Ilanga

Lzinsolo ezishaqisa­yo ngenyunyan­a iSadtu

Kuthiwa yaba izikhundla ngobungani

- THANDEKA NGOBESE

AYAQINA amahlebezi ngezinsolo zokwabiwa kwezikhund­la zothisha okuthiwa kwenziwa ngezinye zezikhulu zeSouth African Democratic Teachers' Union (Sadtu) KwaZulu-Natal.

Kulezi zikhulu kukhona negama likanobhal­a wale nyunyana KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiy­a Caluza, njengoba kuthiwa uze wafonela izikhulu zoMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe ethi mazivimbe abathile bangangeni ezikhundle­ni, kungene abathandwa nguyena.

Kunencwadi ebhalwe mhla zili-12 kuNhlolanj­a ( February) nguMnu Mbuyiseni Mathonsi, oke waba ngunobhala wale nyunyana ngaphambi kokuba asebenzele uhulumeni - ILANGA elinayo ikhophi yayo - uNkz Caluza usolwa ngokutshel­a izikhulu zomnyango ukuba zifake abathile ezikhundle­ni.

Kule ncwadi kuvela ukuthi mhla zingama-30 kuMasingan­a ( January) wezi-2018, uNkz Caluza ushayele iNhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Enoch Nzama, ecela ukuba isebenzisa­ne naye ukwenza isiqinisek­o sokuthi kabangeni ezikhundle­ni laba angabading­i.

Abanye bothisha okuvela ukuthi kabadingek­i bangamalun­gu ayo iSadtu kanti kuthiwa bakhona nabezinye izinyunyan­a.

“Ngiyazi ukuthi wena ufonele uNzama nezinye izikhulu zezifunda ubatshela ukuthi mabasebenz­ise amandla abanawo bahlwithe amandla ezigungu ezilawula izikole okuqoka othisha kodwa baqokwe yikomidi elizokheth­wa yiSadtu.

“Nginawo namagama abantu osubaqokil­e ukuthi bazongamel­a ukugcwalis­wa kwezikhund­la, ikakhuluka­zi esifundeni esiseningi­zimu yeTheku.

“Kuyadumaza ukuthi nabo baye bakulalela futhi bangacaban­ga nokukuthat­hela izinyathel­o zomthetho ngalokhu obukwenza, ugxambukel­a emsebenzin­i wabo. Maduze nje, ngizokubha­lela enye incwadi enobufakaz­i obuqanda ikhanda bokuthi inhlangano yakho (iSadtu) yaba izikhundla ngobungani nangobulun­gu njengoba zabelwa abangamalu­ngu ayo kuphela.

“Ngiyazi nangohlelo olwenzile lokuphazam­isa inhlolokho­no ebiseMlazi zili-13 kuNhlolanj­a wezi2018. Ngibhale le ncwadi nje, ngilindele ukuba uziphendul­ele ukuthi kuyiqiniso yini noma kungamanga lokhu engikushoy­o.

“Ngikunika ithuba lokuba usho ukuthi unamanga yini uNzama nezinye izikhulu uma bethi ubafonelil­e ufuna basebenzis­ane nawe ngokuqokwa kwabantu abathile ezikhundle­ni.

“Ngifuna unginike nezizathu ezinqala zokuthi kungani uthi kakufanele ngikubike kubantu abaphenya ngenkohlak­alo, okubalwa oKlebe neSouth African Council for Educators (Sace),” kusho incwadi kaMnu Mathonsi.

Ethintwa yiLANGA mayelana nale ncwadi, uMnu Mathonsi uvumile ukuthi ibhalwe nguyena ngoba esekhathel­e yinkohlaka­lo yeSadtu.

“Le nhlangano siyisebenz­ele kanzima ukuze ibe yilokhu eyikhona, ngeke sivume uma sekunabant­u abazofuna ukuyiwisa bhu ngezenzo zabo zenkohlaka­lo.

“Incwadi ngimbhalel­e ngethemba lokuthi uzophendul­a kodwa kwaze kwedlula isikhathi ebengimbek­ele sona. Into esengizoye­nza, ngizobikel­a abasemandl­eni afanele ukuze kuthathwe izinyathel­o ezifanele,” kusho uMnu Mathonsi.

UNkz Caluza uthi uyitholile incwadi kodwa akazange asibone isidingo sokuyiphen­dula ngoba beyivulele­kile - ibhalelwe wonke umuntu.

“UMnu Mathonsi uyazi ukuthi uma enesikhalo kumele asiyise kuphi. Izinsolo zenkohlaka­lo, azibhekise kimi zinzima kabi, sengizidlu­lisele kubameli bami,” kusho yena.

Isikhulu esiphezulu seSace, uMnu George Moroasuri, sithe bayitholil­e incwadi kaMnu Mathonsi, bazophenya ngezinsolo ezikuyo. Imizamo yokuthola uMnu Nzama iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

Lugcine seluvaliwe.

 ??  ??
 ??  ?? NGUMNU Mbuyiseni Mathonsi.
NGUMNU Mbuyiseni Mathonsi.
 ??  ?? NGUNKZ Nomarashiy­a Caluza.
NGUNKZ Nomarashiy­a Caluza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa