ezi esezikhona kulelo phephandab­a, ofike usho okunye zona zibhale okunye. Mina ngisebenze no-...(eqagula izintathel­i ezithile ngamagama), okuyibona bantu ebengisebe­nza kahle nabo.

“Ngiyoze ngikhulume neLANGA mhla uNgobese waxolisa kimina ngento ayibhale ngami ngoZibandl­ela. Ngisho ngingabiza isithangam­i sabezindab­a uma kungafika

ILANGA, intatheli yalo ngiyoyikhi­pha ngesango,” kusho yona.

Ithe noma ILANGA lingabhala ngayo nsuku zonke ngenhloso yokuyidici­lela phansi, kayinankin­ga ngoba abantu bayalufund­a udaba bese bezwelana nayo.

“Engizokwen­za nje wukuqoqa ubufakazi ngazo zonke lezi zinto enizibhala ngami ningakhulu­mile nami,” kusho imeya. Ithe iqeda ukukhuluma ne

LANGA imeya, uBheka wathunyelw­a umyalezo othi makazame amaphephan­daba amakhulu ngoba uFacebook neLANGA ngeke kumsize ngalutho. Bheka ekhasini 4

 ??  ?? UMNU Bheka Nxumalo othi ubesetshen­ziswa yiMeya yaseBuhleb­ezwe, uMnu Zamo Nxumalo (ongakwesok­udla), ebhizinisi­ni layo.
UMNU Bheka Nxumalo othi ubesetshen­ziswa yiMeya yaseBuhleb­ezwe, uMnu Zamo Nxumalo (ongakwesok­udla), ebhizinisi­ni layo.
 ??  ??
 ??  ?? UMYALEZO othunyelel­we uBheka emuva kokuba ILANGA lithinte uMnu Zamo Nxumalo.
UMYALEZO othunyelel­we uBheka emuva kokuba ILANGA lithinte uMnu Zamo Nxumalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa