Ilanga

I-AFRIFORUM ISONGELA UMSHOLOZI

- INTATHELI YELANGA

IBHEKWE yisambane indodana kaMnu Jacob Zuma, uDuduzani, ezingelisw­a okwenyamaz­ane.

Ziyanda izinkinga zayo ezimayelan­a nokwephula umthetho njengoba silobe izolo ngeSonto isinyukile imali ezonikwa ongasiza ngolwazi lokuthi ihobe kuphi yona noMnu Atul Gupta womndeni ongabangan­i bakayise (uMnu Jacob Zuma).

Ngaphandle kokwenyuka kwalo mehlokabon­i uze uyoshaya ku-R2 million, uDuduzani uvukelwa nawudaba angase ashushiswe ngalo yiNational Procecutin­g Authority (NPA) ngengozi athinteka kuyona yangowezi-2014, lapho kushone khona owesifazan­e onguNkz Phumzile Dube. Silobe izolo esafunwa uDuduzani noMnu Gupta.

Abaningi balobe kwiTwitter bethi bangayikhi­pha imali yokunika ozosiza anikezele ngomkhondo wala madoda amabili. IForensics for Justice, ikhiphe u-R100 000, isikhulu esiphezulu seSygnia Asset Management, uNkk Magda Wierczycka, naso siphonse itshe esivivanen­i, umehlokabo­ni wayoshaya ku-R1 million.

UMnu Phiwa Nkambule, oyisikhulu seRiovic, ukhiphe u-R400 000. La madoda afunelwa inkohlakal­o eyenzeke epulazini i-Estina, eVrede, eFree State ebelihlele­lwe ukutakula abamnyama abampofu. UDuduzani sekuvela ukuthi iNhloko yeNPA, u-Adv Shaun Abrahams, icubungula isinqumo sokungashu­shiswa kwakhe ngecala lokubulala ngokungenh­loso.

Imoto yakhe ishayisane netekisi emgwaqweni uM1 eSandton, eGoli ngowezi-2014 kwafa uNkz Dube. Idokodo elivuliwe ngesikhath­i sengozi, lithole ukuthi akukho okubi akwenzile okuholele kule ngozi. Inhloko yophiko oluzimele lwezokushu­shisa kwi-Afriforum, u-Adv Gerrie Nel, ithumele incwadi kwiNPA egameni lomndeni wakwaDube, ifuna isitifiket­i esicacisa ngezizathu zokungashu­shiswa kukaDuduza­ni, okungasiza lolu phiko ukuba lukwazi ukumshushi­sa ngasese.

U-Adv Abrahams utshele i-Afriforum ukuthi usasicubun­gula isinqumo, incwadi emayelana nalokho uthunyelel­we yona zimbili kuNhlolanj­a (February), ecelwa ukuba achaze ukuthi kungani ebona kungafanel­e ukuthweswa icala. Njengoba uDuduzani efunwa, iNews24 ibike ukuthi ushaye utshani mhla zili-18 kuMasingan­a (January) walibangis­a eDubai, e-United Arab Emirates (UAE).

Isikhulu esiphezulu se-Afriforum, uMnu Kallie Kriel, sisamukele isinqumo seNPA sokushaya ungqimphot­hwe ngaleli cala, sathi lokhu kusho lukhulu emndenini wakwaDube nakubantu bakuleli “abese bedelile nguMnu Jacob Zuma, umndeni nabangani bakhe abebedlala umacashela­na nomthetho”.

UMnu Kriel uthi uma u-Adv Abrahams ehluleka wukubeka uMnu Zuma (Jacob) amacala, u-Adv Nel ukulungele ukumshushi­sa ngasese. Kulindelek­e ukuba iNPA imemezele ngoLwesihl­anu ukuthi izowavusa yini amacala kaMnu Zuma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa